Now Reading
Abaholi sebevumele ukulawula indlala yezisu
Dark Light

Abaholi sebevumele ukulawula indlala yezisu

Ezinsukwini esiphila kuzo kusobala ukuthi abantu abaningi bacabangela ezabo izisu. Ngisho nesibathembile osopolitiki nabo bazicabangela bona kanye nezingane zabo.

Alishoni lingenankulumo kanti kuyo yonke inkulumo ikhomba bona ontabakayikhonjwa kanye nezisu zabo. Okubuhlungu iningi lentsha yakithi licabanga ukuthi ukweba kanye nokuzicabangela wena wedwa isona sisombululo sezinkinga esibhekene nazo siyisizwe esimnyama.

Kufiki lapho ngizibuza ukuthi bashonaphi abaholi abazohola intsha. Intsha eningi isele dengwane ayinabo abantu ezobukela kubo futhi nengafunda kubo. Kodwa angikho lapho namuhla. Uma ngizwakala sengathi ngidumele kungoba inkinga enkulu esibhekene nayo ukulwa nendlala ngendlala.

Ukulwisana nendlala ngendlala kulesiqephu akusikhona lokhu okucabangayo. Indlala enkulu esibhekene nayo, ikakhulu singabantu abasha, ifaka lokhu okulandela. Eyokuqala indlala enkulu esikhungethe ukungakwazi ukumelana nendlala. Uma sike salamba siyehluleka ukucabanga futhi silawulwa izisu. Uma kuke kwafika umuntu nento eya esiswini sikhohlwa yikho konke.

Lokhu ngikubone kubantu abasha abaningi bohlanga. Iningi labo lilahlekelwa ngishi isimilo nokuzazi uma kufika indlala. Ngizibuze kaningi ukuthi ingabe indlala ibadlisa amanyala yini abezizwe, ikakhulu ondlebe zikhanya ilanga. Ngisho ngoba angikaze ngibabone bona becosha noma ngabe yini abadibana nayo ngenxa yendlala. Sidinga ukuzibala singabohlanga, singadayisi ngobuzibulo bethu ngenxa yendlala. Sizozithola sidla amanyala ngoba asikwazi ukubekezela. Impumelelo idinga abantu abakwazi ukulinda kanye nokubekezela.

Indlala yesibili esibhekene nayo ukuhluleka ukucabanga kanye nokuqhamuka nekhambi uma sibhekene nezinkinga. Izinkinga zethu aziziningi futhi azinzima njengendlela esicabanga ngayo. Into esishoda ngayo ukuthi sithole ikhambi lezinkinga zethu. Kodwa into esiyenzayo ukulindela omunye umuntu ukuthi asixazululele izinkinga zethu. Ukungakwazi ukuzixazululela izinkinga esibhekene nazo kwenza ukuthi kube lula ukuthi abantu badlale ngathi. Ngikhuluma nje abantu abaningi bakhala ngokubanjwa inkunzi ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokufuna izindlela ezisheshayo kanye nokwenzelwa yonke into.

Abanye abafuni ukuyosebenzi kodwa bayakufuna ukudla, okubaholela ekugangeni. Kuzohlezi kufika abantu bokuhamba ezindaweni zethu bathathe yonke into esinayo ngenxa yokungafuni ukuzenzela izinto kanye nokuxazulula izinkinga zethe. Kunemphakathi oyaziyo nawe, enabantu abalinde ukwakhelwa ngisho indlu yangasese kodwa benayo imali ngenxa yokufuna ukucatshangelwa.

Indlala yesithathu ubuvila. Ngibiza ubuvila ngendlala ngoba bubanga indlala. Kunabantu bakithi abaningi abalambile hhayi ngoba beswele kodwa ngoba bengafuni ukusebenza kanye nokusebenza umsebenzi ozobancolisa.

Wonke umuntu ufuna ukufika athole ibhodwe selivuthiwe, akekho ofuna ukushiswa ngumlilo. Kunabantu, ikakhulu abasha, abanazo zonke izinsiza kusebenza kodwa abafuni ukusebenze. Ubugebengu sebuphenduke imfashini. Wonke umuntu ufuna indlela esheshayo kuyo yonke into. Uma ufika enyuvesi, abantu abasha bafuna imiphumela emihle bengasebenzanga.

See Also

Ezinkampanini, abantu bafuna ukukhushulwa ezikhundleni bengasebenzanga. Indlela abantu abadliwa ngayo imali ezindaweni zokugembula, kwenza kukhanye bha ukuthi abantu bafuna imali bengasebenzanga. Sengixwayise ngaze ngayeka ngezinkampani ezithembisa abantu inzalo esheshayo.

Abantu bakithi bagilwa yinto eyodwa ngenxa yokungafuni ukusebenza. Uma sifuna impumelelo njengabantu abasha, kungaba kwezemfundo, kwezamabhizinisi, kwezothando kanye nanoma iyiphi inxenye yempilo yethu, sidinga ukuthi sishintshe indlela esenza ngayo. Indlala esibhekene nayo inkulu kakhulu uma sizoyilwa silambile. Kuzodinga sizicije kakhulu kunalokhu esiyikho uma sifuna ukubhekana nesimo esiphila kuso.

Kusobala ukuthi esasibathembile bathathe esasibathembe ngakho bakhala bemuka. Kuyimanje bakhalisana bodwa noma sesikhale phambi kwabo isikhathi eside. Yebo, ngikhuluma ngabaholi bethu kanye nabantu ebesibathembile empilweni.

Mina nawe sidinga ukuthi silwe nendlala yenqondo ngaphambi kokulwa nendlala yesisu ngoba indlala yesisu yenza uthi ungesutha ungabe usacabanga ukuthi ubulanjiswe yini, futhi yenza ungabe usamcabangela omunye umuntu olambile.

Scroll To Top