Abe IEC nomqansa wokuhlehlisa ukhetho
Ongoti bomthetho bathi isinyathelo seDA sokuya enkantolo ngenhloso yokuzama ukulwisana nesicelo senhlangano ebhekelele ukhetho yakuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), sokuba kuhlehliswe ukhetho lohulumeni bezindawo obekulindeleke ukuba lubanjwe ngoMfumfu zingama-27 nonyaka sinaso isisekelo sempumelelo.
USolwazi uPierre de Vos ongungoti ezindabeni ezithinta umthethosisekelo uthe umthethosisekelo wakuleli usobala uthi ukhetho kumele lubanjwe njalo emva kweminyaka emihlanu.
“Uma ukhetho selubanjwa ngoNhlolanja ngonyaka ozayo lokho kuzobe sekuphambene nomthethosisekelo wezwe,” kusho ude Vos.
Uthe kwayona iNkantolo yoMthethosisekelo okuyiswe kuyona udaba, akusiyo inkantolo ofanele ukuba ilalele lolu daba.
“Akucaci ukuthi inkantolo izokhipha isinqumo esithini, kodwa uma ivuna isicelo se-IEC lokho kuzobe kuphambene nomthethosisekelo futhi kuzodala ukuthi kube nokhondolo olubi,” kusho ude Vos.
Uthe nakuba kuphambene nomthethosisekelo ukuthi ukhetho luhlehle kodwa uma kwenzeka luqhubeka njengoba kuhleliwe luzoba yinsambatheka ngoba amalungiselelo azobe engenziwe ngendlela efanele.
Ummeli uMnu uMpumelelo Zikalala naye uhambe emazwini ka-de Vos wathi iNkantolo yoMthethosisekelo akuyona inkantolo efanele ukuba ilalele lesi sicelo.
“Umbuzo okhona ukuthi kungani kujonjwe inkantolo eyakhelwe ukulalela izindaba zokhetho, i-Electoral Court kwayiwa phezulu kwiNkantolo yoMthethosisekelo,” kubuza uZikalala.
Uthe uma kwenzeka iNkantolo yoMthethosisekelo ikhipha isinqumo esivuna i-IEC lokho kuzobe kuwukucindezela ilungelo labantu lokuzikhethela uhulumeni abamfunayo ngevoti.
“Umthethosisekelo wakuleli ucacile, uthi ukhetho kumele lubanjwe ngemuva kweminyaka emihlanu, uma iNkantolo yoMthethosisekelo ithi ukhetho aluhlehle lokhu kusho ukuthi isigaba somthetho kuzomele sichitshiyelwe, umbuzo uthi sinaso yini isikhathi sokwenza lokho,” kusho uZikalala.
NoZikalala uthe izincomo zokuthi kuhlehliswe ukhetho azinaso isisekelo futhi azibambeki.
“Ukuthi ukhetho ngeke lube ngolukhululekile nokuthi uma luqhubeka kuzobhebhethekisa ukhuvethe lezo izizathu ezingabambeki, ingani abantu bahlale beba bamba olayini ezitolo uma beyothenga ukudla noma beyohola izibonelelo zikahulumeni lokho kuhluke ngani uma bezophuma beyobamba olayini beyovota,” kusho uZikalala.
Uthe ukwehluleka kwamaqembu ekuholeni abantu akumele kwenziwe izaba baphinde bancishwe nelungelo labo elikumthethosisekelo lokuvota.
“Uma kuthiwa amaqembu ngeke akwazi ukukhankasa ngendlela leyo inkinga kabani ngoba amaqembu kumele ahlale njalo ekubantu angalindi ukuthi aze aye kubona ngoba eseyobanxenxa ukuthi bawavotele,” kusho uZikalala.
Ukhetho lohulumeni bezindawo bekulindeleke ukuthi lubanjwe ngoMfumfu mhla zingama 27 nonyaka kodwa kunesiphakamiso esivela kwa-IEC sokuba luhlehliselwe uNhlolanja ngonyaka ozayo.
I-ANC ifuna ukuthi ukhetho luhlehle ngoba ikhala ngobhubhane lokhuvethe nokuthi amaqembu ngeke akwazi ukukhankasa ngokukhululeka.
Umholi weDA uMnu uJohn Steenhuisen uthi ukuhlehliswa kokhetho kuphambene nomthethosisekelo wakuleli.
Uthe iqembu lakhe selinqume ukuthi liye enkantolo ngenhloso yokuphikisana nesicelo sokuba kuhlehliswe ukhetho.
“Izincomo ezivele embikweni kamehluleli osathatha umhlalaphansi obelalele iziphakamiso zokuba kuhlehliswe ukhetho, uDikgang Moseneke ezinye zazo ezithi ukhetho ngeke lube ngolukhululekile nokuthi ukubanjwa kwalo kungabhebhethekisa ukhuvethe azibambeki, “ kusho uSteenhuisen.
USteenhuisen uthe abukho ubufakazi obuveza ukuthi ngoNhlolanja ngonyaka ozayo luzobe seludambile ukhuvethe.
“Abantu bahlale bebambe imigqa elujenge beyohola imali yezibonelelo zikahulumeni kwenza muphi umehluko uma bezophuma beyovota,” kusho uSteenhuisen.
Uthe babona ngathi inhlangano ebhekelele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ihlangene ne-ANC kulolu daba.
“I-IEC ifuna ukuthi i-ANC ize ikwazi ukulungisa izinkinga zayo zangaphakathi, i-ANC iyabona ukuthi izoshayeka uma kungabanjwa ukhetho ngoMfumfu nonyaka,” kusho uSteenhuisen.
Umholi wenhlangano entsha kuleli, i-ActionSA uMnu uHerman Mashaba naye uhambe emazwini kaSteenhuisen wathi ubona ngathi i-IEC ifuna ukunika i-ANC isikhathi esanele sokuzihlela kahle ilungiselela ukhetho.
“Siphambene nomthethosisekelo isicelo se-IEC sokuba kuhlehliswe ukhetho ngoba umthethosisekelo wakuleli ukubeka kucace ukuthi njalo ngemuva kweminyaka emihlanu kumele ukhetho lubanjwe,” kusho uMashaba.
Ngakolunye uhlangothi, amanye amaqembu aphikisayo kuleli okubalwa kuwo i-Economic Freedom Fighters ne-Nkatha Freedom Party bona bahambisana nesiphakamiso sokuthi ukhetho aluhlehle.
I-IFP yona ibona ukuthi ukhetho luzobe lungakulungele ukuthi lungahlala ngisho ngoNhlolanja wangonyaka ozayo ngenxa yokhuvethe.
Kwenzeka lokhu nje, lapha eNingizimu Afrika njengoba kunomdaniswano ngokuhlala kokhetho, ezweni elingumakhelwano iZambia ukhetho lwakhona lwaqhubeka khona phezu kobhubhane lokhuvethe olukhona.
Okwenza isimo saseZambia sibe nzima kakhulu ukuthi khona abanayo imigomo yokulwa nokhuvethe esezingeni laleyo ekhona lapha eNingizimu Afrika.
Nakhona eZambia bekunemibuzo yokuthi ngakube ukhetho lwakhona kuzona ngolukhululekile yini njengoba luqhutshwa ngesikhathi sezinga eliphezulu lokhuvethe.
Kodwa phezu kongabazane obelukhona, ukhetho eZambia lugcine luqhubekile njengoba kade kuhleliwe.