Now Reading
Uphakamisa ukusetshenziswa kwabasebancane kuMayoral Cup
Dark Light

Uphakamisa ukusetshenziswa kwabasebancane kuMayoral Cup

Umqeqeshi weqembu la-AmaZulu FC eligijima kuDStv Diski Challenge (DDC), uSboniso “Nini” Vilakazi uxwayisa abahlela imidlalo eyaziwa ngokuthi iMayoral Cup abasebenzise izingane ezincane.

UVilakazi usho lokhu ngesikhathi kade ehambele imidlalo yeJozini Mayoral Cup ekade iqedelelwa ngeSonto eledlule. Inhloso yokuhambela kwale midlalo kaVilakazi bekuwukuzohlola ikhono, kubadlali abancane.

“Ukuhambela imidlalo eyaziwa ngeMayoral Cup, siyayihambela kakhulu kwazise ikhono into esiyibheka yonke indawo njengabaqeqeshi abaqeqesha emazingeni amancane. Ngiphatheke kabuhlungu ukuthi lapha eJozini ngifike ngibone amaqembu esebenzisa abadlali abadala, esekungaba nzima ukuthi bedlale esigabeni esiphezulu. Umqhudelwano wona uhambe kahle kakhulu, inkinga nje abadlali laba thina esiqeqesha esigabeni esiphansi bebeyibuka le midlalo,” kusho uVilakazi.

Inhloso yale midlalo yaminyaka yonke isuke kusuke kuwukuzilungiselela imidlalo eba ngoZibandlela eyaziwa ngamaSouth African Local Government Association (Salga) Games. AmaSalga akulonyaka azobanjelwa eNewcastle kusukela mhla ziyi-8 kuya mhla zili-11 eNewcastle.

Eqhuba uVilakazi uthe: “Ngokwami nje kwimiqhudelwano elandelayo akwenziwe imiqhudelwano ebandakanya yabadlali abaneminyaka engaphansi kweli-19 neli-17, ukuze uma sifikile sizokwazi ukubabona abadlali abancane noma singeke sibasebenzise mhlambe ngaleso sikhathi kodwa kuhle ukuthi sibathole besabancane ngoba sokwazi ukubacathulisa kahle beze befike ezingeni. Iqiniso kunzima ukusuka emakhaya uye eThekwini okanye eGoli lapho okunamathuba amaningi khona, ingakho abahleli bemiqhudelwano abenze efaka kakhulu abadlali abancane”.

UVilakazi iqembu aliqeqeshayo lisendaweni yesithathu kulogi yeDDC. Uthe okwamanje abazibhekile ekutheni banqobe iligi, kodwa basafuna ukwakha iqembu eliqinile. Abadlali abaqhamuka eJozini abadlala kwi-DStv Premiership, uSiyabonga Mpontshane ongunozinti we-Orlando Pirates noNqubeko Dlamini yena oyibamba kwiLamontville Golden Arrows.

Abanye akade behambele ijozini Mayoral Cup, uComfort Thusi obhekelele ezokuxhumana kwiLamontville Golden Arrows noVusimuzi “Kanu” Vilakazi ongumqeqeshi weqembu elikhulu leLamontville Golden Arrows.

See Also

Imeya kaMasipala eJozini uMfananaye Mathe uthe le midlalo ayidingi ukuthi yenziwe kanye ngonyaka, ngoba ilusizo olukhulu entsheni.

“Inkinga esibhekene nayo lapha eJozini intsha yethu eningi icwile kakhulu ekusetshenzisweni kwezidakamizwa. Okunye okukhathazayo wukuba phezulu kwezinga lobugebengu, okubalwa ukugqekezwa kwezitolo. Ukuba khona kwemidlalo efana nalena isiza intsha ukuthi ichithe usuku ezinkundleni ingacabangi izinto eziseceleni,” kusho uMathe.

Eqhuba uthe: “Isifiso sami ukuthi intsha efundayo iye esikoleni ibuye iyojima. Ikhono into esinayo lapha endaweni yethu, ngiyafisa imiqhudelwano enjengalena ihlezi ikhona kube iyona yonke iminxa yezemidlalo,” kubeka uMathe.

Scroll To Top