Now Reading
Ngabe lokhu kusho ukwephulwa kwesethembiso?
Dark Light

Ngabe lokhu kusho ukwephulwa kwesethembiso?

Umbiko wakamuva uma ugcina ungumthetho ungahle wenze uMengameli uRamaphosa umuntu ongathembekile

 

Ngenze isethembiso koNgangezwe Lakhe ukuthi asinazo izinhloso zokuthinta noma ukuthatha umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust”. Lawa ngamagama ashiwo nguRamaphosa mhla ziyisi-8 kuNtulikazi kwaDukuza ngonyaka owedlule. Kwabe kusemhlanganweni ayenawo neSILO mhla ziyi-6 kuNtulikazi eRichards Bay. Kulo mhlangano owabe ukhulekelwe nguRamaphosa, ISILO sabe sihamba noNdunankulu waso uMntwana wakwaPhindangene kanye noMehluleli uNgwenya oyisandla seSILO sokuphosa eBhodini le- iNgonyama Trust.

Kagcinanga lapho uMengameli uRamaphosa ngalolu daba nomhlangano. Ezikhulumela wabeka wathi, “Kuningi esikudingidile. Mina neNgonyama sinobuhlobo obuhle nobufudumele. Ngesikhathi kuvuka udaba lwe-iNgonyama Trust ngabona kunesidingo sokuyobonana ubuso nobuso noNgangezwe Lakhe naye wavuma ukuba sihlangane. Umhlangano waqhubeka ngomoya omuhle. Ngakugcizelela ukuthi umhlaba ungaphansi kolawulo lwetrust njengoba kusho umthetho. Ekugcineni, lona ngumhlaba ongaphansi kweNgonyama ewuqaphe egameni labantu baKwaZulu-Natal. Lokho kwacaciswa ngokusobala”, kuzikhulumela uRamaphosa.

Inkulumo kaRamaphosa yalandelwa yileyo kaNgqongqoshe uZweli Mkhize ayethula emhlanganweni wamaKhosi eMayville eThekwini lapho ethi:  “ UHulumeni ufisa ukucacisa ngokusobala nangokungananazi ukuthi uma kukhulunywa ngokubuyiswa komhlaba kukhulunywa ngalowo ongamaphesenti angama-87 hhayi lowo ongamaphesenti ayi-13 ongaphansi kobuholi bomdabu naboHlanga. Lowo awukho neze embangweni, indaba yawo icace bha.

Ebuzwa ngalo mbiko wakamuva neziphakamiso uMehluleli uNgwenya uthe kuyamangaza ukuthi uRamaphosa sekuphele unyaka ahlangana neSILO useqhamuka sekunethimba eliphakamisa okwehlukile kunalokho akuthembisa ISILO noZulu.

“  Siyafika nje neSILO sibuya e-United Kingdom nokuyilapho ISILO sibe nezingxogxo phakathi kwabanye abatshalizimali ngentuthuko engenzeka ngaphansi komhlaba owenganyelwe wuBukhosi. Njengebhodi asikawufundi umbiko njengoba nathi siwuzwe usukhulunywa kwabezindaba”, kusho uMtimande.

Uqhubeke wathi : “Kuyadumaza-ke ukuba sifikele entweni enjena. Esikwaziyo wukuthi esikhathini esingangonyaka uMengameli wacela engaphoqwe muntu umhlangano neSILO. Ngaba nenhlanhla nami yokumenywa yiSILO kulowo mhlangano okwabe kukhona uMntwana wakwaPhindangene. Kulo mhlangano uMengameli waziqhelanisa nemizamo yalabo abathi akuthathwe umhlaba. Akhona amaminithi omhlangano. Sekungaxaka ukuthi onguMengameli wezwe usengathembisa uZulu neSihlalo bese kuthi gwiqiqi sekukhona okunye ukukhuluma. Njengebhodi silinde ukuholwa yiSILO kulolu daba. Khona lapho silinde ukuzwa ukuthi yena uMengameli useyasuka yini lapho ayemi khona ngonyaka owedlule,”  kuphetha uMtimande.

See Also

Nakulokhu uBukhosi eNingizimu Afrika bumi ngasohlangothini lukaZulu. Ephawula ngalolu daba uMengameli weContralesa iKgosi Mathupa Mokoena  uthe ukuthintwa kweNgonyama Trust ngaphansi kwalezi zizathu ezibekwa yithimba likaMahlati kungasho ukuthi ISILO kukhona iphutha ngasohlangothini lwaso okuyinto engelona iqiniso. “ Uma beqhubeka nokunqumela uZulu ogodweni ngaphandle kwezwi leSILO kuyoba nzima, uma kukhona okuyizinkinga akuboniswane neSILO ngqo”, kusho iKgosi uMokoena nothe akuyona imfihlo ukuthi kukhona amahalanjonjo afuna ukuqeda ngoBukhosi angahle asebenzise lokho okushiwo ngeNgonyama Trust.

Akukhona okokuqala uBukhosi kuzwelonke buma noZulu odabeni lomhlaba. Iphawula ngomuga owabe uvelele uZulu nyakenye iNkosi uPhathekile Holomisa (Ah Dilizintaba), yathi akwenziwe okuthile ukuze kuvikelwe umhlaba woBukhosi. “Uma kuba nokuhlaselwa kunoma yisiphi isizwe amadoda aleso sizwe ayasukuma avikele izwe. Kuthi kuqambe kufika abomthetho kodwa lowo ohlaselwayo usuke esenze okuthile,” kweluleka uDilizintaba!

Nakulokhu uBukhosi Manje wonke amehlo athe njo kuRamaphosa ekutheni ngabe uzovumelana yini nabeluleki bakhe okungasho ukwephula isethembiso asenza neSILO noZulu lungakafiki ukhetho lukazwelonke.

Scroll To Top