Umlando waseSandlwana uyokhumbuleka kwizizukulwane eziyolandela



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kuqhubeka kushicilelo oludlule: Ngenkathi iNkosi uSenzangakhona ihambele kwaMthethwa naBantwana kanye neNdlunkulu, induna uMahole wayengomunye owayephekezela kulolu hambo lwayo. Ngakho uTshingwayo lona wayezalelwe khona eNdlunkulu azi yonke imisikotho yakhona.
Njengoba iSilo uCetshwayo sasingezukuya empini eSandlwana, kwafuneka ukuba impi yonke yaso siyinike induna eqotho nelalelayo. Kwathi uma iSilo uCetshwayo sesifuna ukuthola ongaba ngumdidiyeli wempi yaso kwathi abaphathi bamabutho bakhomba uTshingwayo. Kwathi noma babekhona abanye kepha uMkhandlu weSilo wavumelana ngazwi linye ngoTshingwayo. Lelo thuba lokuthenjwa kwakhe uTshingwayo walisebenzisa ngenkulu impumelelo wadla umhlanganiso wokuqala eSandlwana.
UTshingwayo yiqhawe elingasoze lalibaleka emlandweni nasezizukulwaneni ezizayo ngokunqoba kwempi eyayiholwa nguye eSandlwana.
Kwathi amaNgisi esabeheke ukubuya kwezinhloli zawo zabeSuthu kanye nezikaZulu ezase zihlangene nawo, kanti sekuqhamuka amabutho kaZulu. AmaNgisi ayesekamu eSandlwana kwathi lapho ehlola ngezipopolo zawo awabona amabutho kaZulu, asecabanga ukuthi izinhloli zabeSuthu esezibuya ukuyohlola impi. Kanti sebeshaye phansi kwashunqa sekunguye uZulu. Kwathi lapho impi isondela ishesha baqala manje ukubona ngemvunulo ukuthi kanti sekunguye uZulu.
Kwakusekuseni ngovivi, kuntwela ezansi empumalanga lapho kwezwakala khona umphathi wempi yamaNgisi ememeza ehlaba umkhosi ethi amabutho ache awahlale phezu kwezikhalui nangu uZulu esebaficezela. Pho usasho ngaphi ngoba uZulu wayesephungwa ngezithebe.
Umfoka Mahole kanti usephake eyakhe impi kuqala. Waliqonda ngqo ikamu lamasotsha, ekhaphuzela kuhle komlilo wequbula lesikhotha somlalane usugola izintethe. Kwala noma sezibhadla ziphindelela izinganono, zibonakala zilala zelakanyana izinsizwa zeNkosi, kepha ezinye zazibeqa ngaphezulu zilokhu zishilo ngengila zithi “Akashongo njalo okaNdaba” Kuwona lowo mnyama kwakuzwakala amabutho kaZulu esehlaba umthokozi ethi “Ngada ngenkomo kaBaba.” Zizodwa okwakuthi uma kuqhuma ombayimbayi, zilale phansi zigaqe ngamadolo kuthi lapoho zivuka khona, zizwakale zzihlaba umthokozo. Kwakuzwakala abanye bememeza bethi “Uyadela wena osulapho”
ISilo sasikade sinyathela uSelwa seshwama. Amabutho kaZulu ayeqhamuke ngemizila yonkana, bayisonga bayigoqa impi yamaNgisi kuhle komuntu esonga icansi. Bayigwaza bemuka nayo baze bayoyiweza umfula uMzinyathi.
Izidumbu zamaNgisi noZulu zalala ucaca ngaphansi kweSandlwana esinye phezu kwesinye, zehla njalo ngomzila wempi zaze zayofika khona Emfuleni uMzinyathi. Kuthe lapho ezinye izikhulu zikaZulu zithi impi ayiwele iyobaqedela eShiyane bathi wala uMntwana uZibhebhu. Wathi impi ingabe isawela ayibuyele emuva ngoba sebeyinqobile impi ebisayinwe iNkosi phansi. Phela impi yesifungo Phakathi kweSilo uCetshwayo namaNgisi yayaziwa ngokuthi “ Ngulanga linye” eSandlwana. AmaNgisi athi eNgonyameni uCetshwayo akabale iziboya okhandeni lwenkomo asethi amabutho eNdlovukazi angako.
Kwathi iSilo uCetshwayo sona sacaphuma uphoko lwagcwala isandla saluchitha phansi phambi kwezithunywa zamaNgisi kanye nabaholi bamabutho kaZulu sase sithi abalubale. Behluleka ukulubala. Sase sithi kubo, impi kaZulu ingako.
Umntwana uZibhebhu wathi kulabpo ababethi akudlulwe eShiyane “ Impi yeSilo kade niyibambile nilingisa uNdlela kaSompisi. Ngiyofike ngiyitshele iNkosi” UNdunankulu uMnyamana waphendula wathi “ Uthini uZibhebhu, uthi impi kade siyibambile? Mina ngiyokugwzela ezibuyeni” Umntywna uZibhebu akabange esawela ukuyolwa eShiyane. AmaNgisi afika amnqoba uZulu eShiyane. Lokhu kwafana nesimanga kuze kube namuhlka ngoba phela laphaya eShiyane kwakusele iningi lamakhehla nezalukazi, kanye nalawo masosha ayegade ikamu. Ukunqoba kukaZulu eSandlwana kwaphenduka ize. Yilapho uGwebisa emusho khona okaNdaba ethi:
OkaNdaba wayengasenakwephuka kwaNolele
Ukuba wayephuka wayeyokwephuka eSandlwana
Umhasha kanjena nje yingoba abelungu ahlabana ngabo eSandlwana akakho owayengababala ukuthi babebangakhi. Kuthiwa kwathi uma bebuya eSandlwana iSilo uCetswayo sathi kuMntwna uZibhebhu anagbe esaphuma nempi kepha akagadeemfuleni imfolozi emhlophe ukuba amasosha abelungu angayiweli.
Ingonyama yamnika ibutho lezinsizwa kanye nenduna uMathashile kaMasiphula Ntshangase okunguyena ayezosizana naye. Kwathi besagadile babona izithunywa zeSilo uCetshwayo zigquba izinkomo zekhethelo zaseNdlunkulu kaZulu zenyonikayiphumuli zizowela iMfolozi. Kuthiwa wabuza uMagasa ukuthi zisiwaphi. Kuthiwa izithunywa zamphendula ngokuthi iNgonyama uCetshwayo iyoshweleza ngazo emeNgisini. Bathi uMntwana uZibhebhu washaya phansi ngonyawo wathi ziyophuma eNdlunkulu sebefile bonke KwaZulu. Wathi ngizolwa ngife ngivikela isihlalo sakwethu soBukhosi bukaZulu.
Kangisoze mina njengeNkosana yaseKhohlwa ngivumele ifa elingumnotho nomcebo oyigugu likaZulu uphelela ezandleni zamaNgisi. Wathi kepha ngivikela ifa lakwethu loBukhosi njengoMntwana oyiNkosana yaseKhohlwa esihlalweni soBukhosi eNdlunkulu. Angikwazi ukunikela ngefa laseNdlunkulu elakhiwe yiSilo uShaka ngegazi nezithukuthuku zikaZulu.
Kuthe nje ekubuyeni kukaZulu eSandlwana abelungu baweqa umngcele wezwe lakwaZulu nxazonke sebepjikelela ukuyodla Undi uqobo lwalo. Kuthe uMntwana uZibhebhu ehlola enyusa iMfolozi emini bebabde, wathola amasosha amaNgisi ebhukuda lapho kungenisa khona umfula uNolele.