Now Reading
Kuzonuka injoloba koweGrand Prix ngeSonto
Dark Light

Kuzonuka injoloba koweGrand Prix ngeSonto

Umpetha womhlaba wezimoto zomjaho zeFormula One (F1) uLewis Hamilton kulindeleke ukuthi avuke azithathe emjahweni ozokuba ngeSonto weBritish Grand Prix.

UHamilton oshayela ngaphansi kukaMercedes ubebhekwe ukuthi enze kahle nakulo nyaka kodwa izinto zimhambela kabi njengoba uMax Verstappen yena oshayela ngaphansi kaRed Bull kunguyena olokhu ezihola phambili.

Kokwezimoto iRed Bull inamaphuzu ali-182 kuthi iMercedes ibe namaphuzu ali-150, ngokwabashayeli uVerstappen unamaphuzu ama-282 kuthi uHamilton abe namaphuzu ama-242.

Okubukeka kuyikho okungenza uHamilton waseBritian enze kahle ngeSonto ukuthi ngokomlando weBritish Grand Prix uyena oseke wayinqoba izikhathi eziningi. Usewunqobe kayisi-7, ngonyaka wezi-2008, wezi-2014, wezi-2015, wezi-2016, wezi-2017, wezi-2019 nangonyaka wezi-2020.

“Ukuhlulwa kwami emjahweni owedlule akungenzanga ngaphoxeka kakhulu, ngikwenze konke uVerstappen bekumele anqobe. Uyena owenze kangcono kunami, ngalokho kumfanele ukunqoba. Indlela aqale ngayo umjaho uVerstappen ukhombisile nje ukuthi uzimisele ngokunqoba, ukube abalendanga nje iphutha elilodwa bebezowunqoba ngamalengiso umjaho” kusho uHamilton.

Eqhuba uthe: “Ngiyazi nginomlando omuhle emjahweni weBritish Grand Prix, kodwa lokho akumele kungibuse kakhulu ekhanda. Neminye imijaho edlule benginemlando emihle kuyona kodwa kaphuma endaweni yesibili noma kweyesithathu, kunqoba yena uVerstappen. Okumele ngikwenze ukunyusa amasokisi, makungenjalo ngizozibona ngisele ngegebe elikhulu kulo mshayeli weRed Bull (uVerstappen). Ngifuna nakanjani ukunqoba ekhaya ngijabulise abalandeli bami kade bagcina ukuthi bejabule kanye neqembu lami kanye nomndeni” kusho uHamilton.

Kulindeleke abalandeli abayi-140 000 ukuthi babukele iBritsh Grand Prix, lokho kusho ukuthi uHamilton uzobe enabantu abaningi abazobe bemufisela ukuthi anqobe.

Kwenzeka konke lokhu nje, ekuqaleni konyaka  kuqala lo mdlalo weF1 ongoti abaningi bakubeka obala ukuthi uVerstappen  uzomufakela enkulu ingcindezi umpetha womhlaba uHamilton.

See Also

Indlela okwenzeka ngayo kuyabonakala ngempela ukuthi uHamilton umqhudelwano wakulonyaka uma kungathiwa uyawunqoba uyowunqoba esebenzile ngempela, ngeke kufane njengoba ensile ngeledlule nalapho enqobe khona kusasele imijaho.

UHamilton ubhekwe ukuthi aqophe umlando ekutheni abe ngumpetha womhlaba okwesi-8, adlule lowo osewathatha umhlalaphansi uMicheal Schumacher owaba ngumpetha kayisi-7.

Imbangi kaHamilton uVertsappen uthe: “Ngiyamhlonipha kakhulu uHamilton futhi akukho lutho angisoze ngamuthatha kancane okanye ngizibone ngingaphezulu kwakhe. Okwami ngithatha umjaho ngamunye, ngamunye. Ingakho ngiya kulo mjaho nginganakho ukuzithwala kokuthi imina engizihola phambili” usho kanje. Eqhuba uthe: “Lo mjaho uzoba nzima kakhulu, kungokokuqala ukuthi kube nabalandeli abangaka kusukela kufike igciwane ukhuvethe. Lokho kusho ukuthi kuzokwenza uHamilton abe namathuba amaningi okuthi anqobe njengoba ezobe esekhaya nje. Ngingasho ngithi uma kungase kuthiwa ngiyawunqoba lo mjaho, kofana nokuthi nginqobe isicoco sokuba umpetha kuzoba into enkulu kakhulu kumina.

Scroll To Top