Now Reading
Ngabe kuNgcobo ababulali benyathi balale ucwayimbane?
Dark Light

Ngabe kuNgcobo ababulali benyathi balale ucwayimbane?

Ukhala ngokwenziwa imvu yomhlatshelo obeyiNhloko oPhikweni lwamaPaki nezokuNgcebeleka eMkhandlwini iTheku uMnu uThembinkosi Ngcobo oxoshiwe ngoba esolwa ngokuhluleka ukubika izinsolo zenkohlakalo ebezenzeka ngaphansi kobuholi bakhe.
UNgcobo kumanje usiphonsela inselelo enkantolo isinqumo sokuxoshwa kwakhe ngoba ekhala ngokuthi abukho ubulungiswa.

ElaboHlanga linawo amaphepha aqinisekisa ukuthi uMapholoba uselufake enkantolo lolu daba. Kulamaphepha afakwe eNkantolo yabaSebenzi eThekwini nangu nombolo: D460/21 uNgcobo umangalele iTheku, abeSouth African Local Government Bargaining Council noNks uHilda Grobler.

Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uNgcobo uthe bekuvele kunetulo elidala lokuthi akhishwe eMkhandlwini.

“Nginomlando omude ngalento yakwaMasipala kade ngangibekwa amacala amanye abuye ahoxiswe ngoba kubonakala ukuthi mhlawumbe kuzogcina sekushayeka nabanye abantu abebevikelwa, kulokhu bekuvele kuqondwe mina, bathi angizange ngizibike izinsolo zenkohlakalo, ngangizozibika kanjani izinsolo engingazazi,” kubuza uNgcobo.

Uthe labo abagadla kuye abazange babone ukuthi ekugcineni kuzogcina sekushayeka nomuntu wabo uNkk u-Amanda Mapena (okaBani) obeyimenenja oPhikweni abeluphethe nokunguye owahlangana nomunye umsebenzi benza inkohlakalo.

UNgcobo usolwa ngokuthi wahluleka ukubika izinsolo zenkohlakalo ezithinta abasebenzi ababengaphansi kwakhe mayelana nomsebenzi wezi-R140 000, nalapho kwakhokhelwa inkampani engazange isebenze, izikhulu ezazithinteka zayalela usomabhizinisi ukuthi akazibuyisele izi-R130 000, yena asale nezi-R10 000 ngoba vele akasebenzanga.

Ngokwabameli bakaNgcobo, bafuna isinqumo esathathwa ngabeSouth African Local Government Bargaining Council sokuxosha uNgcobo ukuba sibuyekezwe noma sichithwe.
Abameli bathi bafuna lesi sinqumo sichazwe njenge singenabo ubulungiswa, bese uNgcobo ebuyiselwa emsebenzini.

Baqhuba bathi (abameli) bafuna uMkhandlu iTheku neBargaining Council ukuba bachaze ukuthi kungani isinqumo sokuxoshwa kukaNgcobo singaguqulwa.

Kulamaphepha asenkantolo, uNgcobo wenze nencwadi efungelwe lapho echaza kabanzi ngomsebenzi wakhe kumasipala nangezinsolo ezibhekiswe kuye.

“Bengiqashwe nguMasipala kusukela ngowe-1999, cishe iminyaka engama-21, njengeNhloko yoPhiko bengibheke izisebenzi ezibalelwa cishe kwizi-4800 -5000, ngesikhathi ngisingethe lesi sikhundla bekungajwayelekile ukuthi kimina kufike imibiko emayelana nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezithinta abasebenzi ebengibaphethe ngoba uMasipala unazo izinhlaka ezimbili okuyi-Internal Audit Team neCity Integrity and Investigations Unit (CIIU) eholwa uMnu uMbuso Ngcobo eziphenya amacala enkohlakalo athinta abasebenzi uma zibona ukuthi abucayi futhi ayabambeka bese zibikela amaphoyisa,” kusho uNgcobo.

Uthe ngonyaka wezi-2015, usomabhizinisi uMnu uThulasizwe Ngcobo owayeyisikhulu senkampani iPerstha (PTY) Ltd wafaka isimangalo kwiCIIU lapho athi inkampani yakhe yanikwa umsebenzi nowadla izi-R140 000, ngumasipala owawuqondene neBeach Festival.

See Also

“Kunomsebenzi kaMasipala owayesebenza kwezokukhangisa ophikweni lwethu, uNks uThabile Majozi owayexhumana noThulasizwe (Ngcobo), ngomsebenzi, uNks uMajozi wagcina esehlangana nenye yezimeneja oPhikweni lwethu uNks u-Amanda Bani ngenhloso yokwenza inkohlakalo nokukhwabanisa. UNks uBani phambilini wayekade esebenza kuMnyango weziMali khona kuMasipala, kubukeka sengathi wayazi ukuthi adlalwa kanjani amakhadi uma ufuna ukukhwabanisa imali yoMkhandlu. UNks uMajozi noNks uBani basizwa ngomunye umsebenzi osashona uNks uHlengiwe Zikhali,” kusho uNgcobo.

Uthe uThulasizwe (Ngcobo) uthi wambikela ngalenkohlakalo ngoMfumfu ngowe-2015, kodwa yena uyakuchitha lokho.

“Ngawo uMfumfu ngowe-2015, ngavakashelwa yizikhulu zakwaCIIU ezimbili ehhovisi lami zizongibikela ngalezi zinsolo, ngamubiza uNks uMajozi ngambuza ngalezi zinsolo wazivuma, ngamtshela ukuthi lezi zinsolo zibucayi wathi uzosula emsebenzini ekupheleni kwayo inyanga nembala wenza njengoba ayeshilo,” kusho uNgcobo.

Uthe ngowe-2018, ube esethola incwadi eyafika nge-email ivela kuNgcobo (uMbuso) imazisa ukuthi bayaphenya ngalezi zinsolo.

“Ngesikhathi kufika incwadi kaNgcobo (uMbuso) nami ngangibuya ekhefini elide njengoba ngangikade ngimisiwe mayelana namacala okungaziphathi kahle. Kumele ngikusho kucace ukuthi kusukela ngikhona njengeNhloko kulolu Phiko bengihlale ngihlukunyezwa ngisetshenziswa kabuhlungu nangosopolitiki ngoba bengingafuni ukwenza intando yabo uma befuna ukwenza inkohlakalo yingakho namanje ngithi ngenziwa imvu yomhlatshelo ngabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo,” kusho uNgcobo.

Scroll To Top