Ziyezwakala izigi zabesifazane kwezemidlalo kuleli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usuku nosuku fuze ingabe kugujwa usuku labesifazane, kungabi ukuthi lugujwa mhla ziyi-9 kuNcwaba kuphela. Abantu besifazane iningi indima abayidlalayo, ingakho bedinga ukubongwa nsuku zaphuma.
Eminyakeni edlule ngingomunye wabantu obekhala kakhulu ngibona ukuthi abantu besifazane kwezemidlalo abakutholi ukusekwa okwanele.
Ngalokhu bengihlezi ngizibuza ukuthi ngabe uHulumeni uthule uthini ngalolu daba ngoba phela akumina ngedwa obebona le nkinga ethathe iminyaka ikhona.
Kodwa muva nje kuyangijabulisa ukusekwa kwabantu besifazane, cishe kuzona zonke izinhlaka zezemidlalo.
Kuyangijabulisa ukuthi uMnyango WeZemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal wenza kahle kakhulu, ngaphandle kokungabaza ngiwubona kuyiwo ohamba phambili kuzo zonke izifundazwe uholwa ngumphathiswa wesifazane uHlengiwe Mavimbela. Cishe baningi ababebungabaza ubuholi bakhe kungekhona ukuthini kodwa ngoba engumuntu wesifazane.
Kunobhutshuzwayo kuyangijabulisa ukuthi sineligi yabesifazane ebizwa ngokuthi iHollywoodbets Super League. Ngiyibukile imidlalo yale ligi eminingi, okwenzeka kuyona kunginika ithemba lokuthi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uzoba nenkinga enhle ekutheni aqoke iqembu lesizwe.
Abadlali abaningi bathole ithuba lokuthi bayodlala phesheya kwezilwandle ngayo le ligi omunye walabo badlali uLebogang Ramalepe odlalela iDinamo Minsk, yaseBealurus. Abanye abadlali abakhiqizwe iHollywoodbets League ukubala abambalwa nje uJanine van Wyk no-Ode Fulutudilu beGlascow City yaseScotland, Refiloe Jane we-AC Milan eItaly, Keslo Peskin weStade Brestois yaseFrance, uThembi Kgatlana we-Atletico Madrid yaseSpain, uNoko Matlou weSD Eibar yaseSpain, u-Amanda Mthandi weCD Badajoz yaseSweeden noLinda Motlhalo kwiDjurgardens IF.
Kumqhudelwano we-UEFA Champions League Women bane abadlali bakuleli abazobe bedlala lo mqhudelwano, lapho kubalwa uJanine, u-Ode, uThembi noRefiloe.
Okungichazayo ngeligi yakuleli yabesifazane ukuthi impelasonto nempelasonto kuba nomdlalo ovezwayo kuSABC 1, lokho kutshengisa ukuthi usukhona umehluko ekutheni kusekwe “Inzalabantu”. Phezu kweHollywoodbets Super League kuphinde kube khona iSasol League yona edlalwa ngokuhlukana kwezifundazwe, nayo inabadlali abanethalente eliyisimanga. Ngikhuluma ngale ligi nje iqembu eligijima kuyona laKwaZulu-Natal iSunflower WFC inabadlali abangaphezulu kwabayi-5 abadlala eqenjini lesizwe.
Kuzo kwezanobhutshuzwayo intokazi u-Akhona Makamila ingunompempe wokuqala wesifazane odlalisa esigabeni esikhulu lapha eNingizimu Afrika udlalisa ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL). Umsebenzi wakhe uwenza kahle kakhulu, nginethemba lokuthi uzovulela abesifazane abaningi amathuba.
Nakwezomnqakiswano esifanayo usunakwe kakhulu lo mdlalo, buka nje iNingizimu Afrika iyizwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingatha iNdebe YoMhlaba yalo mdlalo ezokuba ngonyaka wezi-2023. Ezinyangeni ezedlule kwavela izindaba ezimnandi kumenyezelwa ukuthi sekuzokuba khona iligi yezikole ebizwa ngokuthi iDStv Schools Netball Challenge, le ligi ixhaswe ngabakwaMultichoice. Kuyimanje isamisiwe ekutheni iqale ngenxa yokhuvethe.
Kuzo ezithinta ibhola lomnqakiswano uBongiwe Msomi ongukaputeni weSA Proteas, ulinxusa layo iDStv Schools Netball Challenge. Le ntokazi yakwaMsomi isanda kusayina ngaphansi kwenkampani iRoc Nation ezophatha izindaba zayo. Le nkampani ehowa isihlabani somculi waseMelika uJay-Z iphinde iphathe izindaba zikaSiya Kolisi ongukaputeni wamabhokobhoko. Ngonyaka wezi-2023 iNingizimu Afrika izosingatha iNdebeYoMhlaba yebhola lo mnqakiswano.
Kwikhilikithi iMomentum Proteas yenza kahle kakhulu emdlalweni ye-One Day International (ODI) neye-T20 International emhlabeni kuyona yomubili loluhlobo lwemdlalo sikeliswe endaweni yesithathu emhlabeni. Kwababhethayo kwe-ODI uLizelle Lee ukeliswe endaweni yesibili, uKaura Wolvaardt yena ukeliswe kwele-10. Kwabashwibayo uMarizanne Kapp ukeliswe kweyesi-3, uShabnim Ismail kweyesine, u-Ayanda Khakha yena kweye-10. Kanti emdlalweni yeT20i uShabnim kwabashwibayo ukeliswe endaweni yesibili.
Kwezethenisi uKgothatso Montjane udlala ngesitulo esinamasondo, ungowokuqala kuleli wesifazane woHlanga ekutheni adlale kuqhudelwano ongaphansi kweGrand Slam iWimbledon. Kulo mqhudelwano kulo nyaka uhlulwe emdlalweni wamanqamu.
Kanti neminye imiqhudelwano engaphansi kweGrand Slam useyidlale yonke okubalwa i-US Open, iFrench Open ne-Australian Open.
Kwezamankomane oyisikhulu esiphezulu kulo mdlalo ngowesifazane lowo nguCindy Nkomo.
EToyko lapho kade kusingethwe umqhudelwano wama-Olympics abesifazane ibona abakwaze ukugqiba ihlazo ekutheni iNingizimu Afrika ikwazi ukubuya nezindondo ezintathu, ibuye namasiliva amabili negolide elilodwa. Lezo zintokazi uTetjana Schoenmaker ongumbhukudi noBianea Buitendang weSurfing.
Bayadingwa ukusekwa abesifazane, lining ikhono elikhona kubona kodwa kunzima ukuba libonakale ngoba banokusaba ekutheni ngeke bakuthole ukusekwa okwanele.