Now Reading
Izivuvaba zowezi-2019 emhlabeni zingakapakela kozayo
Dark Light

Izivuvaba zowezi-2019 emhlabeni zingakapakela kozayo

Unyaka osongwayo ungacishe uthathwe njengobe nezinxushunxushu eziningi kwipolitiki emhlabeni kusuka kwadilizwa udonga lwaseBerlin ngowe-1989 nokuqedwa kweSoviet Union. Kunezinkomba zokuthi owezi-2020 uzodlulela kulokhu esikubonile nonyaka. Izigameko zodlame, izimpi zombango nezepolitiki ezigqamile kulo nyaka kungenzeka zibhebhetheke kakhulu kunakuqala ngonyaka ozayo.

Phakathi kwezinto okubonakala zizoba nomthelela ekungabini khona kozinzo emazweni ngukwehla kwamandla omnotho, nokwehluleka kwabahola amazwe ukubhekana ngqo nezinye izinselelo ezisobala.

Sesikushilo lokhu phezulu eqhulwini lo nyaka esiwusongayo ozokhunjulwa ngakho izivuvaba ze-United States of America noMengameli uDonald Trump. IWashington D.C. okuyikomkhulu yaleli lizwe ibe sematheni ngoba izinqumo eziningi ezinyakazise izwe bezithathwa khona njengoba kunekomkhulu leSishayamthetho iWhite House. UTrump ube sematheni ngezinqumo nangokwephula izivumelwano izwe lakhe elalizibophezele kulo phambilini.

Esinye salezi zivumelwano kube iParis Agreement on Climate Change, neComprehensive and Progressive Agreemnent for Trans Pacifi c Partnership.

Kulo nyaka ngaphansi kobuholi bukaTrump i-USA iphinde yaphuma ngaphansi kwesivumelwano iJoint Comprehensive Plan of Action (JCPOA).

Ukuphuma kwe-USA kulesi sivumelwano kwakuhloswe ngakho ukuthena amandla leli lizwe ezinhlelweni zalo ekusebenziseni inuzi. I-USA iphinde yaba sematheni ngokubuyisa unswinyo e-Iran nokucindezela amazwe angahambisani nayo ezifundeni ezithile.

Ukungaxazululeki kokungaboni ngasolinye kwezokuhwebelana phakathi kwe-USA neChina ngenye yezinto ezizokapakela onyakeni ozayo futhi ithinte amazwe amaningi anobuhlobo kwezohwebo nala mazwe okuhlanganisa namaningi asezwenikazi i-Afrika.

Okuqubuke kamuva phakathi kwala mazwe impi yezobuchwepheshe nalapho kubonakale iChina icekela phansi amakhompyutha abephuma e-USA. Iziteleka, imibhikisho nokucekelwa phansi kwempahla ngenye yezinto ezigqame kakhulu nonyaka okuvele ukuthi bekugqugquzelwa umnotho ophansi.

Akukhona okokuqala umhlaba uba kulesi simo njengoba kwenzeka ngowezi-2007 kuya kowezi-2008 kodwa ngalesiya sikhathi isimo sakwazi ukulawuleka ngoba abantu abangenanga emgwaqeni.

See Also

Namanje isimo sisashubile eLa Paz, eBolivia, eBeirut eLebanon ngenxa yemibhikisho yezakhamuzi ezikhala ngokungasebenzi nohulumeni ongawubhekeleli. EBolivia kuxoshwe uMengameli u-Evo Morales kukhalwa ngokuthi nguye obambezela ukukhula komnotho ezweni.

Abantu bakhala ngokushiywa ngaphandle emnothweni wamazwe abo. NgoMasingana nonyaka i-Oxfam yakhipha umbiko wocwaningo lwawo othi abantu abangama-26 abayizinjinga emhlabeni umcebo wabo ungacishe ulinganiswe nengxenye yabantu abahlwempu emhlabeni jikelele. Lo nyaka usongwa nje isimo besishubile naseChile lapho kube nochungechunge lwemibhikisho kwaze kwamiswa nomhlangano omkhulu wamazwe obizwa nge- Asia-Pacifi c Economic Cooperation Forum ngenxa yesimo sokuphepha. Imibhikisho ibonakele naseHaiti umphakathi ukhala ngenkohlakalo nokuntuleka kukaphethroli. Namanje unyaka usongwa nje asikatholakali isixazululo emibhikishweni eqhubeka e-Ecuador, ePeru naseVenezuela.

ELebanon uNdunankulu uSaad Hariri waphoqwa ukuba ashiye isikhundla kukhalwa ngokuthi akayisizi ngalutho intsha ekudaleni amathuba omsebenzi. E-Iraq uNdunankulu u-Adel Abdul Mahdi ushiye phansi isikhundla ngenxa yengcindezi yababhikishi.

Lo nyaka kube ngonzima eLibya ngenxa yezimpi zombango eziholela ekutheni abantu bakhona babalekele emazweni angaphandle. Abantu balapha bafa zinsuku zaphuma beminza nemikhumbi bezama ukuwela iMediterranean ukuze bangene e-Italy naseFrance befuna impilo engcono. Lo nyaka ube ngomunye onzima kakhulu kuMengameli u-Emmanuel Macron ngenza yeziteleka ezinyakazise umbuso wakhe. Isiteleka sabantu baseHong Kong sizongena emlandweni onyakeni wezi-2019 ngokuba ngeside kunazo zonke esezike zaba khona emhlabeni. Imibhikisho yaqala ngoMbasa kulandela umthetho kaHulumeni wakhona wokuthi abantu abanamacala babuyiselwe eChina ukuze babhekane nawo. Lesi siteleka singenelwe abafundi bamanyuvesi, abasebenzi nomphakathi ngobubanzi.

Scroll To Top