Utusa ukusebenza kanzima kukhona konke uNdlovu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
NgoNdasa ekhuluma nelaboHlanga wathi isifiso sakhe ukuthi asakaze kwimiqhudelwano emikhulu, lapho kubalwa i-African Cup of Nations (AFCON), i-Euro kanye neNdebe YoMhlaba. Lowo ngumsakazi osezakhele igama ngokuthi aqambe abadlali bakanobhutshuzwayo amagama, uReginald “Mapensela” Ndlovu ongumsakazi webhola likanobhutshuzwayo kaSupersport.
Isifiso sakhe uMapensela emasontweni edlule sifezekile njengoba ekwazile ukuthi abalwe nabasakazi abasakaze umqhudelwano i-Euro 2020.
Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ngijabule kakhulu ukuthi iphupho lami lifezekile. Lokhu kungivezelile ukuthi shuthi ikhona into enhle engiyenzayo uma ngisemvakombhobho. Lokhu okwenzekile kumina akusho ukuthi konke kuhamba kahle noma senguwumsakazi ohamba phambili cha, kusamele ngiqhubeke nokuthi ngisebenze kanzima ukufeza amanye amaphupho ami” usho kanje uNdlovu.
Abanye abakuleli ngolimu lwesintu ababesakaza kuyona i-Euro uVeli Khumalo, uPhumlani Miya noZama Masondo. UNdlovu emdlalweni wamanqamu owawuphakathi kwe-England ne-Italy uyena owayesemvakombhobho.
“Kwabe kuyi-Euro yami yokuqala ngakwazi ukusakaza umdlalo wamqamu owawubhekwe izinkulungwane zabantu lokho kumina kusho lukhulu kakhulu. Iphupho lami kohlezi kuwukusebenza kanzima kukho konke engikwenzayo, ngiyaye ngikushaye indiva ukubizwa ngomsakazi ohamba phambili ngoba angifisi kungingene ekhanda ngakho ngiyaye ngithi nami ngingomunye wabasakazi abasebenza ngokuzikhandla hhayi umsakazi ophezulu kunabo bonke. Ngingasho ngithi ngangifisa ukufika kuleli zinga engikulo kodwa usemuningi umsebenzi ekusamele wenziwe” usho kanje uNdlovu.
Lo msakazi akaconsi phansi kakhulukazi ezindaweni zasemalokishini, njengoba eqamba abadlali amagama. Kubadlali abambalwa nje abaqambile umdlali weKaizer Chiefs uWillard Katsande umbiza ngo “Sgwinya Konke”, uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates umbiza ngo “SMS Shake My Soul”, uMario Boysen wa-AmaZulu FC yena “Umnyango waseMall uyazivulekela”. UmfokaNdlovu bonke abadlali abadlala kuDStv Premieship ubaqambile.
Ebuzwa ubunzima abhekane nabo emdlalweni ye-Euro uthe: “Umsebenzi ube muningi kakhulu ngoba kudingeke ukuthi ngingalali izinsuku ngaphambi komdlalo. Kungumsebenzi wethu ukuthi senze isiqiniseko sokuthi sibize kahle amagama, abadlali kanye nabaqeqeshi noma kuthiwa linzima kangakanani. Ngenxa yokuthanda umsebenzi wami, ngeke ngakhala kakhulu” kusho uNdlovu.
Ngesonto elilandela elomdlalo wamanqamu e-Euro, wabe esesakaza umdlalo wamanqamu weCaf Champions League okwakutholene kuwona iKaizer Chiefs yakuleli ne-Al Ahly yase-Egypt.
ElaboHlanga, limbuza ukuthi ngokwakhe wayefisa yini ukuthi iChiefs inqobe lo mdlalo kwazise iyiqembu lalapha eNingizimu Afrika uthe: “Ngiyawuhlonipha kakhulu umsebenzi wami, noma kuthiwa kunjani alikho iqembu engikhombisa ukuliseka uma ngisakaza. Lokho kuzongehlisa isithunzi sami, kulo msebenzi engiwuthandayo” usho kanje.
Omunye umdlalo wamanqamu awusakaza umfoka Ndlovu oweCaf Confederation Cup, lapho kwakutholene khona iTP Mazembe neSupersport United.
