Impempe yokugcina iyocacisa ukuthi ibenyezela iyaphi eyeCAF
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kusele imizuzu engama-90 ngaphambi kokuthi kubonakale ukuthi ubani ozoba ngumpetha weCaf Champions League, phakathi kweKaizer Chiefs ne-Al Ahly yase-Egypt.
IChiefs ifulathele elakuleli maphakathi nesonto ilibhekise eMorocco ukuyozilungiselela lo mdlalo ozokuba kusasa ngoMgqibelo. Lo mdlalo uzoqala ngelesi-9 eMohamed V Stadium, eMorocco.
UMengameli wenhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA) uDanny Jordaan uthumele umyalezo kubafana basePhefeni, njengoba bengayile ukuyozimela bona kodwa beyomela iNingizimu Afrika.
UJordaan uthe unethemba lokuthi Amakhosi azolandela ezinyathelweni ze-Orlando Pirates, eyanqoba lo mqhudelwano ohlonishwayo ngonyaka we-1995 kanye neMamelodi Sundowns yona eyawunqoba ngonyaka wezi-2016.
“Lo mdlalo ungumlando kuChiefs. Ngiyazi ukuthi kuzoba wumqansa ukuthi iwunqobe lo mdlalo. Kodwa ngiyathemba ukuthi izosijabulisa siyiNingizimu Afrika. Kuningi okwenzakalayo ezweni, ukucindezela okwenzekayo, ukunqoba kwaleli qembu kunganikeza abantu baseNingizimu Afrika izindaba ezimnandi kakhulu” kusho uJordaan.
UJordaan wengeze wathi: “UKaizer (Motaung) wenze umsebenzi omkhulukazi ebholeni laseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco seCAF Champions League kuzobe ukuthola kwakhe umvuzo omfanele ngokusebenza kanzima nangokuzinikela kulo mdlalo. Ungumuntu omkhulu kunobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika ngimufisela konke okuhle. Eqenjini lobuchwepheshe (leChiefs), abasebenzi abasekelayo nabadlali, ngifuna ukubafisela okuhle kodwa eMorocco” kusho uJordaan.
La maqembu azodlala umdlalo wamanqamu ngaphandle kwabalandeli, lokho kusho ukuthi akekho ozobe enamathuba amaningi okunqoba ngoba esekwa abalandeli.
UJordaan uthe: “IChiefs ifike kulesi sigaba ngoba kumele ifike, ngiyafisa lapha eMorocco izithokozise khona. Yenze izwe liziqhenye. INingizimu Afrika idinga kakhulu ukuphakanyiswa okuhle. Ngifisa abadlali balwele ukujabulisa abazali babo, imindeni yabo, kanye nebheji laleliqembu elikhulu kangaka” kusho uJordaan.
Lo mdlalo uzokwazi ukuthi usakazwe abakwaSupersport.
Omunye wabadlali abayizithenjwa zeChiefs uLebohang Manyama naye uvumelane noJordaan ukuthi kumele iChiefs iwunqobe lo mdlalo ekuhlonipheni uSihlalo uMotaung.
Ekhuluma eseMorocco uthe: “Awucabange kungaba yinto emnandi kanjani ukubalwa nabadlali abafaka inkanyezi ejezini leChiefs? Ngendlela esibabulale ngayo ngendlala abalandeli beChiefs, ukuhlabana lapha kungaba yisibusiso esimangalisayo kubona. Singabadlali sazi kahle ukuthi le ndlala yezinkomishi ibuhlungu kanjani kubalandeli. Konke kulele kithina njengeqembu. Asibanga nesizini enhle futhi sihlaselwe yindlala yeminyaka kodwa nakhu sizithola sikowamanqamu wenkomishi enkulu kunazo zonke e-Afrika. Umdlalo wamanqamu yinto yosuku olulodwa ngakho kunganqoba noma ubani. Sibhekene neqembu elinzima futhi eliwazi ukusuka nokuhlala lo mqhudelwano kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke siwine,” kusho uManyama.
I-Al-Ahly, eqeqeshwa wuPitso “Jingles” Mosimane, izobe ilwela ukunqoba lo mqhudelwano ihlandla leshumi. Iyona evikela isicoco njengoba isinqobe noMosimane ngesizini edlule.
Nakuba uManyama ebazi futhi ebuqonda ubuhlungu kubalandeli beChiefs, ukholelwa ekutheni usihlalo, uMotaung, nguyena ofanelwe yile nkomishi ngomsebenzi asewenzile ebumba iChiefs kusuka phansi.
“Kubona bonke abathintekayo kuChiefs, usihlalo nguyena esimkweletayo sonke. Umsebenzi awenze kusuka phansi yiwona ovulele thina amathuba okubalwa nabadlali abaqopha umlando ebholeni laseNingizimu Afrika. Akekho ofanelwe yinkanyezi njengosihlalo,” kusho uManyama.
UManyama uthe akukho abangakwazi ngoMosimane nethimba lakhe ebhentshini elakhiwe ngabanye bakuleli, uCavin Johnson, Kabelo Rangoaga noMusi Matlaba.
“Ithimba labaqeqeshi silazi njengoba nalo lazi thina ngakho akukho ukukhohlisana. Siya kulo mdlalo ngenhloso efanayo nabo. Singabafisela inhlanhla nje ngoba siyazana futhi sike sasebenza ndawonye kwiBafana Bafana phambilini,” kusho uManyama.
UMosimane uthe kuyamjabulisa ukuthi baseMorocco nje badlale kahle emdlalweni yabo yokugcina ekhaya.
NgeSonto i-Al Ahly ibuye isihamba ngemuva yahlula i-Misr Lel Makkasa ngo 4-1 ekuhambeni, uMohamed Sherif wavalela amagoli amabili. Ngaphambi kwalokho ibibhaxabule iSmouha ngo 4-0, yadla i-Al Mokawloon ngo 2-0.
“Besinamathuba amaningi kulo mdlalo obungeSonto. Noma singadlalanga isitayela sethu ngokuphelele, ngigculisekile ngendlela esihlasele ngayo. UMohamed Sherif udlale kahle kakhulu, kungijabulisile nokubuya kukaMohamed Hany. Siyazama ukuthi sibanike bonke abadlali ithuba lokudlala kodwa sikwazi ukusebenzisa unozinti oyedwa nabaphakathi abali-10 kuphela enkundleni. Bekumqoka ukuthi sinqobe ngaphambi kokuthi amabombo siwabhekise eMorocco lapho sizodlala khona owamanqamu weCaf Champions League. Inhloso ukuthi sivikele isicoco sethu,” kusho uMosimane. Umdlalo uma uphela zibambene enkundleni kuzoyiwa kokhahlelwa amaphenathi, nalapho nakanjani kuzobe sekunqoba oyedwa.