Now Reading
Zizodlana imilala ezakweleNdlovukazi uMthaniya ibuyile i-Premier’s Cup
Dark Light

Zizodlana imilala ezakweleNdlovukazi uMthaniya ibuyile i-Premier’s Cup

Ukhuze ibuya umqhudelwano odlalwa ngamaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal, obizwa ngokuthi iKZN Premier’s Cup. Nyakenye awubanga khona ngenxa yokhuvethe nolwaphoqa ukuba kume konke.

Lo mqhudelwano udlalwa amaqembu agijima ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), lapho kubalwa iGladAfrica Champions League neDStv Premiership.

Amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano nonyuaka yiLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, iMaritzburg United, iRichards Bay FC, iRoyal AM no-Uthongathi FC.

Imidlalo yalo mqhudelwano izoba ngempelasonto kanti yonke izobanjelwa eChatsworth Stadium.

Kubukeka le midlalo izoba usizo olukhulu kula maqembu njengoba kuzokwazi ukuthi kuqala imidlalo yeligi asemi ngomumo. Kepha amaqembu azosizakala kakhulu iLamontville Golden Arrows na-AmaZulu FC, njengoba ezodlala umqhudelwano weMTN 8 ezokuba ngempelasonto elandelayo.

Lo mqhudelwano uthulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano ozosingathwa okwesi-7 kulo nyaka bekuhanjelwe uMphathiswa WeZemidlalo, UMhlonishwa uHlengiwe Mavimbela, uMnu uKwenzakwakhe Ngwenya weSAFA, uMnu uThami Mchunu weKZN Sport Confederation noNks uThobile Sifunda ongaphansi kwaMasipala iTheku.

UMphathiswa uMavimbela ekhuluma nabezindaba uthe: “Sibheke ukuthi kuguge utshani kule mpelasonto. Le ndebe kufana nokuthi sishisela impepho la amaqembu ukuthi akwazi ukuthi abuye nendebe kule sizini ezayo. Kubuhlungu ukuthi lo mqhudelwano uzodlalwa ngaphandle kwabalandeli, kodwa kuyajabulisa ukuthi uzokuba khona kulo nyaka” usho kanje.

Ubuye wadlulisa amazwi enduduzo ale mindeni eyalahlekelwa amalunga awo ngesikhathi sezibhelu ebezikhungethe eleNdlovukazi uMthaniya.

Okunye okuvelile ukhuthi kulo nyaka uzoba khona umqhudelwano obizwa ngokuthi iDundee July, ezokuba seMzinyathi ngempelasonto ezayo lokhu kuqinisekiswe uMphathiswa. Nayo iDundee July izoba ngaphandle kwabalandeli njengeminye imidlalo.

Omunye okhulumile uNgwenya onguSihlalo weSAFA uthe: “Kuyajabulisa ukubuya kwale midlalo iwusizo olukhulu kakhulu emaqenjini alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Kuliqiniso ukuthi uMnyango WeZemidlalo oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela, uhamba phambili ukuyidlula yonke kuleli ekuthuthukiseni eZemidlalo” usho kanje.

Eqhuba uthe: “Isifindazwe iKwaZulu-Natal isona sifundazwe esamba phambili, ingakho nasemqhudelwaneni iCosafa Cup, abadlali abenze kahle beqhamuka emaqenjini akulesi sifundazwe” usho kanje.

Labo badlali nguSiyethemba Sithebe oqokwe njengomdlali ovelele noVeli Mothwa ongunozinti ongangenelwangwa goli futhi owayengukaputeni weBafana Bafana. Bobabili la badlali bavela ku-AmaZulu FC.

Iqembu ngalinye lizogixabezwa ngesamba esiyi-585 zamarandi, bese kuthi iqembu elinqobile lithole inkomishi.

“Ngiyafisa amaqembu adlala esigabeni esiphezulu aqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal nokungenzeka inqobo nje uma kube khona ukwesekana ngakho konke” usho kanje uMtimande.

Imidlalo yeKZN Premier’s Cup iqhathwe kanje:

See Also

Ngomgqibelo

UThongathi FC neMaritzburg United ngele-11:00 ekuseni

iRichards Bay FC neRoyal AM ngele-15:00 ntambama

NgeSonto

AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows ngele-9

iRichards Bay FC/Royal AM no-Uthongathi FC/Maritzburg United ngele-12

Kube umdlalo wamanqamu ngele-15:00 ntambama

Scroll To Top