UMosimane usekwenze konke e-Afrika, usengalunga phesheya



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Phesheya kwezilwandle uma kukhulunywa ngomqeqeshi ohamba phambili kwabaqeqesha amaqembu uPep Gurdiola oqeqesha iManchester City, lo mqeqeshi cishe ayikho indebe angakaze ayinqobe. Kwale kancane ukuthi aqede ishobolo leminyaka kuleli qembu ngokuthi alinqobise umqhudelwano we-UEFA Champions League kodwa wahlulwa kowamanqamu iChelsea FC ngegoli elilodwa eqandeni.
Nalapha e-Africa ngicabanga ukuthi sesinaye umqeqeshi engingasho ngithi udinga ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala lowo ngu Pitso John Hamilton Mosimane. Lo mqeqeshi usevezele noma ubani ukuthi ungumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu.
Ngeledlule lo mqeqeshi usize iqembu lase-Egypt i-Al Ahly ukuthi linqobe umqhudelwano omkhulu ezwenikazi i-Africa okwe-10 iCaf Champions League. I-Al Ahly kowamanqamu ibibhekene neqembu elikhulu lalapha eNingizimu Afrika iKaizer Chiefs, ezikaMosimane zibukise ngamaKhosi zinqoba ngamathathu eqandeni.
Okwesibili kulandelana uMosimane enqoba lo mqhudelwano naleli qembu alijoyine ngonyaka wezi-2020. Uthe enqoba lo mqhudelwalo nyakenye bathi vele uthathe izintambo kwi-Al Ahly isifike kowandulela owamanqamu, utshengisile kulabo ababemungabaza ukuthi ungumqeqeshi ohamba phambili.
UMosimane oteketiswa ngelikaJingles, unqoba iCaf Champions League nje ubehlezi ngesinqa esisodwa, njengoba bekuthiwa uma engawunqobi lo mqhuduelwano uzobona afika ngayo. Kodwa ngithemba ubavale umulomo labo akade bemufisela okubi.
Unqoba lo mqhudelwano nje vele usenqobe nayo i-Egypt Cup, noweCaf Super Cup (Lo mqhudelwano udlalwa iqembu elinqobe iCaf Champions League kanye nelinqobe umqhudelwano weCaf Confederation Cup). Uphume endaweni yesithathu kumqhudelwano weFIFA Club World Cup, lo mqhudelwano udlalwa amaqembu asuke enqobe i-AFC Champions League (Asia), CONCACAF Champions League (North America), OFC Champions League (Oceania), UEFA Champions League (Europe), CAF Champions League (Africa) neCopa Libertadores (South America).
UMosimane ngaphambi kokuthi abe ngumqeqeshi waba ngumdlali isikhathi eside njengoba agijima kuJomo Cosmos, iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iLonikos yaseGreece, IKFC Rita Berlaar yaseBelgium ne-Al Sadd yaseQatar.
Waqala ukuba ngumqeqeshi ngonyaka wezi-2001 eqeqesha iSupersport United, nayiqeqesha kwaze kwaba unyaka wezi-2007. Wanqoba nayo iNedbank Cup ngonyaka wezi-2005 neSAA Super Eight Cup esiyaziwa ngeMTN 8 ngonyaka wezi-2004.
Yize ayiqeqesha iSupersport United kodwa wayeyisekela leBafana Bafana kusukela ngonyaka wezi-2006 kwaze kwaba unyaka wezi-2010 nalapho elakuleli lalisingethe khona iNdebe YoMhlaba. Ngawo lowo nyaka wabe eseqashwa njengomqeqeshi kwaze kwaba unyaka wezi-2012.
Ube esejoyina iMamelodi Sundowns nazuze izinto ezinkulu nayo, wanqoba iligi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) ka-5 ngesizini yangowezi-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19, nangesizini yangowezi-2019/20. INedbank Cup ngesizini yangowezi-2014/15 nangesizini yangowezi-2019/20.
Unqobe iTelkom Knockout kabili ngowezi-2015 nangowezi-2019, iCAF Champions League ngowezi-2016 neCAF Super Cup ngowezi-2017.
Imikomelo ayithole yedwa uqokwe njengomqeqeshi ovelele kuPSL, ngesizini yangowezi-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19 nangesizini yangowezi-2019/20. Waqokwa njengomqeqeshi wonyaka ngaphansi kweCAF ngonyaka wezi-2016 nangowezi-2021. Nyakenye ngaphansi kwe-Egypt Sports Critics Association uqokwe njengeBest Manager of year.
Lo mqeqeshi ngikholwa ukuthi manje sekumufanele ukuthi aqeqeshe amaqembu aphesheya kwezilwandle ayi kumaligi amancane kodwa kwamakhulu. Ngikholwa ukuthi ayikho into engamhlula, usenqobe yonke into lapha e-Africa.
Ngaphandle kokungabaza uMosimane angaphinde aliphakamise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle njengoba eqhubeka enza eGibhithe.
Kubathandi beqembu iKaizer Chiefs ngithi abangapheli amandla beqhubeke beseke iqembu labo noma liguqile kowamanqamu. Ngiphinde ngihalalisele AmaZulu FC azokwazi ukuyibamba kumqhudelwano weCAF Champions League ngesizini ezayo.