Now Reading
Uyaqhubeka umshikashika weqembu lesizwe lo mbhoxo kule mpelasonto
Dark Light

Uyaqhubeka umshikashika weqembu lesizwe lo mbhoxo kule mpelasonto

AmaBhokobhoko ngeledlule asonge imidlalo yochungechunge neBritish & Irish Lions, emidlalweni emithathu ebibanjelwe eKapa. Elakuleli linqobe imidlalo emibili lahlulwa kowodwa okusho ukuthi yilo elinqobe uchungchunge ekubeni lagcina ukudlala kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2019.

Kule mpelasonto libhekwe ekutheni liqhubeke nokwenza kahle uma leli qembu selibhekene ne-Argentina kwi-Rugby Championship ngoMgqibelo. Lo mdlalo uzoqala ngele-17:05 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium.

Amanye amaqembu ayingxenye yeRugby Championship, i-Australia neNew Zealand. Nawo la mazwe azotholana phezulu khona kusasa emdlalweni ozoqala ngele-9:05 e-Eden Park okuyinkundla yeNew Zealand.

Ngesikhathi umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber ememezela isikimu esizoqala umdlalo, okugqamile ukuthi wenze izinguquko ezili-12 eqenjini eliphelele elidlale umdlalo wokugcina namaBritish & Irish Lions ngempelasonto eyedlule. Ushintshe abali-10 esikwatini esizowuqala umdlalo, washintsha ababili ebhentshini.

Bahlanu kuphela ababewuqalile umdlalo akade bekhona futhi ngeledlule abazoqala ngoMgqibelo, ngukaputeni uSiya Kolisi, u-Eben Etzebeth, uLood de Jager, uJasper Wiese noCobus Reinach.

Phambili kwi-scrum u-Ox Nche uzobambisana noDweba noWilco Louw , emuva kwaso indawo ka-Franco Mostert izothathwa nguKwagga Smith.

U-Elton Jantjies unikwe umsebenzi wokulawula umdlalo kwi-flyhalf, uFrans Steyn noJesse Kriel bazovala izikhala zikaDamian de Allende noLukhanyo Am.

Emaphikweni kuzogijima abamaSharks, uSbu Nkosi no-Aphelele Fassi, bese kuvala uDamian Willemse emuva kwi-fullback.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Niebaber ephawula ngokwenza kwakhe izinguquko uthe: “Kunzima ukudlala amasonto amahlanu elandelana, ngibala imidlalo emithathu namaBritish Lions nale emibili esizoyidlala ne-Argentina. Kusemqoka ukuthi silishintshe iqembu kodwa lokho akuchazi ukuthi siyayedelela i-Argentina. Empeleni siyihlonipha kakhulu, yingakho sikhethe ukuletha abadlali abanomdlandla ngoba silindele omunye umdlalo onzima.

See Also

Uma ubheka irekhodi le-Argentina, seyidlale imidlalo eyisikhombisa selokhu kwadlula iNdebe yoMhlaba, yahlulwa kowodwa kuphela. Idlale kabili neNew Zealand, kabili ne-Australia, badlala kabili ne-Wales, engompetha beSix Nations, badlala kanye neRomania. Wonke lawo maqembu ayingozi kabi. Ngiyagcizelela ukuthi asiyithathi kancane neze i-Argentina” kusho uNiebaber.

Umdlali obhekiwe ukuthi agqame uJantjies ohlezi ekhona ezikhathini eziningi ebhentshini lamaBhokobhoko, kwazise ubanga ijezi noHandre Pollard ogila izimanga muva nje.

Ekhuluma nabezindaba uthe: “Ngihlezi ngisho ukuthi uma usemncane, ugxila kakhulu kuze uzofunda ngokushesha lapho oncela khona ulwazi. Ufunda abadlali odlala nabo eqenjini ukuthi badlala kanjani, ngamafuphi nje uSbu (Nkosi) odlala ophikweni ngiyamazi ukuthi udlala kanjani ngoMgqibelo lokho ngizokukhombisa ngoba ngizomfunza ngamabhola” usho kanje uJantjies.

Kusukela aqala ukudlalela amaBhokobhoko ngonyaka wezi-2012 usedlale imidlalo engama-38.

Scroll To Top