Now Reading
Kwezinye izigameko zemibhikisho nokuzitapela basale enkundleni
Dark Light

Kwezinye izigameko zemibhikisho nokuzitapela basale enkundleni

Kutholakale izidumbu ezine izolo emini emgwaqeni oseduze nendawo yakwaMakro okugcinwa kuyona impahla eMgungundlovu nokwenze sanyuka isibalo sezidumbu ezitholwe kule ndawo njengoba ozibonele etshele abezindaba zakwa-ENCA ukuthi ekuseni bese kuvele kutholwe ezinye eziyisikhombisa. Lezi eziyisikhombisa ebezishiwo ozibonele ngeke sikwazi ukuziqinisekisa kodwa lezi ezine ezitholwe emini ithimba lezindaba lakwa-ENCA lizikhombisile bukhoma kodwa ngendlela enenhlonipho lilawulwa indlela yokubika ngezimo ezibucayi.  

Nakuba kungacaci ukuthi laba bantu babulewe yini kodwa kusolakala ukuthi banyathelene njengoba kade kuthathwa izimpahla kule ndawo. Kube nomunyu kuwona lo mgwaqo njengoba ezinye izihlobo zabashonile zifikile endaweni yesigameko zizobheka izihlobo zazo. Abanye abafikile bakhihle isililo bebona izidumbu zezihlobo zabo sezithathwa imoto ethatha izidumbu.

Kubikwa ukuthi bangaphezu kwama-70, abantu abashonile ezindaweni ezahlukene kuleli kusukela kuqale imibhikisho enodlame kulandela ukuboshwa kwalowo obengumengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma ngeledlule.

Labo abashonile badutshuliwe abanye kusolwa ukuthi banyathelene.

Abanye badutshulwe ngabantu imiphakathi yabo ebisiqaphe izindawo zayo ngoba ingafuni icekelwe phansi. ENewlands kubikwa ukuthi izitolo zakhona azizange zingenelwe njengoba abanikazi bazo bebambisene nonogada bavele bakanisa emgwaqeni bala ukhasha kunoma yini esondelayo.

Khona izolo kubikwe ukuthi KwaZulu-Natal kucekelwe phansi izikole ezingama-32, esisodwa kuzo okuthiwa sishiswe sangqongqa.

See Also

UNobhala Jikelele uMnu uBheki Ntshalintshali izolo uphakamise ukuthi kusungulwe iDisaster Relief Fund ezosiza amanye amabhizinisi ukuze akwazi ukuqala kabusha emva komonakalo odalekile.

“Lolu daba siluphakamisile emhlanganweni weNedlac ngoba siyabona ukuthi kuzoba nzima kwabanye osomabhizini ukuba bakwazi ukuvuka,” kusho uNtshalintshali.

Uthe bakhathazekile futhi ukuthi le mibhikisho izoshiya abantu abaningi bengasebenzi ngesikhathi vele izwe lintula amathuba emisebenzi.

Scroll To Top