Izibazi zezibhelu: Kukhalwa nxazonke njengoba nomphakathi wamaNdiya ukhomba izibazi


Nakuba kukhalwa ngokubulawa kwaboHlanga ePhoenix eNyakatho yeTheku nakwaboMdabu baseNdiya sikhulu isililo njengoba abanye babo belahlekelwe yizihlobo zabo ngesikhathi sezibhelu ezihlasele ngeledlule.
UNkk uTashleen Moodley waseTrenance Park eVerulam uyalila ngokubulawa kwendodana yakhe uFaybian Moodley. UFaybian ulimale emveni kokudubuleka ngesikhathi umphakathi wangakubo utholana phezulu nabantu abagasele ngakubo ngenhloso yokuzotapa izimpahla nokudla.
UNkk uMoodley uthi ufuna kwenziwe ubulungiswa emveni kokushona kwendodana yakhe. Elandisa ngesigameko sokubulawa kwendodana yakhe kwimithombo yabezindaba, uNkk uMoodley uthe babone amadoda amathathu noma amane ezama ukungena enkundleni yezemidlalo.
Uthe abazange baqonde ukuthi lamadoda abehlose ukuya kuphi. “Kodwa isimo besishubile endaweni njengoba kade kuqhubeka lento yokutatshwa kokudla nezimpahla ezitolo, amalungu omphakathi abegadile azamile ukujaha lamadoda abezama ukungena enkundleni yezemidlalo kwanokudubulana nalapho kudubuleke khona indodana yami yashonela endaweni yesigameko,” kusho uNkk uMoodley.
Uthe ukube bezingekho izibhelu zokutatshwa kokudla nezimpahla ngabe indodana yakhe isaphila.
UMnu uRadesh Shanganlall wasePhoenix naye kuthiwa ngomunye wabantu abashonile ngenxa yezibhelu ebezikhona. Indodana kamufi, uMnu uKeown Shanganlall ithe uyise uthole umyalelo othi kunabantu abazama ukugqekeza inxanxathela yezitolo.
“Ubaba ube esehlaba umkhosi enxenxa abanye omakhelwane ukuba baphume ukuze kuvikelwe ukuthi kungangenwa ezindlini, ngithe uma ngiphuma nami ngemuva kwesikhashana ngabona umzimba kababa uboshwe esihlahleni, bekunegazi esiswini sakhe, umphakathi ubize abezimo eziphuthumayo abafike emva kwendaba,” kusho uShanganlall.
Nomndeni wakwaRaman eVerulam nawo ufuna izimpendulo emveni kokubulawa kwendodana yawo.
UMnu Desagan uRaman okuthiwa ubesiza umphakathi wangakubo ngesikhathi eshayiswa imoto engazange ime kade kunezidubedube zokutatshwa kwempahla. “Sishaqekile uma sizwa ukuthi umfowethu ushone engozini, sitshelwe ukuthi ushayiswe yimoto, ayikho eminye iminingwane esinikwe yona kodwa esikwaziyo ukuthi uphume ekhaya ethi uyovikela umphakathi ekutheni ungangenelwa ngabantu abebetapa izimpahla,” kusho udadewabo kamufi, uNkk uKevishni Raman Surubgit.
NoMnu uAbdool Wahid Sayed waseVerulam kuthiwa naye ubesemgwaqeni esiza umphakathi wangakubo ukuba ungangenelwa ngesikhathi naye eshayiswa yimoto. USayed kuthiwa ushayiseke ekhanda waphuthunyiswa esibhedlela nokulapho eshonele khona ngakusasa.
UMfundisi uAdrian Naidoo waseChatsworth kuthiwa udutshulwe ngabantu abagasele ngakubo bezotapa ezitolo. NoMnu uGanesh Naidoo wasePhoenix naye kuthiwa ushonile emva kokudutshulwa ngabantu abagasele kulendawo bezotapa.