Now Reading
Umkhonto wezibhelu uphumele kubalimi
Dark Light

Umkhonto wezibhelu uphumele kubalimi

Izulu seliphindele esishozini kwabohlanga abasembonini yashukela njengoba I-Sezela Mill Group Board inqume ukunqaba umoba owasha noma owagawulwa ngaphambi kwamhla zing-25 kuNtulikazi nonyaka. Lokhu kuchaphazela iSezel South, Sezela North, neMaidstone.

Ngonyaka odlule abalimi bamoba balahlekelwa yimali eningi ngesikhathi wona lomshini unqaba umoba olinganiselwa kumathani ayizinkulungwane ezingama-26, okuyimali einganiselwa ezigidini ezingama-21 zamarandi. Okwangonyaka odlule kwakudalwe umlilo omkhulu owashiwa izimoba kanye nokuthi umshini wawungasebenzi kahle. Kwaba nenkombankombane nokho ngokuthi kwakuyiphutha labani. Abalimi abagileka ngonyaka odlule bagcine bethola usizo lokukhulisa umoba emva kokuthi bengatholanga lutho ngesivuno sanyakenye.

Elabohlanga ngeledlule libhale ngengcuphe abalengela kuyo abohlanga abasembonini yashukela ngenxa yokuphoqeleka kwezinkampani ezigaya ushukela ukuthi zimise ukusebenza kwemishini ngenxa yezibhelu.

Kunenqwaba yomoba ogcine ubhajwe emasimini, ezizindeni zokulayisha, kanye nasemalolini imbala. Omunye walomoba ushiswe abantu abangaziwa omunye washiswa abazibandakanya nezibhelu. Yize kuthe uma izibhelu ziphela imishini yashukela yavula, ayikaze isebenze ngokuphelele. Lokhu kuchaze ukuthi umoba owasha ngezibhelu nalowo owawushiswe ngoba uvunwa kwase kuyama, bekuhamba kancane ukungena kwawo emshinini.

Ngokohlelo lokuqinisekisa ukuthi umoba ongena emshinini usezingeni elifanele, kufanele umoba osuvuniwe ungena emshini engakapheli amahora angama-48, okungenzeka kwelulelwe kwangama-72. Abomshini kashukela bavuma nokho ukuthi umoba onezinsuku ezilishumi washa noba wagawulwa ungalethwa. Kepha ngenxa yokuthi umshini ubungasebenzi ngokuphelele, umoba ugcine usungasekho ezingeni elifanele.

Lenkinga ibhekene nabo bonke abalimi abanomoba omdala kepha abazogileka kakhulu abohlanga njengoba bengenawo amandla okuthwala ukulahlekelwa futhi iningi labo banomoba ovunwa kanye ngonyaka. Ithuba elilandelayo lokuvuna seliyovela ngonyaka ozayo. Kwabohlanga umoba yindlela yokukhokhela izidingo ezinqala zempilo njengokudla, izimpahla zezingane, kanye nemali yesikole.

Umlimi wohlanga ongafunanga ukuthi kudalulwe igama lakhe ulahlekelewe umoba ongagcwala amaloli amane. Lokhu kusho ukuthi lomlimi ulahlekele amathani angama-120. Uma sithatha intengo yashukela yaNtulikazi, ewu-R5165.31, bese kulinganiselwa ukuthi ushukela oqukethwe ungamaphesenti ali-11, kusho ukuthi ulahlekelwe imali engango-R68 182.

See Also

Inhlangano emele abalimi bohlanga I South African Farmers Development Association, izwakalise ukukhathazeka ngalokhu okwehlele abalimi njengoba benomlando wokucindezeleka.

Ngesikhathi sezibhelu, lenhlangano yanxenxa uNgqongqoshe Wezolimi NezoMhlaba kuZwelonke, uNkk Thoko Didiza ukuba elule isandla ikakhulukazi ukuqinisekisa ezokuphepha ukuze kungaphazamiseki lemboni engenye abohlanga abathembele kuyo. “Lemboni iyisisekelo esikhulu sempilo, kanti futhi iqasha baningi. Ngakho ke kubalulekile ukuthi uhulumeni aqhubeke akhe ugange lokuvikela abalimi, ikakhulukazi abohlanga”, kusho UDkt Siyabonga Madlala, onguSihlalo.

Umoba obususemalolini asemgqeni wokungena emshinini uzochithwa ngezindleko zenkampani i-Illovo. Izimo ezinjengalezi zifaka itwetwe ngalemboni eqasha abaningi nenabalimi abevile ezinkulungwaneni ezingama-20, iningi labo elingabohlanga abalima ngokuncane.

Scroll To Top