Ikusasa elinokuthula eTunisia lisemahlombe kaMengameli u Saïed



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Mhla zingama-17 kuZibandlela 2010, uMohamed Bouazizi owayengumthengisi emgwaqeni washona emveni kokuzishisa ngomlilo. UBouazizi wakwenza lokhu ngenxa yokuthi amaphoyisa ase Tunisia amephuca izimphahla ayezithengisa ngobe ethi akanalo ilungelo noma incwadi emgunyazayo ukuthi adayise emgwaqeni.
Abaziyo bathi, uBouazizi wabe engomunye wabathengisa emgwaqeni nokwase kuphele iminyaka behlukunyezwa amaphoyisa, ebafuna amaphepha okusebenze kodwa umthetho ube ungasho njalo, agcine ebaphuca lokho okuncance abakuthengisayo, bese bezithola bengena mali yokondla imindeni yabo, noma eyokukhokhela isikweletu semphahla abekade bezoyidayisa.
Kepha ngalolo suku cishe ayengakwazi okaBouazizi kwabe kungukuthi isenzo sakhe saba yisiqalo semibhikisho eyaqubuka ezweni lonkano uvuthondaba lwayo okwaba ukuqunjwa phansi kuka Hulumeni owawuholwa ngu Zine El Abidine Ben Ali ku Masingana 2010. Lesishingishane seminbhikisho eTunisia saba yisisekelo seminye imibhikisho eyaqubuka kwamanye amazwe ase Nyakatho neAfrika Afrika neyaduma ngokuthi yi-Arab Spring.
Emveni kwalemibhikisho ziningi izinyathelo ezathathwa eTunisia kuzanywa ukwakha uHulumeni omusha nokwakulindeleke ukuthi wophatha kahle amalungelo abantu, wokwazi ukuthuthukisa umnotho wezwe ukuze izingqinamba abafana no Bouazizi ababebhekene nazo ziphele. Kuleminyaka ecishe ibe yi-10 ngemuva kwalemibhikisho imizamo yokwakha uHulumeni onjengalona ayikezi nemiphumela egcwele nokudalwa ukungapheli kokukhombana nokuyinto enomthelela ngokwenzeke emasotweni edlule.
UMengameli Kaïs Saïed, ugwamande wonke amandla ombuso ngokuxosha uNdunankulu kaHulumeni, wamisa ukusebenza kwePhalamende izinsuku ezingama-30, waphinde wajutsha amasosha ukuthi aqaphe izakhiwo zombuso. Lesinqumo usithatha nje besekunesikhathi eside iTunisia isingathwe yimibhikisho yezakhamuzi nezikhalazela okuningi okufana nokwesweleka kwemisebenzi, ububha obudlangile ezweni, kanye nendluzula abezokuphepha ababhekana ngayo nezakhamuzi.
Okwacaca mhlazane lezikhalazo nemibhikisho iqala kwabe kungukuthi ingqikithi yazo isimo somnotho esintengayo nebesesidale ukuthi izakhamuzi eziningi zingaziboni ziphila impilo encono. Lesimo sezomnotho, sigcine sesibhebhethikiswe ukuqubuka kukaKhuvethe eTunisia nyakenye. Uhulumeni wase Tunisia, njengoba amanye amazwe nawo enzile, wenza izaba zokugwema ukubhebhetheka kwalesifo ezifana nokumiswa kwesikhathi sokufika amakhaya, ukuvalwa kwezwe okwesikhashana nokube nomthelela kwizimboni ezahlukene ezifana nezokungcebeleka.
ITunisia ingelinye lamazwe lapho ezokungcebeleka ziyingxenye yomgogodla womnotho wezwe kepha ogcine ulimele kakhulu ngenxa yemithetho esamisiwe ukuze kuliwe noKhuvethe. Selokhu lagasela leligciwane eTunisia nokuyizwe elinenani labantu abayizigidi eziyi-11.9, sebebalewa kwizinkulungwane eziyi-19 asesibathathile, laphinde lazenzela kumnotho wezwe nalapho kuvela ukuthi ukwentuleka kwemisebenzi sekukhuphuke kwafinyelela cishe kumaphesenti ayi-18, nalapho kubalwa amaphesenti angama-40 entsha eswele imisebenzi.
Yilesimo somnotho ebesibucayi, nokuqina kwemithetho yokugwema uKhuvethe esidale imibhikisho ephoqe uMengameli ukuba agwamande amandla ombuso. Kwezepolitki ukuntenga komnotho, izikhalazo ngendluzula yabaphathi bombuso, ukwentuleka kwemisebenzi okudala indlala nolaka, yinhlanganisela ebucayi kwezepolitiki nengase iholele ekutheni ngokuhamba kwesikhathi ijazi ligcwale umoya kuMengameli uKaïs Saïed uma engaphuthumi nokuguqula isinqumo asesithathile.
Kuningi okwehlukene okungenzeka ezweni emveni kwalesinqumo. Kungenzeka ukuthi yande imibhikisho ebisiqalile nalapho sekuzobe kukhalazelwa ukuthi uMengameli usezinike amandla angenawo ngokoMthethosisekelo wezwe.
Ukwanda kwemibhikisho kuzodala ukuthi kube nokunqubuzana phakathi kwababhikishi nabezokuphepha nokungadala ukuthi kube khona abaswelekayo, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezakhamuzi. Uma lokhu kwenzeka, uMengameli uzoba kwingcindezi ezomphoqa ukuthi enze okubili, ukuqhubeka nokusebenzisa ezokuphepha ‘ukuqinisa ingalo yomthetho’, kepha asikho isiqiniseko sokuthi abekho abaholi bezempi ezweni abangamujikela bamqumbe phansi. Uma lokhu kungenzeka, kusho ukuthi iTunisia iyobuyela kwisimo eyayikuso ngaphambi kowezi 2010, nokuyinto okumele igwenywe ngayoyonke indlela.
Ngakolunye uhlango, okungase kwenzeke ukuthi uMengameli agobe uphondo ngokuthi afakane imilomo namanye amaqembu ezepolitiki ukuze kusungulwe kabusha uHulumeni bese kuvulwa nePhalamende kungakapholi maseko. Uma lokhu kwenzeka, kokwandisa amathemba okuthi izingqinamba lelizwe elibhekene nazo zingaxazululeka ngezinye izindlela ezingafaki udlame nemibhikisho.
Noma kungazeki okwamanje ukuthi iyiphi indlela ezothathwa eTunisia, okungeke kuthandabuzwe ukuthi konke kusezandleni zika Mengameli, nokunguye oyothalwa ijoka uma izwe libheduke kulezinsuku ezimbalwa ezizayo. Okubi wukuthi ngenkathi osopolitiki belibele ukulwa izakhamuzi zisalokhu zihlezi ngaphansi kwengcindezi yokuntenga komnotho, nokuyichilo elenza ‘inhlekisa’ ukuzidela kuka Bouazizi ngowezi 2010.