Now Reading
Amabutho esifunda iTigray akhulule amabutho kahulumeni wezwe anquma ukugcina izikhulu
Dark Light

Amabutho esifunda iTigray akhulule amabutho kahulumeni wezwe anquma ukugcina izikhulu

Anathi Mtaka

Amasosha esifundeni esisenyakatho neTigray e-Ethiopia asededele amasosha kahulumeni angaba ngu-1 000 athunjwa ngesikhathi kuliwa impi yakamuva, kusho inhloko yeqembu layo elibusayo kulesi funda, njengoba zombili izinhlangothi zilungiselela impi ezayo ngomhlaba okuqhudelwene nawo entshonalanga nesifunda.

UDebretsion Gebremichael, umholi weTigray People’s Liberation Front (TPLF), utshele abezindaba ngocingo lwesathelayithi ngoLwesihlanu ukuthi sebededele amasosha angu-1 000 asezingeni eliphansi. “Bangaphezu kuka-5 000 (amasosha) asenathi, futhi sizogcina izikhulu eziphezulu okuzoba yizo ezizobhekana necala,” esho.

Uthe amasosha ahanjiswe emngceleni oseningizimu yaseTigray nesifunda sase-Amhara ngoLwesihlanu, kodwa akashongo ukuthi ngubani owemukelile nokuthi kwaxoxiswana kanjani ngokukhululwa kwawo. Akukwazanga ukuqinisekiswa konke lokhu okushiwo ilomholi.

Okhulumela umbutho wezempi wezwe uthe akatholakalanga ukuba azophawula ngoMgqibelo, kanti okhulumela abaphathi besifunda i-Amhara uthe akanalo ulwazi ngokukhululwa kwalamasosha.

Izikhulu ezisehhovisi likaNdunankulu u-Abiy Ahmed nethimba elisebenza nohulumeni eTigray abaphendulanga izingcingo ezifuna ukuphawula kwabo ngaloludaba. Ukulwa kwaqala eTigray ngoLwezi lapho uhulumeni esola iTPLF ngokuhlasela izinhlaka zamasosha esifundeni, okuyinto iqembu elayiphika. Uhulumeni wamemezela ukunqoba emasontweni amathathu kamuva lapho ethatha inhlokodolobha yesifunda, iMekelle, kodwa iTPLF yaqhubeka ilwa.

Kwenzeka okukhulu, iTPLF yaphinde yayithatha iMekelle kanye neningi laseTigray ekupheleni kukaNhlangulana, ngemuva kokuthi uhulumeni ekhiphe amasosha akhe futhi wamemezela ukuyeka ukulwa. Kodwa-ke, iTPLF ithembise ukuqhubeka nokulwa ize ithole ukulawula indawo okuphikiswana ngayo eningizimu nasentshonalanga yeTigray eyabanjwa ngesikhathi kuliwa ngabalingani bakahulumeni abavela e-Amhara. U-Abiy uthe kuleli sonto amasosha azosusa noma yiluphi usongo lweTPLF, ashiye ngokuzimele isivumelwano owawusimemezele sokuthula.

I-Amhara nezinye izifunda ezintathu zithe zihlanganisa amabutho ukuxhasa umbutho wezwe empini yawo neTPLF.

Izinkulungwane zabantu ziye zafa empini; abalinganiselwa ezigidini ezi-2 bashiywe dengwane futhi abangaphezu kwezigidi ezinhlanu bathembele kusizo oluphuthumayo lokudla.
NgoMgqibelo, i-Ethiopian Broadcasting Corporation ephethwe nguhulumeni icaphune uKhomishana wamaPhoyisa e-Addis Ababa uGetu Argaw Debela ethi babophe abantu abangu-323 abasolwa ngokuxhasa iTPLF, ukuphatha izikhali noma ukwephula uMthethosisekelo, phakathi kwamanye amacala. UDebela uthe amaphoyisa abuye avala namabhizinisi abasolwa ngesikhathi ebaphenya.

See Also

Kuleli sonto, abakwaReuters babike ukuthi amaphoyisa avalela amakhulu amaTigray e-Addis Ababa kusukela ngasekupheleni kukaNhlangulana ngesikhathi amasosha kahulumeni ehluleka ukuphatha inhlokodolobha yaseTigray. NgoLwesihlanu, umnyango wezangaphandle wase-Ethiopia ukhiphe isitatimende usola amaqembu osizo ngabahlubuki abahlomile.

“Ezinye izinhlaka zosizo bezilokhu zibambe iqhaza elibonakalayo ekulimaleni. Siphinde sakuqinisekisa ukuthi bebesebenzisa usizo njengesembozo futhi bahlomisa amaqembu amavukelambuso ukwelula izingxabano, ”kusho yona.

Lesi sitatimende asiwakhombanga amaqembu futhi bekungekho mpendulo esheshayo evela ezinhlanganweni ezisebenza eTigray. Inhlangano esiza abantu yeZizwe Ezihlangene i-OCHA ayiphendulanga esicelweni sokuphawula. I-UN ithe usizo oludingeka kakhulu luyavinjelwa ezindaweni zokuhlola njengoba izingqungquthela zihamba kule ndawo ephethwe nguhulumeni. Iziphathimandla zase-Ethiopia zithi usizo ludinga ukubhekwa.

Scroll To Top