Now Reading
Isono somzabalazo: Ukukhohlakala komama bomzabalazo
Dark Light

Isono somzabalazo: Ukukhohlakala komama bomzabalazo

Ubuhlungu nobunzima bomama bomzabalazo abunakwanga izolo nanamuhla 


Kuyinoma yisiphi isizwe noma isizukulwane indawo yowesifazane iyagqama. Igqama ngobuhle noma ngezinto ezimbi ezenzeka nezenziwa kuye. ENingizimu Afrika, ikakhulukazi kwaboHlanga, bambalwa abangaphikisa isikhala esivalwa ngowesifazane emizini eminingi. 

Yibo abama kunzima, bakhulise izingane amahumusha lawa angobaba esathathwe ngokomhlaba. Namhla ebuya umnumzane lo, abadinwa kuthi kabaqhume kuba ngabanye umkakhe amuwole kunjalo kuqhutshekwe. Nasemzabalazweni abesifazane bawutho ngoba bangabalingani abavame ukuma nomholi loyo ngisho kunjani. Uthi umholi ehujwa yiqembu lakhe, engelutho ezimbangini zakhe noma ehlulwe wukhetho kepha kwakhe afike kufudumele.

Akuyona ngisho imfihlo ukusho ukuthi iningi labaholi bethu besilisa esibathandayo nesibahloniphayo kabahlalanga isikhathi eside nezingane ngoba babelwela izwe. Izingane lezi bezikhuliswa ngomama obaba besemajele, besemihlanganweni yezepolitiki noma besekudingisweni. 

Umama wakwaButhelezi uMaMzila uwubufakazi bamandla abesifazane abangagcini kuphela ukuba ngomama emizini abaganele kuyo kepha babe nangobaba esizweni nasemphakathini ngesikhathi uMntwana waKwaPhindangene ehla enyuka ngezindaba zezwe. Kwaba njalo nakuMaKhumalo kwaDakw’udunuse.

Ongasekho uNkosikazi uMandela okaMadikizela nowangena emendweni esamncane wahlala nezingane uMandela esejele. Kwaba yiso leso nakuMama wakwaSisulu, uMaThethiwe nabanye abaningi. 

Kulabo elabafulathela ngesikhathi amadoda ebulawa basala baba ngabafelokazi baqhubeka nokuba ngobaba ezinganeni nakuzingane zomzabalazo lapha emphakathini. Kwaba njalo kuNkosikazi wakwaBiko, okaMashalaba mhla ubaba wekhaya ebulawa. UMama wakwaSobukwe okaMathe waba ngumfelokazi ephila uSobukwe ngoba wavalelwa ejele wabuya lapho wadingiswa wabe eseyafa. Yasala intombi yasebaQulusini yabamba ikhaya. Baningi nabanye okwaba njalo amagama abo angaziwa. 

Ukhona nomama wakwaMothopeng uMaLonake.

Kwelase-United Sate of America (USA) ngifikelwa amagama kaNkosikazi kaMfundisi uKing uMaCoretta kanye naloyo kaMalcomX uMaSanders amadoda abulawa baqhubeka baba ngomama bomzabalazo waboHlanga kwaze kwaba sekupheleni.

See Also

Iphuzu engifisa ukuligqamisa lapha ngelithi njengesizwe kukhona iphutha esalenzayo mhlawumbe esisalenzayo. Leli yiphutha lokungazinaki noma ukungaziqondi izinkinga okungenzeka ukuthi zembatha omama bomzabalazo, laba abagane abaholi bethu esibathandayo. Asibaqondi ngisho besizala noma bengamalungu emindeni yethu. 

Iningi labo liphila ngaphansi kwengcindezi yamalungu omndeni angayibuki le nkosikazi njengomuntu noma kokunye umholi nayo ngokwayo. Empeleni thina madodana namadodakazi kanye nabazukulu bomzabalazo siyaziqeda izibongo zomama bomzabalazo ngoba kithi basuke bengebona abantu kepha bengamadoda abo.

Bukhona ubufakazi ukuthi ngenxa yengcindezi abanye balaba omama bazithola benesizungu. Iningi lijikelwa ngisho yizingane lezi elizizalayo ngakho belu ngoba azimqondi umama lona. Zona zizilumbanisa nobaba lo okukhulunywa ngaye ukuthi uliqhawe lomzabalazo lisale igama likamama. Ngenxa yalokhu abanye baze bathathwe yizifo ezilumbene nokhwantalala noma bagcine sebengene ophuzweni. Kube yithi futhi ngokungaqondi abakwembathile okuyingcindezi esibasolayo. Ezabo izono ziba nkulu zingathetheleleki. Kuthi ezamadoda abo, abaholi bethu zithetheleleke kalula nje.

Ngisho sikhumbula abaholi bethu laba abangamadoda sithi baqopha iminyaka engaka bahamba emhlabeni kasisho lutho ngomama abanye abasuke besaphila. Kuthiwani nje ngomama wakwaBiko, umama wakwaHani nabanye? Leli yiphutha elikhulu okumele lilungiswe yithi madodana namadodakazi omama nobaba bomzabalazo ngoba ubufakazi busobala ukuthi ngabe obaba bethu kabayanga ndawo emzabalazweni ukube babengekho omama bethu.

Scroll To Top