Now Reading
AMabhokobhoko azofuna ukubuyisa izinduku kusasa
Dark Light

AMabhokobhoko azofuna ukubuyisa izinduku kusasa

Umdlali weqembu lesizwe lombohoxo amabhokobhoko uFaf de Klerk, uthi iqembu iBritish & Irish Lions kumele lilindele umlilo wodwa emdlaweni ozokuba kusasa ngoMgqibelo.

La mazwe azotholana emdlalweni weTest yesibili, ozobanjelwa eCape Town Stadium. UDe Klerk usho lokhu nje ingoba emdlalweni wokuqala obungeledlule, iBritish & Irish Lions iguqise elakuleli ngamaphuzu angama-22 kwali-17.

Elakuleli elingompetha boMhlaba ngendlela elalibophele ngalo lalithembisa ukuthi nakanjani lizowunqoba umdlalo kwazise lalibophela iningi labadlali elanqoba iNdebe YoMhlaba ngowezi-2019.

UDe Klerk emdlalweni wangempelasonto edlule ukwazile ukushaya itry eCape Town Stadium kodwa ibinganele ukusiza elakuleli linqobe.

“Siyisizwe esiziqhenyayo futhi nakanjani sizoqinisekisa ukuthi siyawalungisa amaphutha esiwenzile. Nakanjani sizobuya siwumlilo yize sizoya kulo mdlalo sinentukuthelo, kodwa sidinga ukuyilawula leyo ntukuthelo ukwenza isiqiniseko sokuthi isiyalo sethu siyalawuleka. Ngikholwa ukuthi kumele silungise amaphutha kakhulukazi phambili, nasemumva siqinise kakhulu. Lo mdlalo uzokuba ngonzima kakhulu kuwona womabili amaqembu” kusho De Klerk odlala iScrumhalf.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-29, waqala ukudlalela iqembu lesizwe ngonyaka wezi-2016 usedlale imidlalo engaphezulu kwengama-30. Emaqenjini udlalele iPumas, iLions, iGolden Lions kuyimanje udlalela iqembu lase-England iSale Sharks.

Eqhuba uthe: “Ngeledlule wonke umuntu uphume edumele, isifiso sethu besifuna ukunqoba umdlalo wokuqala. Kodwa njengoba kungenzekanga akusho ukuthi kumele sibhekise amakhanda phansi, okumele sikwenze ukuphaphama emdlalweni wesibili siwunqobe kanye nowokugcina. Abadlali abaningi benze kahle kakhulu, asidlalanga ndawonye isikhathi eside ngakho bekukuhle ukuthi senze amaphutha bese sisebenzela phezu kwawo. Kuningi esikufundile, ngakho-ke manje ngeke sibe namaphutha amaningi” kusho uDe Klerk.

Umdlalo wokugcina wala mazwe uzokuba mhla ziyi-7 kuNcwaba khona eCape Town Stadium.
Isekela mqeqeshi waMabhokobhoko uDeon Davids uvumelane noDe Klerk, kwelokuthi bazoya kulo mdlalo nakanjani befuna ukunqoba.

See Also

“Sagcina ukudlala ngonyaka wezi-2019 ndawonye, lokho kusilimazile kakhulu. Kodwa uma ungumpetha uhlezi ulindele ubunzima. Ngalokho ngiqonde ukuthi ngeke sivike ngokuthi kade sagcina ukudlala ndawonye. Okumele sikwenze ukunyusa amakhanda, silwelwe ukuthi sinqobe umdlalo wesibili lokho kuzokwenza sibuyelwe ukuzethemba okukhulu. Emdlalweni wethu odlule mancane amaphutha esawenza kodwa ngawo ewodwa sagcina sihlulwa okusho ukuthi kulo mdlalo akumele nangengozi senze amaphutha” kusho uDavids.

Leli phini lo mqeqeshi lithe uTrevor Nyakane ‚uBongi Nyakane no-Ox Nché ufuna benyuse amasokisi kulo mdlalo bese abadlali baphambili betholele izwe ama-try.

Selilonke iqembu lamaBhokobhoko elizoqala umdlalo lithakwe kanje
UWillie le Roux, uCheslin Kolbe,uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandre Pollard, uFaf de Klerk, uJasper Wiese, Pieter-Steph du Toit, uSiya Kolisi (ongukaputeni), uFranco Mostert, u-Eben Etzebeth, uFrans Malherbe, uBongi Mbonambi noSteven Kitshoff.

Abazoqala ebhentshini: uMalcolm Marx, uTrevor Nyakane, uVincent Koch, uLood de Jager, uMarco van Staden, uKwagga Smith, uHerschel Jantjies noDamian Willemse.

Scroll To Top