Now Reading
Izitoyitoyi ziwuthumele umlayezo kosidlame base Phoenix
Dark Light

Izitoyitoyi ziwuthumele umlayezo kosidlame base Phoenix

Kuthe kuphakama ilanga izolo ngoLwesine zabe seziwujenge izimoto zamaphoyisa namagumgedlela emzileni oya elokishini lamaNdiya iPhoenix. Zisabalele nje izinsizwa nezintokazi zezokuphepha inhloso wukuyogwema inhlekele njengoba iZitoyitoyi ngayizolo bezifungile ukuthi izitaladi ziyoba bovu ngamalungu azo. Ziya lapha nje zithukuthele zigane unwabu ngemva kwesigameko sokubulawa kwaboHlanga kulendawo.

Phezu kwemizamo yokuvimba ukuhambela kweZitoyitoyi kulendawo nobekuhlongozwa ngabeDemocratic Alliance (DA) ezibovu zithelekile kwancane indawo. Zifika nje izakhamuzi zalapha bezidonswe ngendlebe ukuba zingabu wuvanzi ukugweba umsindo.

Ngaphambi kokuba iqala le mashi, ubuholi be-EFF buhlangane nesigungu sekomidi lo mphakathi kulendawo lapho bekubhungwa khona ngodaba lokuqinisekisa ezokuphepha ukugwema ukuthi kungabikhona ukungqubuzana njengoba bekunokwesabela ukuthi kungenzeka amalungu e-EFF atholane phezulu naboMdabu baseNdiya bakulendawo.
Umholi we-EFF KwaZulu-Natal uMnu uVusi Khoza uthe bebe ngeke bavinjwe i-DA ukuthi bangamashi.

Uthe bafuna ukubona kwenziwa ubulungiswa emva kwesigameko sokubulawa kwaboHlanga ePhoenix. “Labo ababulele aboHlanga kumele baboshwe babolele ejele khona nabanye abasanengqondo yokucwasa bezothola isifundo sokuthi isihlava sokucwasa asamukelekile kuleli,” kusho uKhoza.

Uthe bayazi ukuthi akusibo bonke aboMdabu baseNdiya abacwasayo. “Akhona amanye amalungu omphakathi wakhona lapha ePhoenix angamaNdiya aphumela obala ekuqaleni akugxeka ukubulawa kwaboHlanga, nanamhlanje (izolo) bakhona abanye boMdabu baseNdiya abasijoyinile emashini yethu ngoba befuna ukuveza ukuthi abahambisani nalento eyenzekile,” kusho uKhoza.

See Also

UKhoza uphinde wakhwela wadilika kwi-African National Congress (ANC) nabaholi bayo ngokuthula ngokubulawa kwaboHlanga. Uthe isibhicongo esenzeke ePhoenix siwumphumela wombango wangaphakathi kwi-ANC oholele ekutheni kuboshwe obenguMengameli uMnu uZuma.

UKhoza uthe imashi yabo ibe impumelelo enkulu wabonga nokusebenzisana okuhle phakathi kwabo namaphoyisa. Ubonge namalungu abo abephume ngobuningi eza emashini.

Scroll To Top