UKatsande ukhuluma nelaboHlanga


USEPHUMELE obala ngephupho lakhe lokubuyela kuKaizer Chiefs njengomqeqeshi uWillard “Salt and Vinegar” Katsande osanda kulaxazwa Amakhosi kuhle okwenyongo yenyathi.
Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga lo mdlali ongowokuzalwa eZimbabwe uphefumule ngesifiso sakhe sokwangamela isikhundla sokuqeqesha Izimpofana uma esewagaxe emgibeni amakhokho.
UKatsande uyibambe kuBafana Bokuthula Noxolo iminyaka eyishumi. Udlale imidlalo engama-326 wabhakuzisa enethini amagoli angama-34.
“Ngelinye ilanga ngiyobuyela kuChiefs. Phakathi kwezinto engihlose ukuzifeza uma sengithathe umhlalaphansi njengomdlali ebholeni wukucija iqembu lami lesizwe (Zimbabwe) neChiefs. Angingabazi ukuthi nakanjani ngizolikhuza ibuya kuChiefs. Noma ngingazi ukuthi kuyobe kunini kodwa kona ngiyazi ukuthi kuyokwenzeka ngelinye ilanga,” kuchaza uKatsande ngokukhulu ukuzethemba.
KuMakhosi unqobe inqwaba yezicoco okubalwa kuzona ezimbili zeligi, Nedbank Cup neseMTN8.
“Ngifisa nokufaka isandla ekuthuthukiseni ibhola ezweni lami. Kuyisifiso sami ukutshala ulwazi engiluncele njengomdlali entsheni esakhula lapho ngisuka khona, uma sengiyekile ukudlala,” kuqhuba uKatsande.
Njengamanje uKatsande umataniswa nomakoti iSekhukhune United esanda kukhuphukela esigabeni esikhulu ngemuva kokudla umhlanganiso kuGladAfrica Championship.
Nokho useqalile ukwenza izifundo zakhe zokuqeqesha. Ngonyaka odlule uphothule izifundo zeCaf esigabeni seD License.
“Njengamanje sengibheke ukwenza u-C License. Ngiyacabanga ukuthi ngizothola kahle ithuba uma sekuphele le sizini ezoqala (ka-2021/2022). Isifo sokhuvethe siphazamise izinto eziningi. Ezinye izinto zibambezelekile ngenxa yale sifo,” kusho yena.
Uma isifiso sikaKatsande sokubangumqeqeshi kuPremier Soccer League (PSL) sifezeka uzolandela ezinyathelweni zabakhaya bakhe okubalwa kubona u-Ian Gorowa (owayecija iSwallows) ongasekho emhlabeni, Norman Mapeza (owayepheka iChippa United) noKaitano Tembo ololonga iSuperSport United.
“Ngonyaka odlule ngenyanga kaLwezi bengibhalisele izifundo ze-Uefa B Licence eNorthern Ireland. Bathembisa ukuthi bazobuyela kithina ngenxa yokuthi bekuneqoqo labaqeqeshi ebelibhalisele ukwenza izifundo ezifanayo ekuqaleni konyaka ofile kodwa izifundo zahlehla ngemuva kokuqala kokhuvethe,” kucacisa uKatsande.
Ekuqaleni konyaka ozayo uKatsande uzobe ehlanganisa iminyaka engama-36.
“Sengizolinda ukuzwa ukuthi bazothi siqala nini ngoba kusamele kuqedele leli qoqo elalingaphambi kwethu. Ngihlalele ethembeni lokuthi ngizobizwa ngonyaka ozayo,” kubeka lo mdlali odume ngokuqinisa unyawo uma esenkundleni.
Amakhosi athathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe kodwa akanagqubu ngokukhonjwa kwakhe indlela.
“Uma ngingathi ngiphatheke kabi ngokuthi inkontileka yami ayizange ivuselelwe ngabe ngenzisa okumuntu onomhobholo. Phela uMdali akabafuni kabi abantu abanomhobholo. Ngidlale iminyaka eleshumi kuChiefs. Ngakho yini engingathi ngiyayikhalela ngempela? Ukube ngihlale izinyanga ezine ngase ngikhonjwa engifike ngayo bengizobhocobala kodwa angeke ngikhalele ishumi leminyaka. Iyodwa kuphela into ongayenza ukubungaza leli shumi leminyaka engilithokozele kuChiefs. Isho lukhulu kimina leminyaka engiyihlale kuChiefs. Angikaze ngijabule kanje empilweni yami,” kusho uKatsande.
Akungatshazwa ukuthi uKatsande usebalwa nezingwazi kuChiefs ngenxa yempumelelo ayizuze naMakhosi eminyakeni eyedlule.
“Ngihlonishwa iNingizimu Afrika yonke kanjalo nasezweni lami nje kungenxa yeChiefs. Angikhumbuli nolulodwa usuku lapho ngake ngayakhona enkundleni ngaphandle kogqozi. Abantu bohlezi bengikhumbula njengomdlali owayehlale ezinikele ngaso sonke isikhathi,” kulandisa uKatsande.
Ngo-2014, uKatsande uqokwe njengomdlali ovelele kuChiefs ngemuva kokusiza iqembu ngesikhathi lidla ubhedu ku-Absa Premiership ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.
“Umzuzu oyohlale uhlezi enhliziyweni yami kuChiefs, yingesikhathi siphula amarekhodi sinqoba isicoco seligi ngo-2014. Sanqoba iligi ngerekhodi lamaphuzu saphinde sadedela amagoli amancane. Phela uma ukhumbula kahle ngesizini eyandulela leyo sasikade siphunyukwe yiligi ngemizizu yokugcina kulandela ukuthi sikade sihlale esicongweni isikhathi eside,” kubeka uKatsande.
Ngaphandle kokuzakhela udumo ngendlela azikhandla ngayo uma esenkundleni, uKatsande usephenduke isilomo ngenxa yemiswenko ehambisana nemidanso avamise ukuyifaka ezinkundleni zokuxhumana.
“Imidanso nemiswenko ngenye yezindlela engizama ngayo ukuvezela umphakathi olunye uhlangothi lwempilo yami ngaphandle kwenkundla. Phela izinkumbi zabathandi bebhola sezijwayele lolu hlobo lukaKatsande olungenaso isikhathi sokudlala uma lusenkundleni. Uma ubona ngiveze elomhlathi usuke usenhlanhleni. Ukuhleka akuzona izinto zami. Noma kujatshulelwa igoli angibi yingxenye yabasuke bejabula ngesikhathi somdlalo. Imidanso nemiswenko nami yindlela yokukhombisa injabulo ngoba angibulokothi utshwala futhi angibhemi,” kusho uKatsande.
Ezinkundleni zokuxhumana uKatsande usaziwa ngeBoss Ya Mboka okuyindlela aziteketisa ngayo.
“Okwamanje ayikho inkampani yengqephu engisebenzisana nayo kodwa ngilindele noma yiliphi ithuba elizowela ezandleni zami. Nginethemba lokuthi ikhona iminyango ezovuleka.” kuphetha uKatsande.