Now Reading
Kubhekwe lukhulu kumdlali omusha osemncane we-Richard Bay FC
Dark Light

Kubhekwe lukhulu kumdlali omusha osemncane we-Richard Bay FC

Lowo nguLangalakhe Mhlongo othole ithuba lokuthi agijime kuGladAfrica Championship, eqenjini lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC nasayine nalo inkontileka yeminyaka emibili.

“Ngijabule kakhulu ukuthola leli thuba. Ngizwa engathi uhambo lwami lalapho engifuna ukuba khona yima luqala manje” kusho uMhlongo.

UMhlongo ubegijima ku-ABC Motsepe ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal i-Ethekwini Coastal, uthulwe ngokusemthethweni ileli qembu kanye nabanye abadlali abali-10 abasha.

Abanye abadlali abasayiniswe iRichards Bay FC, uMpho Mathebula osuka kuSupersport United, u-Ayanda Ngwenya obekwiKwaDabeka Sporting, uThulani Ndlela obekwiSekhukhune United, uSiphosethu Meveni obekwiZizwe United, uVusumuzi Mngomezulu osuka kwiPolokwane City, u-Asanda Dyani obegima kuCape Umoya, uSphelele Magubane noSomila Ntsundwana akade beku-AmaZulu FC.

“Ukhona umbuzo othi ngikulungele yini ukubhekana nobunzima bakulesi sigaba. Mina ngazalwa ngikulungele ukubhekana nanoma isiphi isimo, yisona sikhathi sokuthi iNingizimu Afrika yonke yazi ukuthi khona umdlali okuthiwa uLangalakhe Mhlongo” usho kanje uMhlongo.

Lo mdlali ungowokudabuka KwaMashu, esigcemeni saka C uneminyaka yobudala engama-20. Waqala ukuzibandakanyisa nonobhutshuzwayo eneminyaka eyi-7, udlale kwi-KZN Real Rabbits, iMagic Future Stars, iDurban FC, iRainham ne-Ethekwini Coastal.

Edlulisa umyalezo kubadlali abancane abafisa ukufika kulesi sigaba akuso uthe: “Ikhono lilodwa kunobhutshuzwayo alisebenzi nhlobo, kumele uqine kukhona konke bese usebenza ngokuzikhandla ngasosonke isikhathi. Okwenza ngisho njalo ingoba kungakuthatha iminyaka eli-10 ungafikanga lapho ofisa ukuba khona” usho kanje oqede amabanga aphezulu eDr John Langalibalele Dube High School.

Lo mdlali oyibamba esiswini uthe abantu abamfakele ungqozi kube nguMhlengi “Terere” Nxele ongumsunguli weMagic Future Stars, uSfiso Zungu oqeqesha iMagic Future Stars, uSkhuma Miya noLindani “Mantayi” Shezi be-Ethekwini Coastal kanye noSiyabonga Mthembu oseqeqesha Isicelo Sport Skills Development.

See Also

Udlale kwimiqhudelwano emikhulu yezikole lapho kubalwa iMcDonald Schools National Tournament, iCoca Cola, iKay Motsepe Schools Cup. Udlale nomqhudelwano wamaqembu i-Engen Cup. Lo mdlali uyazifela ngoThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns noPedri ongumdlali weFC Barcelona yaseSpain. Uzimisele ukuthi bese eneminyaka engama-22 agijime kuDStv Premiership.

ElaboHlanga likhulume noNxele ophinde abe nguthisha eDr J.L Dube High School, uthe: “Sijabule sonke esikoleni kanye naseqenjini imbala ukuthi umdlali okhiqizwe ithina uthola ithuba elihle kangaka. Akukho engingakusho ukuthi ngithi kuwumyalezo kuyena ngoba uyazi besinawo amaLife Skills lapho besikhulisa khona abadllai bethu ukuthi mese befike kulesi sigaba ikuphi okumele bakwenze. Uyidlalile imiqhudelwano emikhulu yonke ngempumelelo okusho ukuthi ukhulile. Ngangazi ukuthi siyofika lesikhathi kodwa ngangingazi ukuthi nini” kusho uNxele othe eminyakeni emine ezayo lo mdlali  umbona egijima ku-Orlando Pirates.

Leli phephandaba liphinde lakhulu noShezi yena uthe: “Ungumdlali omncane onekusasa eliqhakaze kakhulu, uzithobile ukhuliswe kahle inkulisa iMagic Future Stars enabaqeqeshi abazithobile. Ngimufisela konke okuhle, angingabazi ukuthi uzodlala kuBafaba eqembu ngelinye ilanga” usho kanje.

IRichards Bay FC ihambise  u-Allan Freese obengumqeqeshi wayo yabeka uPitso Dladla njengomqeqeshu omusha uzolekelelana noRonnie Gabriel noSibususo Msomi. 

Scroll To Top