UMalepe akagculisekanga ngamalungiselelo ngaphambi kweyama-Olympics



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukaputeni weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-23, uTercious Malepe uyavuma ukuthi awahambanga neze ngendlela abebefisa ahambe ngayo amalungiselelo emidlalo yama-Olympics.
Usho lokhu nje abadlali ababili basemagunjini ngabodwana lapho belulama khona njengoba betholakale negciwane ukhuvethe khona eToyko okuyilapho kuzosingathwa khona ama-Olympics.
Labo badlali uThabiso Nonyane we-Orlando Pirates noKamohelo Mahlatsi weSwallows FC, omunye otholakale nokhuvethe uMario Masha yena oyi-Video Analysist.
Emdlalweni yesihle edlalwe ileli qembu litholene ne-Egypt, lahlulwa kuyona yomibili imidlalo ngamagoli amabili eqandeni kowesibili lahlulwa ngamathathu eqandeni.
“Uma ngikhuluma iqiniso, akubanga into elula neze kuthina le ukuyizwa ukuthi kunabadlali abanokhuvethe. Kodwa esikwaziyo ukuthi size lapha sazi kahle kamhlophe ukuthi singaphansi kwesikhathi esinzima salo ukhuvethe. Kodwa sinzima lesi simo esikuso manje” kusho uMalepe.
Lo mdlali oke wagijima kwi-Orlando Pirates neChippa United kungenzeka agijime eqenjini lasesifundazweni iKwaZulu-Natal, AmaZulu FC. Izingxoxo zakhe naleli qembu zizoqedelwa uma esebuye eToyko
“Noma kunjalo, singabadlali bebhola elikhokhelwayo kumele sibhekane naso lesi simo. Akulula neze ukuchitha izinsuku ezintathu usegunjini elilodwa, kodwa-ke lesi isimo esingeke sikwazi ukusilawula. Ngihlezi ngibatshela ozakwethu ukuthi uma kukhona isimo esingakwazi ukusilawula, kumele silandele imithetho. Kubuhlungu kakhulu kubadlali abangeke babe yingxenye yeminye imidlalo yethu. Akuyona neze into emnandi ukubona uzakwenu ephuthwa ithuba lokudlala umqhudelwano omkhulu njengalo ngenxa nje yento eyisifo esifana nokhuvethe. Impela kubuhlungu” kusho uMalepe.
UMalepe uzodlala lo mqhudelwano okwesibili njengoba naseRio de Janerio eBrazil ngonyaka wezi-2016 wayekhona.
Uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuthi benze kahle kulo nyaka, njengoba bengenzanga kahle eBrazil.
“Ngangikhona eBrazil, ngafunda ukuthi kulikhuni kangakanani ukubhekana nezwe elisingethe umqhudelwano. Nakulokhu isimo esifanayo njengoba sizovula neJapan nje. Iyona ezobe inengcindezi enkulu ngoba izofuna ukuza kuthina ngokuzithemba, thina okumele sikwenze ukudlala ibhola lethu nje, bese senza lokhu esikufisayo okuwukunqoba lo mdlalo” kusho uMalepe.
Umdlalo uzokuba ngoLwesine ngehora lokuqala emini eToyko Stadium.