Now Reading
Umkhokha usukapakele kwelekhilikithi
Dark Light

Umkhokha usukapakele kwelekhilikithi

Bayede News

 

Ukungenzi kahle kwamanye amaqembu esizwe akuleli emidlalweni yomhlaba kuyakhathaza, nakuba amanye enza kahle

 

UMKHOKHA wokungenzi kahle kwamaqembu esizwe eNingizimu Afrika ikakhulukazi kunobhuthsuzwayo kubonakala sekukapakele naseqenjini lekhilikithi iProtea njengoba sekucace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi izobuya nenduku yombangandlala emidlalweni yeNdebe YoMhlaba e-England.

NgeSonto eledlule iBafana Bafana iphinde yadumaza ikhishwa emidlalweni yeCosafa yizwe elingenamlando ebholeni iBotswana sekukhahlelwa amaphenathi. Neqembu lesizwe lehockey lithwele kanzima kulezi zinsuku njengoba livule ngesibhaxu emidlalweni iFIH Hockey Series lishaywa yi-United State of America (USA) ngamagoli amabili eqandeni. Umphumela wemidlalo yeProteas kuze kube yimanje e-England ikhombisa ukuthi leli qembu angeke lisayinqoba le midlalo

INingizimu Afrika ayiqalanga kahle vele ngesikhathi ilahlekelwa umdlalo wokuvula ibhekene ne-England okulindeleke ukuba bawunqobe lomqhudelwano.IProteas ahlulwa kulo mdlalo ngemigijimo eli-104 e-Oval ngezi-30 kuNhlaba. IBangladesh iphule irekhodi yenza imigijimo eyama-330/6, okube eminingi kunayo yonke esake yayenza emlandweni yeqembu emidlalweni yosuku olulodwa. Libe selihluleka ukufica le migijimo elakuleli lihlulwa ngemijimo engama-21 njengoba ligcine selenze amaruns angama- 309 kuphume abadlali abayisi-8 mhla zimbili kuNhlangulana.

NgoLwesithathu libhekane ne-India inethemba lokwenza kahle, kodwa kwangenzeka njengoba ligcine lilahlekelwe yilo mdlalo ngamawikhethi ayisithupha kusasele amabhola ali-15.

Obekungokuqala elakuleli ukulahlekelwa yimidlalo emithathu kulandelana emidlalweni yeNdebe YoMhlaba IProteas ayikhombisanga umdlandla nentshisekelo kulemidlalo edlule yeNdebe YoMhlaba.

Ukulahlekelwa kwemidlalo emithathu kulandelana kushiye iProteas idinga ukunqoba imidlalo emihlanu kweyisithupha esisele ukuze babesethubeni okudlulela phambili. Okuyinto engeke ibe lula njengoba besazobhekana namaqembu aqale kahle  futhi alindeleke ukuba awunqobe lo mqhudelwano ufaka i-Australia, New Zealand kanye nePakistan.

Njengoba beze kulo mqhudelwano ngemuva kwenkolelo encane evela kubalandeli yokuba bangasinqoba lesi sicoco, nokuthi bangenza kangcono kunalokhu abakwenza emqhudelwaneni yeNdebe YoMhlaba eyedlule, kodwa iNingizimu Afrika ibonakala izophoxa kakhulu kulo mqhudelwano.

Ukuthembela ngokweqile ebholeni elifushane nokungavimbi ibhola ngendlela kube nomthelela ekulahlekelweni komdlalo wangeSonto bebhekene neBangladesh. Sebebhekene ne-India  inkinga kube abashayimabhola abahluleke ukwenzaimigijimo eyanele.

