Now Reading
Akunamonakalo otheni ezikhungweni zezempilo zaHulumeni
Dark Light

Akunamonakalo otheni ezikhungweni zezempilo zaHulumeni

Ngesikhathi kunezibhelu akusiyona imfihlo ukuthi kube nokuphazamiseka kwezokuthutha esifundazweni iKwaZulu Natal (KZN) Inhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni uDkt uSandile Tshabalala ephawula ngomonakalo owenzekile uthe; “Angiqale ngivume ukuthi ukhona umonakalo owenzekile ezikhungweni zezempilo, kanjalo nokuphazamiseka kokusebenza. Lapho ngibala nokuhamba kwezimo eziphuthumayo njengama Ambulance, kube ukuya nokubuya kwabantu abagulayo ezikhungweni zezempilo kanye nezisebenzi zezempilo.”

Uthi kuphinde kwaba nenkinga lapho imndeni kudingeke ukuba ilande izidumbu zalabo asebethe badlula emhlabeni. Uthi lokhu kubambezeleka bekuphikisana kakhulu nezinhlelo uMnyango onazo nendlela abafuna ukusebenza ngayo njengoba uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNkk uNomagugu Simelane esanda kuthula ngokusemthethweni izimoto ezithwala isidumbu.

“Kuphinde kwantshontshwa kwaphinda kwadicilelwa phansi impahla kwesinye sezibhedlela zethu nokuyinto ekumele engabe asiyobonanga yenzeka futhi akusiphathanga kahle kakhulu lokho,” kusho uDkt uTshabalala.

Esengena ezikhungweni zokugonywa uthe konke kuphazamisekile. Uthi izindawo zokugoma abazenze ngoba befuna zisondelane nabantu futhi kube lula kubona ukuthi bagome lezo zindawo zidicilelwe phansi. “Lokhu kwenze ukuthi izinombolo zethu zehle zabantu abagomayo. Njengesifundazwe saKwaZulu Natal siyaqhubeka nokugoma futhi besiqhubeka nangalesi sikhathi kusane mbhikisho ukugoma la ebesingakwazi khona noma sibona kunethutshana lokukwazi ukusebenza,” usho kanje.

Ephendula ukuthi njengoba amanye amakhemesi azimele ebekutholakala khona imigomo ecekelwe phansi kwebiwa ngabe bayitholile yini leyo mibiko, uthe bebengakayitholi ngoba amakhemesi abengaka bahlinzeki ngaleyo mbiko. “Esikhathini esiningi lamakhemesi azimele imigomo asuke eyithole kuMnyango wezeMpilo ezingeni lika zwelonke. Ngakho labo abakuzwelonke basazosinikeza izibalo nokuthi mungakanani umonakalo owenzekile. Ngoba awethu amakhemesi kaHulumeni asibonanga kuba nomonakalo omkhulu,” usho kanje.

Ecacisa njengoba kunezakhamuzi ezigome ngoPzifer okungumgomo onemijovo emi-2, othathwa ezinsukwini ezahlukene obekumele babuye ngesonto eledlule ngabe lokho kubabekaphi ikakhulukazi ngokuvikeleka njengoba bebekalelwe lesi isikhathi esithile uthe; “Kuke kuthiwe kunomehluko omncane njengoba kuthiwa okungenani izinsuku ezingama-42 nangaphezulu. Baphazamisekile ngoba izinsuku zingaphezu kwalezi zinsuku ezingama-42 kodwa okuhle ukuthi iPzifer ikhona futhi iningana.”

See Also

Uqhube wathi banxusa abantu ukuthi baye ezikhungweni ngoba isimo sisathuli, bazobalekelela noma kungasekhona lezinsuku okungenani ezingama-42. Wathi noma kungasilona usuku lakhe kepha akaye uzolekelelwa, futhi ngeke avaleleke ngaphandle njengoba sekugqugquzelwa labo abancane ukuthi abeze.

“Ekumele babhalise sicela bakwenze. Siyabona ukuthi lezi yazidubedube zisiphazamisile sithemba ukuthi kuzoshesha isimo sibuyele kwese jwayelekile ngoba nathi siyazama ukuthi sibone singaya kanjani kubantu, sizihlela ukuthi siya kanjani,” usho kanje.

Imibuthano eminingi ibonakele esifundazweni ngesikhathi kukhalwa ngokuthi kudlange igagasi lesi-3 ephawula ukuthi isifundazwe simiphi ngokwezibalo uthe; “IKZN inabantu abangaphezu kwezi- 374 000 abanokhuvethe. Kunemibuthano ebe nomthelela eyenzeke ezweni kanye nangaphandle njengane Swaziland engomakhelwane bakuleli. Sithe uma sibheka sabona ukuthi ngabe izinombolo zizokhuphuka kakhulu yini emva kwalezi zibhelu, asikakakuboni kwenzeka kepha esibone kungcono ukuthi sikwenze ukuthi kumele siqinise lapho silandelela, kepha izinombolo zethu sizibona zisamile kulendlela ebezinyuka ngayo, sibona maduzane leligagasi lizoqala lehle uma abantu bengaqhubeka balandele imgomo yokhuvethe.”

Scroll To Top