Now Reading
Umonakale odalekile usekude ukulungiseka – ongoti
Dark Light

Umonakale odalekile usekude ukulungiseka – ongoti

SEKUQALILE ukuzwela kubantu kulandela umonakalo olinganiselwe ezigidigidini owenziwe ngabanye babo iningi okungaboHlanga abavuke umbhejazane bazitapela ukudla nezimpahla ezitolo esinyathelweni okusokala ukuthi sihlobene nokuboshwa kobengumengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma.

Ngokombiko okhishwe uHulumeni waKwaZulu-Natal izolo, umonakalo odalwe ukuntshontshwa kwempahla ulinganiselwa esigidigidini esiso-R1.5, kuthi umonakalo odalwe ukucekelwa phansi kwempahla ulinganiselwa ezigidigidini ezili-R15.

Kungakapholi maseko uZuma eqale isigwebo sakhe sezinyanga ezili-15, ejele laseMtshezi kulandela ukugwetshwa yiNkantolo YoMthethosisekelo mayelana necala lokudelela inkantolo, abantu bavale imigwaqo ngamathayi avuthayo, kwashiswa amaloli kwasuka lapho bazingenela ezitolo zokudla nezinye izimpahla bafike bazitapela.

Kulezi zitolo bebefike bagqekeze bantshontshe kanti ezinye bagcine bezokhela ngomlilo.

Nakuba emehlweni abantu nangokomqondo osobala lolu thuthuva lususwe ikakhulukazi indaba yokuboshwa kukaJZ kodwa osomathuba abanye babo abayizinswelaboya basebenzise lesi sikhathi ukuqhuba ubugebengu babo njengoba bebengena kalula ezitolo bantshontshe nezisefo ezigcina imali baphinde baqhumise nama-ATM. Okuqaphelekile ukuthi abantu bebezenzela umathanda njengoba amaphoyisa kade engasiqinisi isandla kubona okwenze umonakalo ube mukhulu kakhulu.

Umuntu odla imbuya ngothi yena uma engena esitolo ugijimela ngalapho kuhlala khona okuyakhona ngasethunjini kanti izigebengu zibheka lapho zizothola khona inkece noma zibheke izimpahla ezizozidayisa ukuze zikwazi ukwenza imali.

Emva kwale mibhikisho, sekuse ngokunye manje kubantu njengoba izinsiza eziningi zicekeleke phansi kanti nokudla akukho nezinye izidingo ezibalulekile azisatholakali. Ezinsukwini ezimbili ezedlule imvula isiqalile ukuzwela ejazini kubantu njengoba sebehluphekela izidingo. Njengoba izitolo zicekelwe phansi ezinye zashiswa ezinye izidingo zansuku zonke azisatholakali njenge zinkwa nokunye, kanti namagalaji amaningi avalile okwenza ukuthi uphethiloli uhlushekelwe. Nemishini yokukhipha imali icekelwe phansi. Phezu kwalokho lemibhikisho igcine isiholela ekutheni kuqubuke inzondo yobuhlanga phakathi kwaboHlanga okuyibona abebeqhuba umkhankaso wokucekela phansi impahla kanye naboMdabu waseNdiya nabamhlophe. Ezitolo nasemagalaji ambalwa avuliwe kunolayini abade abantu abadinga usiko kanti kunovalo lokuthi nokudla kuzophela esikhathini esifushane esizayo.

Enyakatho yeTheku, amalokishi aboHlanga koMashu noNtuzuma babhekene ngeziqu zamehlo nomakhelwane babo bakoPhoenix lapho kugcwele khona aboMdabu baseNdiya emveni kokuthi amanye amaNdiya ethele othulini ngenhlamvu aboHlanga ngoba ethi avikela indawo yawo. Okuthukuthelise kakhulu aboHlanga kwaMashu ukudutshulwa kukaMnu uDelani Khumalo obeziyele ePhoenix eyofaka uphethroli. UKhumalo udumile eNyakatho yeTheku naseThekwini njenge ciko elisinisa abafana indlamu kanti futhi waziwa kakhulu nasezindaweni zobumnandi.

