Umphakathi wakwaMashu iwona owaphakamisa ukwakhiwa kwesiko
Bonke babeqhamuke nombono, banxusa ubaba uShangase owayeyimeya yokugcina Kwamashu onyakeni we-1996,ukuba kwakhiwe isikole.Uma ngikhumbula kahle kwaba yimibono yomphakathi owawubhekene nehlathi owaphakamisa ukuba kwakhiwe isikole.
Ngachazela uDoobsie Langa, udadewabo kaMtungaye ukuthi kwakungumamawakhe, ubaba uPP Cele,umama wakwaSibisi, ubaba uMhlongo owayeyiphoyisa,ubaba kaDaniel Ndlovu bakwa-H.
Kanti abakwa-F kwakungubaba uMhlongo emgwaqeni uMsweli oseseNtuzuma, uMagagula,uPat Ngcobo umalume kaThemba Joseph Ngcobo, kwaMatlaivana ebaSuthwini, nabanye abaningi engisabakhumbulayo, ababesezinhlakeni zentuthuko yomphakathi waKwamashu eminyakeni yowe-1980.
Kanti umama kaDoobsie ikakhulukazi,wayethi kwakuzovaleka isikhala ngalelihlathi okwadlwengulwa kwabulawa ingane yentombazane uma kwakhiwe isikole.Sasingapheli isithombe kumama kwaDoobsie sengane yentombazane eyayisencane ,eyabulawa, uma njalo ebheke kulelihlathi.Kwaze kwaphela kuyena umama sekwakhiwe isikole.
Wakuqinisekisa ubaba uShangase ukuthi ukukhumbula kwami ngokwakhiwa kwesikole kwakunjalo mzukwana ngimbikela ukuthi ngangipheka embizeni umlando ngesikole iKwesethu kwa-F.
Ingani umphakathi waKwamashu esigcemeni kwa-F no-H, wawusuhlanganile waba nevuso lokuba kwakhiwa kwesikole ehlathini elalinezigameko.Kuyinto enhle nalokho ukubonisa uhulumeni nomasipala ngezinto eziyintuthuko okufanele zenziwe yimikhandlu emiphakathini.
Kunokwehlukile ngomphakathi waKwamashu nakwamanye amalokishi ngoba awufananga nemiphakathi yasemakhaya, eyayiziqalela yona ekwakhiweni kwezikole.Kube yima kungenelela uhulumeni.
Umphakathi waKwamashu kwa-F no-H,wanxusa uhulumeni ukuba akhe isikole.Isicelo salomphakathi sezwakala ngoba emva konyaka we-1982 kwaba nezinhlelo zokwakhiwa kwesikole ehlathini lezigemegeme.Isikole basiqamba ngokuthi iKwesethu High School.
Imiphumela emihle yesikole iKwesethu yaze yadala ukuba kube nezingane eziqhamuka ezindaweni ezahlukene njangasesigcemeni sakwa-A okuyihostela Kwamashu, okuyibanga impela,zizotapa ulwazi nemfundo Kwesethu High School.
Kuchaza ukuthi othisha nothishanhloko,isigungu sesikole, abasebenza khona imisebenzi eyahlukene,banentshisekelo futhi benza kahle.Ngoba abafundi bashiya isikole Isibonelo High School, esiseduzane nehostela lapho behlala khona kodwa bazofunda Kwesethu High School.
Ngabe kumnandi ukube imiphakathi yasemalokishini neyasemijondolo yayizakhela kuqala izikole ngodaka,ngogaxagaxa njengoba kwakwenza imiphakathi yasemakhaya.Kwenza umphakathi uyazise leyondawo njengezithukuthuku zawo.Akubi lula ukuba kube nomuntu omnyama ocekele into eyakhiwe ngemali eyayiyiminikelo yawo.
Phamblini kwakukade kuyihlathi elalinezigameko ezinhle nezimbi manje sekunesikole sebanga leshumi nambili iKwesethu High School. Okwakukubi kakhulu ngalelihlathi ukuthi kwakudlange izigameko zobugebengu obabuvamise ukwenzeka kulelihlathi elaliphakathi kwa-F no-H, Kwamashu, esinqawunqawini. Kwakunababegcweleza umphakathi becashe kulelihlathi.
Ihlathi elaliyindlela eyayinqamulela uma uya esitolo eMakhehleni kwa-F,kweseLeeds United okwakuyikilabhu yangakhona,yodumo kwi-National Professional Soccer League,NPSL. Kwakuyindlela eyayinqamulela uyakothenga kubo kwaSibusisiwe,uBusi Matlaiyivana ebaSuthwini uqhamuka ngezansi komgwaqo uZulu.
Ihlathi njengawowonke amahlathi elaliyindawo yabathandanayo ababebadala nababebancane ababechitha khona injabulo nsukuzonke kungakhathaleki ukuthi linjani izulu inqobo nje uma lingani.
Kwakuyihlathi labalimi baselokishini njengomkhulu kaThulani Docrane Mpisi,ubaba uMhlongo,abakwaMazeka,uPat Ngcobo nabanye ababelime izitshalo njengobhatata,umbila,imfino yamathanga nokunye okwakwehlukene.Ngangintshontsha ubhatata nabafana engangikhula nabo.Sasiyithola induku yabanikazi bamasimu uma besibonile, singatetemi ngoba sasazi ukuthi sonile.
Ayisaphathwa eyezingozi ezazidalwa ukuphaphalaza kwamabhasi, kusewu-Public Utility Transport,uPutco,izimoto ezincane nazo kwakuqabukela ziphaphalazile kulelihlathi.Kwabakhona abafayo ngenxa yamabhasi ayephaphalazile emgwaqeni ehla ngesivinini esiphezulu eqhamuka ngenhla komgwaqo uBhejane.
Amabhasi ayengena esihluthu angabe esalawuleka agcine eseshayisa abagibeli ababesuke bemile ngalapho okuyikhona ngasesikoleni iKwesethu High School, belinde izinto zokugibela beya ezindaweni ezazehlukahlukene.
Kwabe sekwakhiwa isiyingi sokunciphisa ijubane lezinqola ezihambangamasondo eziqhamuka ngenhla nangezansi komgwaqo uBhejane noZulu emva konyaka wezi-2000. Akusizanga ukwakhiwa kwesiyingi ngoba izinqola ezihamba ngamasondo zisaqhubeka nokwenza izingozi.
Ngenxa yokungafakwa kwezinciphisa jubane ngenhla kwaso, sekwadala izingozi ezindlini ezingalapho, okusaqhubeka namanje. Kwakufanele uMasipala afake izinciphisajubane nhlangothi zombili ngenhla nasezansi emgwaqeni uBhejane.
Kufanele manje ngabe uMasipala sewazifaka kudala izinciphisajubane ngenhla komgwaqo uBhejane ngakubo kaMthofi.Kungabi nje kuphela izinciphisa jubane ezingezansi kukaBhejane. Kanti yihlazo ngoba zimbalwa nasemgwaqeni uBhubesi.Ngamanye amazwi izinto ezihamba ngamasondo azisaphaphalazi zize zingene ehlathini ngenxa yesikole, sezingena ezindlini.