Now Reading
Usola iNjeje ngokunyekefulela uNdunankulu
Dark Light

Usola iNjeje ngokunyekefulela uNdunankulu

Isikhulu sikahulumeni waKwaZulu-Natal uMnu uLennox Mabaso sikhwele sadilika kwiNjeje yabeNguni sayisola ngokunyekefulela uNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uSihle Zikalala.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNjeje ikhiphe isitatimende lapho iphakamise ukuthi uZikalala akashenxe esikhundleni sakhe ngoba uyahluleka ukusiphatha.

Engxoxweni nelaboHlanga, uMabaso uthe bayayihlonipha imibono yeNjeje kodwa noma iyintimbothi nje kwesinye isikhathi.

“Siyayizwa ukuthi iNjeje ithini kodwa siyayinxusa ukuthi ngoba lolu daba ekhuluma ngalo luyipolitiki ukuba ayixhumane noKhongolose esifundazweni, thina sikwaHulumeni izinto ze-ANC zikhulunywa emagatsheni enhlangano,” kusho uMabaso.

UMabaso uthe iNjeje kade yayiqala lento yokunyundela uNdunankulu.“INjeje ifike ihlale ithule, kuthi emva kwesikhathi bese iqhamuka nento ethile yokuhlasela uNdunankulu,” kusho uMabaso.

Uthe uNdunankulu umatasa nezinhlelo zokulungisa isifundazwe akazifuni izinto ezizomphazamisa. “UNdunankulu unomsebenzi obalulekile wokuguqula nokwenza ngcono impilo yabantu baKwaZulu-Natal nokuthuthikisa umnotho wesifundazwe olinyazwe izinto eziningi, kuyasikhathaza ukuthi kube khona abafuna ukuphazamisa lezo zinhlelo ezibalulekile,” kusho uMabaso.

UMkhandlu weNjeje yabeNguni unxuse ukuba uZikalala ashenxe esikhundleni sakhe ngoba ukhala ngokuthi uyahluleka ukuphatha isifundazwe nokuthi awusabuthembi ubuholi bakhe.
Induna yeNjeje uMnu uPhumlani Mfeka ithe uZikalala usibulele isifundazwe kwezepolitiki nakwezomnotho.

“Abantu baKwaZulu-Natal bafanelwe okungcono, uZikalala kumele ahambe ngoba uhlulekile ukuphatha ngendlela isifundazwe,” kusho uMfeka.

Enaba ngesiphakamiso sabo, uMfeka uthe i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal bekuyiyona ebiwumbeki wamakhosi ezingqungqutheleni zikazwelonke kodwa ngemuva kokungena kukaZikalala, uKhongolose esifundazweni wehlelwe amandla wedlulwa ezinye izifundazwe njengoba manje ungasenalo izwi elingu juqu ezingqungqutheleni zikazwelonke.


UMfeka ukhale kakhulu ngezinga eliphezulu lokwehlukana phakathi kumalungu e-ANC esifundazweni. Uthe lokhu kungezwani kwamalungu eqembu kugcine sekuba nomthelela omubi nakwimiphumela yokhetho, okunike intuba namaqembu aphikisayo.

See Also

“Ngasohlangothini lwezomnotho, nakuba uKhuzeni engene umnotho uvele ubishile kodwa uhlulekile ukuqhuba izinhlelo zeRadical Economic Transformation obekuhloswe ngazo ukufukula abamnyama njengoba namanje umnotho usaphethwe yidlanzana elithile, kanti isikhathi asisavumi ukuthi abantu abamnyama bahlupheke kodwa bebe benawo uhulumeni abawukhetha ngethemba lokuthi uzoshintsha izimpilo zabo, kuncane okusenziwe ukuzama ukufukula osomabhzinisi abamnyama, amathuba amaningi banikwa osomabhizinisi boMdabu baseNdiya okuwenza agcine egibela emakhanda aboHlanga,” kusho uMfeka.

INjeje iphawula nje, emva kokuthi uZikalala ebonakale nosomabhizinisi woMdabu waseNdiya uMnu uZanaid Moti lapho kade bepha khona aboHlanga izijumbane zokudla kulandela isibhicongo sasePhoenix.

INjeje ithe kuwukugcwaneka kwaboHlanga ukuthi baphiwe izijumbane zokudla ngaboMdabu baseNdiya kulandela isigameko sokubulawa kwabamnyama ePhoenix. INjeje iphinde yakhala ngesenzo sikaZikalala sokushaya umfana omncane obetapa impahla ngezikhathi zezibhelu.

“Isenzo sikaNdunankulu besigqugquzela udlame olubhekiswe kwaboHlanga, kumanje ubhizi noMoti bahambisa izijumbane zokudla kwaboHlanga esikhundleni sokudala amathuba emisebenzi, okuzokwenza ukuthi abantu bakithi bakwazi ukuziphilisa isikhathi eside hhayi lento yokuthi baphiwe ukudla okuzohlala isikhathi esincane, uma sekuphelile baqhubeke nokubhuqwa indlala, lesi senzo sikaNdunankulu sikhombisa ukuthi akabahloniphi aboHlanga esifundazweni nokuthi akakulungele ukuba nguNdunankulu, esinye sezizathu esenza siphakamise ukuthi akashenxe esikhundleni,” kusho iNjeje.

Scroll To Top