IPhini LeMeya liphenywa ngenkohlakalo ethinta usonkontileka
LISOBISHINI iPhini LeMeya kaMasipala waseHarry Gwala uNkk uNtuseng Maphasa -Duma njengoba liphenywa mayelana nezinsolo zenkohlakalo kulandela ukutholakala ukuthi lisebenzisa imoto kasonkontileka othola amathenda kulo Mkhandlu kodwa langawazisa uMasipala ngesimo semoto okuyinto ephambene nemigomo yezisebenzi zikaHulumeni.
UNkk uMaphasa Duma kuthiwa usebenzisa imoto iFord Everest yenkampani yabaqaphi kodwa ikhona ayihlinzekwe uMkhandlu iToyota Fortuner. Lesi senzo sesiphoqe uMkhandlu ukuba uthathe isinqumo kwenziwe uphenyo.
USomlomo uNkk uNosisa Jojozi uthe uyazi ngodaba lwemoto oluthinta iPhini leMeya.
“Ngiyazi ngalolu daba, selike laxoxwa ngisho emhlanganweni kaMasipala, kulowo mhlangano kwathathwa isinqumo sokuthi iPhini leMeya alibuyisele emuva imoto lapho ivela khona ngoba lokhu elikwenzayo kuphambene nemigomo yokusebenza kwaMasipala ukuthi ikhansela lisebenzise imoto kasomabhizinisi ngoba lokho kuqubula izinsolo, ngebhadi imoto ibingakabuyiselwa emuva, “ kusho uNkk wakwaJojozi. Uthe emveni kokuthola ukuthi iPhini leMeya lisebenzisa imoto okungagunyaziwe ukuthi liyisebenzise babe sebecela ukuthi kwenziwe uphenyo,
“Okwamanje sisalinde umphumela wophenyo okuyiwo ozosicacisela konke ngalolu daba,” kusho uNkk wakwaJojozi.
Uphenyo olwenziwe elaboHlanga kuMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal likuqinisekisile ukuthi ngempela iFord Everest eyenkampani yabaqaphi. Le nkampani inenkontileka noMkhandlu yokuqapha izakhiwo yawo.
Ethintwa uNkk uMaphasa Duma uthe: “Ngitshele ukuthi ngubani umthombo wakho, uma uhluleka ukwenza lokho buyela kulabo abakhuluma ngami, okunye okumele ukwazi mina angibiki kwabezindaba, ngibika eMkhandlwini okuyiwona ongiqashile, uma uMkhandlu unenkinga nami kumele ukhulume nami,” kusho iPhini LeMeya.