Siphezulu isibalo sabafundi abashiye izikole selokhu kuqale uKhuvethe



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Bekuhlukene imbono kwizakhamuzi zase Ningizimu Afrika ukuthi ngabe ngoMsombuluko izingane kumele yini zibuyele ezikoleni. Lemibono ehlukene beyidalwa ukuthi uMengameli wayevele ekuhlehlisile ukuvulwa kwezikole ngenxa yezibalo eziphezulu.
Ngenkathi uMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe wazise izwe ukuthi izibalo zabantu abahaqwe ubhubhane uKhuvethe zehla ngama-20%. Umbiko okhishwe uNgqongqoshe u-Angie Motshekga weMfundo Eyisisekelo uthi izisebenzi zasezikoleni esezikwazile ukuthi zigome zingama-89% okungothisha kanye nezinye izisebenzi ezisema gcekeni ezikole.
Unobhala weNyunyana iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) KwaZulu Natal uNks uNomarashiya Caluza ephawula ngalokhu kuvulwa kwezikole uthe into ekhathazayo ilezi zibhelu ezibekhona emasontweni ama-2 edlule. “Inkinga esinayo ukuphepha kothisha kanye nezingane eNanda nase Pheonix ngoba ngeke ube nesiqiniseko sokuthi kuthuli. Njenge SADTU sibize umhlangano onazo zonke izinhlaka zomphakathi okubala nezigungu zezikole ukuthi yini engenziwa ukuhlanganyela ukuze abenze ububi babuyiselwe eceleni ukuze ukufunda kwabantwana kungaphazamiseki,” kusho uNkk uNomarashiya.
Uthe okumqoka njengamanje ukuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni lezo ezizithole seziba izisulu zezibhelu zashiswa okanye zacekelwa phansi kutholakale amagumbi okufundela angomahamba nendlwana, ukuze izingane zithole imfundo esezingeni. Uthe abebelokhu bekwenza kulelisonto okwamanje njenge SADTU ukuvakashela lezi zikole ezishisiwe bayonikeza othisha ithemba ukuthi ukufunda bazoqhubeka.
Inhlangano i-Uniserf ikhiphe umbiko othi isikhathi esilahlekile lapha eNingizimu kubafundi silinganiselwa esikhathini esingango nyaka. Ephawula ukuthi kuzoba nzima kangakani ukuzama ukubuyisa lesi sikhathi esilahlekile ngokwemfundo ezikoleni uthe; “Ngingakusho ukuthi lokho siyakwazi. Izingane eziyeke izikole zibalelwa ema-500 000. Kumele sikuvume ukuthi lokhu kuzoba nzima ukuthi lesi sikhathi sibuyiseke.
Kepha okungenziwa ukuqinisekiswa ukuthi othisha bakulungele ngoko mqondo ukubhekana nalezimo ezikoleni. Kunalokho sike sibone abaphathi bemfundo behlukumeza othisha bethi kumele basebenze nangamaholidi izikole zivaliwe ibe ingekho nemali ababanxephezela ngakho. Lokhu kudala ukuthi kuliwe nasezikoleni.”
Uqhube wathi ngalesi sikhathi othisha befundisa ngamaholidi uthola ukuthi akukho nokufundisa okusezingeni ngesikhathi samaholidi. Uthi lokhu kuyingozi ngoba wonke umuntu emphakathini unengcindezi okumqoka ukuthi kutholakale indlela abazosekwa ngayo. Ngoba indlela nezimo abafundisa ngaphansi kwazo akekho uthisha osake wakulungiselela lokho.
Okuyizo zonke izinto eziletha ingcindezi kothisha, okungaba iphutha elikhulu uma kungabekwa kubona othisha ukuthi bazosibuyisa kanjani lesi sikhathi esilahlekile. Osayibamba Mengameli weNational Teachers Union (NATU) uMnu uSibusiso Malinga uthe kade bakweseka ukuthi ukufunda kuhambe kahle ezikoleni. Uthi ukuthi othisha bathole imigomo akusikhona kodwa ukuzovikela othisha.
Wathi okumqoka ukuthi izikole zibe nezidingo zonke ezikoleni. Wathi okumkhathazayo okuthulwe uNgqongqoshe wezeMfundo uNkk u-Angie Motsekga ukuthi kusaxilongwa ukuqhelelana ukuthi kungehliswa yini hlampe kube ngaphansi ngemitha. Wathi ukhala ngempilo yezingane. Uthi kutholakale abangaphezu kwezi-20 000 abanokhuvethe.