Kusukela kudutshulwe uKhumalo, izinsizwa zaKwaMashu zithukuthele ziyaveva zisabisa ngisho nangokuphindisela okungagcina sekuqubuka eye-1949, lapho aboHlanga batholana phezulu namaNdiya.

Kanti banamhlophe kwezinye izindawo njengakoShowe nakoKloof sebeqalile ukunyundela aboHlanga uma bebabona ezindaweni zabo okwenza isimo singabi sihle.

Kanti noMengameli uMnu uCyril Ramaphosa abanye bayakhala ngenkulumo eyethule esizweni lapho esebenzisa amagama agqugquzela inzondo uma ekhuluma efaka amagama obuhlanga.

Enkulumeni eqoshiwe esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana owesilisa ozibize ngoMashimane othe uyisikhulu esibhedlela esithile eThekwini uthe: “Bafowethu ngisebenza esibhedlela mina ngiwumphathi. Bafowethu izwe liyasha angazi ukuthi singangenelela kanjani emphakathini yethu ukuthi siyikhuze le nto. Kumanje ngisebenza egunjini labathukile ngisiza abantu. Kuke kwafika abantu abane abancane nabadala sebeshonile bedutshuliwe sangakwazi ukubasiza.”

NgoLwesithathu kwezinye izindawo abantu bese beqalile ukuhlanza izindawo ezicekelwe phansi.

INdlu yeNxusa laseJapan inxuse uMnyango Wezangaphandle wakuleli ukuba uvikele abantu abakudabuka eJapan abakuleli kulezi zibhelu ezikhona.

Le Ndlu iphinde yanxusa ukuthi kuvikelwe amabhizinisi aseJapan asebenza kuleli.

“Nakuba wonke umonakalo owenzekile singakawazi ukuthi ungakanani kodwa siyanxusa ukuthi wonke amabhizinisi ethu ukuba avikelwe,” kufundeka isitatimende seNdlu yeNxusa laseJapan elikuleli.

See Also

Ungoti wezomnotho uSolwazi uBonke Dumisa uthe kuzothatha isikhathi eside kakhulu ukuthi umonakalo odalekile ulungiseke.

“Kwabanye kuzothatha izinyanga eziyisithupha kuya kunyaka abanye ngeke besavuka unomphela,” kusho uDumisa.

Uthe isimo esifana nalesi sake senzeka nango-1985, lapho abantu bakoMlazi nakoMashu bashisa amabhizini iningi lawo angaphindanga avuka.

“Amanye alawo mabhizinisi asaphenduka amasonto lokhu avala lokho lokho,” kusho uDumisa.

Uthe kuzoba nzima kakhulu ezinkampanini ezincane ukuba zivuke.

“Abantu kumele bazi ukuthi nanoma imuphi umyakazo kuba khona umphumela, ingakho manje sibona olayini abade ezitolo ezimbalwa ezisavuliwe iningi lazo ezisesilungwini futhi noma ufika kwezinye zalezo zindawo ubuzwa iphepha elikhombisa ukuthi uhlala kuphi ukuze kubonakale ukuthi ubungesiyo yini ingxenye yalabo abebecekela phansi impahla,” kusho uDumisa.

UMnu uMzo Mkhize waseCatoridge naye uthe sekwanele abantu abangabe besaqhubeka nokucekela phansi.

“Isikhalo ebesikhona sizwakale futhi hhayi kancane manje inkinga esinayo ukuthi sesibhekene nobunzima siwumphakathi ngoba ngoba asisakwazi ngisho ukuthola izinkwa uma usuthola inani laso liphindwe kabili kwelejwayelekile abanye basibiza ama-R50,” kusho uMkhize.

Scroll To Top