Ingwazi yamaBhokobhoko iphefumula ngofanele ukucija elesizwe
Kunenqwaba yamagama avelayo kwababheke ukucija leli qembu
Ifuna sithathwe ngumqeqeshi oseqine ukhakhayi isikhundla sokucija Amabhokobhoko ingwazi yeqembu lesizwe uVictor Matfield.
Lolu nkonko olwanqoba iNdebe yoMhlaba ngowezi-2007 naMabhokobhoko ngaphansi kobuholi bukaJake Whites lixoxe nelaboHlanga ngodaba olusematheni lozovala isikhala sikaJacques Nienaber.
Ekupheleni kweNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eFrance uNienaber uzozibeka phansi izintambo zokupheka Amabhokobhoko.
Uzojoyina iqembu lase-Ireland, iLeinster. Inhlangano eyangamele ibhola lombhoxo eNingizimu Afrika ayikacacisi ukuthi isikhala sikaNienaber sizovalwa ngubani.
Emasontweni amabili adlule le nhlangano imemezele ukuthi ivuselele inkontileka yabasizi bakaNienaber ngeminyaka emine. Abasizi bakhe nguMzwandile Sticks, Deon Davids noDan Human. EkaRassie Erasmus iphela ngowezi-2025 njengamanje lo mqeqeshi unqobe iNdebe yoMhlaba naMabhokobhoko ngowezi-2019, kanti manje ungumqondisi wombhoxo.
“Konke kuzoncika ekutheni u-Erasmus uthatha siphi isinqumo uma kuphela iNdebe yoMhlaba ngokubona kwami. Uma ehlala njengomqondisi wombhoxo okuyinto aseyenze isikhathi eside angeke ngithuke uma isikhundla sinikwa uDavids ozakhele igama ngempumelelo yakhe kuKings. Uma uRassie ezibeka phansi izintambo ngingathanda ukubona kuqokwa umqeqeshi oseyinkunzi emidwayidwa,” kuchaza uMatfield osathatha umhlalaphansi.
Kunenqwaba yamagama avelayo kwabagaqele isikhundla sokupheka Amabhokobhoko.
“Kunabaqeqeshi ababili engicabanga ukuthi bangasiphatha kahle isikhundla sokucija Amabhokobhoko. Lapha ngikhuluma ngoJohan Van Graan noJohan Ackermann. UVan Graan uke waba yiphini kuMabhokobhoko iminyaka emihlanu. Njengamanje ulolonga iBath. Uke wasebenza nakwelinye la maqembu ahlonishwayo, iMunster. U-Ackermann wenze ezibukwayo kumaLions. Kuyimanje ukwi-Urayasu D-Rocks,” kuqhuba yena.
U-Ackermann uzibekisele indawo kweyamanqamu amathathu eSuper Rugby namaLions eminyakeni eyedlule kodwa ngebhadi akangakaphumelela.
“UVan Graan usevuthiwe. Ubekhona iBlue Bulls inqobe iSuper Rugby amahlandla amathathu. Usebenzile noHeyneke Meyer ngesikhathi esahola Amabhokobhoko. Bobabili uVan Graan no-Ackermann banesipiliyoni sokuqeqesha ezingeni lomhlaba,” kuchaza uMatfield.
Amabhokobhoko azobuyela ensimini ngoNtulikazi uma esedlala iRugby Championship lapho ezobhekana neNew Zealand, Australia ne-Argentina ngaphambi kokuthi abhekisa amabombo eFrance eNdebeni yoMhlaba.
“Angiqondi ukuthi bazomisa kanjani uma beqasha umqeqeshi ongasiyo ingxenye yamaMabhokobhoko. Noma kungawubani ozonikwa lo msebenzi uzofuna ukuzikhethela ukuthi ufuna ukusebenza nobani. Njengoba amaphini kaNienaber eselulelwe izinkontileka kazi bahlele ukumisa kanjani. Umqeqeshi omusha ngeke afune ukubhekana nezinselelo zemiphumela uma engazikhethelanga abantu abafuna ukusebenza nabo. Umqeqeshi kumele anikwe igunya lokuzikhethela ukuthi ufuna ukusebenza nobani hhayi ukuthi afunzwe,” kulandisa uMatfield.
Amabhokobhoko yiwona avikela iNdebe yoMhlaba. Abheke ukwenza umlando. INew Zealand iyona kuphela esake yanqoba iNdebe yoMhlaba amahlandla elandelana.
Yanqoba iNdebe yoMhlaba ngowezi-2011 nangowezi-2015. Njengamanje ama-All Blacks abambene naMabhokobhoko ngezicoco ezintathu izwe ngalinye.
Amabhokobhoko ayinqoba ngowe-1995, 2007 nangowezi-2019.
“Amabhokobhoko ngiyawathemba. Angasivikela isicoco seNdebe yoMhlaba. Ithimba labaqeqeshi belikhona ngowezi-2019 izwe liphumelela. Iningi la badlali nalo lisekhona. Lesi yisikwati esinesipoliyoni kuzo zonke izindawo. Bangabuya nayo indebe,” kusho uMatfield.
Amabhokobhoko aboshelwe eqoqweni elilodwa neScotland, Ireland, Romania neTonga. Njengamanje abambe umoya ngoSiyamthanda Kolisi osanda kuhlinzwa edolweni.
UKolisi uyinsika aphinde abe ngukaputeni weqembu. Ulimale edlala eqenjini lakhe iSharks emavikini amathathu adlule ku-United Rugby Championship (URC).