Echaza ngokwenza waqhamuka nokuqamba amagama abantu uthe: “Iningi labadlali ngifuna bazizwe bemukelekile ezweni labo ngoba babizwa ngamagama abadlali baphesheya kodwa mawungaya phesheya ngeke uthole kuthiwa kunomdlali owuNdlovu, Sibiya okanye uNgcobo njalo njalo. Ngifuna abadlali bazigqaje ngobuzwe babo nemvelaphi yabo khona nalaba abasafufusa bezokhuthala” kusho uNdlovu.
Ngaphambi kokuthi asakaze kaSupersport ubesakaza kaSABC nokuyilapho aqala ukuduma khona.
Ebuzwa ukuthi ukuhamba kwakhe kwaba kuhle yini uthe: “kwaSABC ngahamba kahle, ngaze ngaya nase mahhovisini akhona ngahlala phansi nabaphathi ngabonga indlela ababenginikeze ngayo ithuba lokuthi ngizakhele igama ngaphansi kwabo. Isihlahla asimoshelwa ngoba awazi uyowudinga nini umthunzi ngakho ke ngahamba yonke into ikahle” usho kanje uNdlovu.
Echaza ngomsuka wakhe uthe uzalelwe eBara eSoweto wakhulela eMofolo Central, emva kweminyaka emihlanu wehlela eNquthu, eNgwebini ekhaya lakhe koMama. Ufunde eDundee Primary school, iseCasino Primary School, wadlulela Ekucabangeni High School (Nquthu), waya eNdlelanhle Secondary school, wadlulela eLangazela high School (eNondweni) wabe esesonga eMzamo High school (eNewcastle). Kanti ube esedlulela eDurban University of Technology (DUT).
Ebuzwa ukuthi ukusakaza kwaSupersport ngabe akhona yini amathuba avulelekile kuyena uthe: “Amathuba amaningi kakhulu ngoba kuvule izinto ezifana nezikhangisi zakuthelevishini, kanye nezokuqoshwa kwephimbo kanti futhi bangabantu abakunikayo ithuba mangabe uza nento ofisa ukuyifaka kumabona kude” uchaze kanje.
Echaza ngobunzima bokuba ngumsakazi uthe: “Ukuthukwa abantu mangabe iqembu labo lidliwa bethi uyalenyanya kodwa maliwina bayakujabulela bethi umsebenzi wakho muhle. Nanokuthi ngoba lo msebenzi awuyelwa esikoleni nanoma ubani uzizwa amandla ngawo bese ebeka umbona wokuthi engawenza kancono kunawe” usho kanje.
Ebuzwa ukuthi imuphi umdlalo omkhulu angasoze wawukhohlwa, uthe ilapho kwakutholele khona iqembu laseSpain IFC Barcelona neMamelodi Sundowns yakuleli. “Lo mdlalo waba okhethekile ngoba ngasakaza kudlala uLionel Messi lapha eNingizimu Africa neqembu nje lonke leBarcelona eliphethe ushukela wabadlali abadume umhlaba wonke” kusho uMapensela.
Umdlalo awusakaza wokuqala kwaba owePlatinum neTownship Rollers yaseBotswana emqhudelwaneni weBokone Bophirima Maize cup, uthe umuzwa wawuthusa kakhulu ngoba lase lifikile ithuba ayekade elilinde isikhathi eside. Emva kokuthi wangenelwa izincingo, imilayezo kwaduma ngisho eyinkundleni zokuxhumana.
UNdlovu uyindoda enamakhono amaningi, njengoba ngaphandle kokusakaza uphinde abe ngumdlali kanobhutshuzwayo, abe ngumqeqeshi, abe ngumqondisi kwezama filimu nase tiyetha.
Ulunguzile ezinhlelweni ezihamba phambili kuleli elingisa lapho kwi-Generations, iRhythm City, iScandal, Igazi nakwiFrank and fearless okuyingqayi eyenziwe uLeon Schuster. Uphinde wavela ezikhangisini ezahlukahlukene.
UGatsheni abakaNdlovu uthe ukhule elalela uJoe Hudla emsakazweni, kodwa wathi uma eqala ezwa umsakazi egila iyimanga kuthelevishini wabe esemhlala eyithendeni lowo nguBaba Mthethwa, akaphindanga ayeka ukuthanda umsebenzi wakhe.
Unyaka wakhe wesithupha esakaza njengoba aqala ukusakaza ngoNtulikazi wangonyaka wezi-2015.
Esonga uthe: “Ngifisa ukukhula kuyona yonke indima engibambe kuyo, ukusebenza kanzima kuzosiza kakhulu ukuze nami ngigcine sengineskole sabasakazi ngelinye ilanga” usonge kanje.

