Ukhuvethe lushabalalise iphupho likaCoco lokuya kuma-Olympics
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuliphupho lanoma imuphi umdlali, ukuthi adlale umqhudelwano omkhulu okubalwa khona ama-Olympics.
Ama-Olympics angaphezulu komqhudelwano weNdebe YoMhlaba, okwenza kube njalo ingoba ama-Olympics abandakanya izinhlobo zezemidlalo ezehlukahlukene.
NgeSonto eledlule umdlali webhola lomphebezo wase-America uCoco Gauff, uphoxekile ukuthi ngeke esaba yingxenye yama-Olympics. Okwenza le ntokazi encane ingeke isabonakala eToyko ingoba itholakale ukuthi inokhuvethe. Lezi zindaba le ntokazi ithe azizinhle neze, ibhala kuTwitter.
UCoco oneminyaka yobudala eli-19 kwenzeka lento ebuhlungu kanje akenzanga kahle kumqhudelwano obalwa nemikhulu iWimbledon njengoba aphume kumzuliswane wesine.
“Ngiphoxekile kakhulu ukuxoxa ngezindaba zokuthi ngiye ngathola ukuthi nginokhuvethe futhi ngeke ngikwazi ukudlala kuma-Olympic Games eTokyo. Bekulokhu kuyiphupho lami ukumela i-USA kuma-Olympics futhi ngiyathemba ukuthi kusazoba namathuba amaningi okuthi ngenze lokhu kumqhudelwano olandelayo” kusho uCoco.
Le ntokazi yasho ineminyaka eli-17 ukuthi nakanjani izobe ikhona nayo eToyko, nebala ilwile ukufika kulo mqhudelwano kodwa manje ngeke isakwazi ukuba yingxenye yawo ngenxa yokhuvethe.
UCoco okeliswe endaweni engama-25 emhlabeni, ekuqaleni konyaka ufinyelele kumdlalo wakhe wokuqala wamanqamu weGrand Slam kuFrench Open yalo nyaka. Kanti ube ngumdlali wethenisi wakamuva waseMelika ophuthelwe ama-Olympics.
Kuyimanje usegunjini lakhe yedwa lapho ahlolelwa khona ukhuvethe.
“Ngifisela inhlanhla iTeam USA nabo bonke abazobe beyingxenye yezemidlalo kuwona lo mqhudelwano wama-Olympics ukuthi benze kahle bephinde bephephe, bezinakekele” kusho uCoco.
UCoco ubezoba ngumdlali omncane kunabo bonke kwabadlala umdlalo womphebezo kulo mqhudelwano. Omunye umdlali omemezele ukuthi ngeke aze abe khona kulo mqhudelwano ngenxa yokhuvethe u-Alex de Minaur yena odabuka e-Australia.
Yize lo mqhudelwano uzoba khona kodwa kubukeka ungeke ufane neminye eseke yaba khona njengoba abadlali abaningi asebezenzele amagama kumdlalo womphebezo bengeke bebonakale ngenxa yezizathu ezehlukene. Kulabo badlali uRoger Federer waseSwitzerland, uRafael Nadal waseSpain, uSerena Williams waseMelika, uVictoria Azarenka waseBelarus, u-Angelique Kerber waseGermany noBianca Andreescu waseCanada.Kanti abadlali abanohlonze abazobe bebhekiwe ilowo ohamba phambili emhlabeni kwabesilisa uNovak Djokovic ongowokudabuka eSerbia no-Ashleigh Barty wase-Australia. Bobabili labadlali bathembise ukuthi bazokwenza ezibukwayo kulo mqhudelwano.
Naseqenjini lanobhutshuzwayo lalapha eNingizimu Afrika abadlali ababili kutholakale ukuthi banokhuvethe, labo badlali uThabiso Nonyane noKamohelo Mahlatsi. Kubukela sisazokwanda isibalo sabadlali abazotheleleka ukhuvethe eToyko njengoba isibalo sabantu abanokhuvethe sanda usuku nosuku.