Izinkinga zeProteas ziqale khona ekhaya ngaphambi kokuba kumenyezelwe iqembu eliya  kweyeNdebe YoMhlaba. Abadlali abaningi babelimele, uLungisani Ngidi wayekade elimele ohlangothini, u-Anrich Nortje wayekade elimele ehlombe,  bobalili baphoqeleka ukuba bahoxe ukuyodlala ku-Indian Premier League e-India. UDale Steyn owayesanda kululama, wahamba eyodlalela iqembu lakhe iRoyal Challengers Bangalore e-India lapho afike walimala ehlombe, wabe esebuya ezobonana nongoti ukuze bakwazi ukumsiza alulame ngaphambi kokuqala kweNdebe YoMhlaba. ICricket South Africa yabika ukuthi “kunezinyathelo ezibekiwe ezizosiza ukuba akwazi ukulungela iNdebe YoMhlaba”

See Also

Abalandeli babekhala ngokuthi uHashim Amla akafanele angene eqenjini eliyomela elakuleli kweYomhlaba, bekhala ngokuthi akenzi kahle eqenjini lakhe iCape Cobras. Kodwa lokho kwakuzwakala ukungabi kwakhe esimeni esijwayelekile, Usebenzise isikhathi engekho emdlalweni wekhilikithi ukuze abone ubaba wakhe owayegula, futhi kubikwa ukuthi wakhetha ukudlala i-CSA T20 Challenge enganawo amava esikhundleni sokuthi asayine isivumelwano esincane sokuyodla kwi-English county e-England.

Ngesikhathi umphathi omkhulu wabaqoki beqembu lesizwe uMnu Linda Zondi emezela iqembu wayekhona uNgidi owayeseluleme, uNortje owaphinde wahoxa ngenxa yokuphuka emunweni kanye noSteyn owayengakalulami ngokuphelele. Umqeqeshi wathi abalandeli bangakhathazeki ngokulimala kuka Dale Steyn, “Akukho lutho abantu okufanele basabe ngakho. Sinomuzwa wokuthi uzobe eseluleme akwazi ukudlala umdlalo wokuvula weNdebe yoMhlaba.” “Siyazi uyasondela ekululameni futhi sizomnika sonke isikhathi asindingayo ukuze alulame”, kuqhuba uOttis Gibson onqumqeqeshi weNingizimu Afrika. Kodwa iCricket South Africa isimemezele ukuba ngeke asaqhubeka abe ingxenye yeqembu, indawo yakhe izothathwa uBeuran Hendricks odlalela iHighveld Lions. Kungabe umqeqeshi kanye nodokotela beqembu babesenga ezimithiyo yini ngokululama kuka Steyn?

I-England eyizimfivilithi ukuba inqoba lomqhudelwano yaqala kahle kulomqhudelwano inqoba umdlalo wokuvula ibhekene neNingizimu Afrika ngamaruns ayi-104. NgoMsombuluko ibe isibhekana nePakistan kodwa yalahlekelwa ilomdlalo ngamaruns ayi- 14, kulindeke ibuye ngamandla emidlalweni elandelayo.

Amanye amaqembu angase awunqobe lomqhudelwana i-Australia eqale kahle kakhulu edlule kalula emdlalweni wayo wokuqala bebhekene neAfghanistan, bazothembela kakhulu kubadlali abafana noSteve Smith, David Warner kanye noMitchell Starc ukuba balithwale leli qembu. Ne-India iqale kahle inqoba umdlalo wayo wokuqala ngoLwesithathu bebhekene neNingizimu Afrika, lapho uRohit Sharma enze amaruns ayi-122 ukuzisa iqembu liwunqobe lomdlalo.

Uzobhekeka ukuba aqhubeke enze kahle uma befuna ukunqoba lomqhudelwano. Bazophinda babeke amathemba abo kwiBatman ehamba phambili emhlabeni uVirat Kohli ukuba enze kahle kakhulu. IWest Indies engene kulomqhudelwano ngemuva kokungadlali kahle, iwuqale kahle umkhakhaso womqhudelwano weNdebe yoMhlaba yenza ezibukwayo ibhekene nePaskistan ngezi-31 kuNhlaba inqoba umdlalo ngama wickets ayisikhombisa kusasele ama-over ama-36.2.

Lokhu kwenze amazwe amaningi ayibuke ngenye indlela, uSteve Waugh owayeyisihlabani seAustralia ubeke kanje; “Iqembu leWest Indies ineqembu elihle kakhulu elikwaziyo ukunqoba imidlalo.” Umabengaqhudebeka ngalendlela lingamangaza abaningi.

Scroll To Top