Now Reading
Ezinye izitolo seziqalile ukunyusa amanani ngokweqile
Dark Light

Ezinye izitolo seziqalile ukunyusa amanani ngokweqile

Emva kokokuba kube nezibhelu, ezinye izitolo ezingashayekanga esezivuliwe zisolakala ngokunyusa amanani empahla ngokweqile. ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi ngenkathi kuqala ukuvuleleka kancane kaSiyaya okuyisitolo esidayisa ukudla eMgungundlovu mhla zili-15 ngesonto eledlule, ayengekho amanani ukuthi impahla ibiza malini, inqwaba yabantu yayishiya ukudla kuma till. Nakwizinkundla zokuxhumana kube nezikhalazo eziningi ezizungezayo lapho abantu bekhala ngamanani asemba eqolo kunalawo ajwayelekile.

UMnu uBheki Mbanjwa okhulumela uMnyango wezoKuthuthukiswa koMnotho esifundzweni iKwaZulu Natal ukuqinisekisile ukuthi benguMnyango bazitholile izikhalazo eziningi ezisuka kwizakhamuzi zase sifundazweni bekhala ngokuthi kunyuswe kakhulu amanani ezintweni ezifana nesinkwa, uFlour, impuphu kanye namafutha okupheka.

“UNgqongqoshe uRavi Pillay ube esejuba ithimba ukuthi alithi ukuzibheka lezi zinsolo,” kusho uMnu uMbanjwa. Ephendula ukuthi ngabe loluphenyo lwenzeke njengoba kuqale izibhelu noma njengoba kulokhu kwaqala umvalelwakhaya. Uthe lokhu kulokhu kwaqala ngesikhathi semvalelwakhaya wathi kodwa abazitholayo eziningi ezesikhathi samanje njengoba kuqale izibhelu muva nje.

Eveza igxathu abazolithatha uma bethola ukuthi ngabe kukhona abakhuphula ngokweqile uthe; “Kuzomele sikhumbule ukuthi akusikhona kokuqala senza loluphenyo njengoba kwenzeka nyakenye amanye amabhizinisi anyusa amanani ezinto ezifana njengezimfonyo izibulali magcewane kanye nokudla.

Konke lokhu akuvumelekile ngaphansi komthetho obizwa nge consumer protection act, okungumthetho ovikela abathengi. Laba abazotholakala benecala lokwenza lokhu bazozithola behlawula imali engafinyelela esigidini samarandi. Noma eyovalelwa ejele sikhathi esingango nyaka.”

Uthe lokhu kwenzekile nyakenye njengoba uDischem wahlawuliswa isigidi esi-R1, 2. “Siyanxusa ukuthi osomabhizinisi bakuyeke lokhu ngoba akusisona isikhathi lesi sokuthi bangazama ukwenza inzuzo ngokweqile,” usho kanje.

See Also

Ephendula ukuthi bazokwenzenjani uma izinkampani zizothi zishayeke kakhulu indlela abathutha ngayo imphahla bazama nokubuyisa imali elahlekile ngesikhathi kunezibhelu uthe; “Siyakuqonda lokho ukuthi kukhona ibhizinisi ebelilethelwa isinkwa manje sekumele bayosilanda kodwa kunendlela ongafaka ngayo imali. Isibonelo nje kunesitolo esithole ukuthi sidayisa isinkwa ngama-R55 sisinye. Nanoma ungaphansi kwasiphi isimo asikho isizathu la beyokwesekela lokhu laba abakwenzayo. Kukhona abanyuse amafutha okupheka abengama-R130.00 manje asengama-R230.00 lokhu siyakubheka ukuthi ukuthuthwa kwempahla kungakanani nokuthi yona ikhushulwe kangakanani.”

Lokhu akumangazi ngoba nangesikhathi uMengameli uma esuke evale utshwala ngenxa yokhuvethe abanye abanotshwala bayabudayisa ngamanani amba eqolo ngasese. Sekuze kwaduma igama elithi “take it or leave it”, elichaza ukuthi uyathatha noma uyayeka. Okumangazayo ukubona nokudla kunyuswa ngalendlela.

Scroll To Top