Now Reading
Useliphumelelise kahlanu kulamana iqembu umqeqeshi weGibert Stars
Dark Light

Useliphumelelise kahlanu kulamana iqembu umqeqeshi weGibert Stars

Ulokhu eqhubekile nokuzakhela igama lakhe emdlaweni womnqakiswano. Lowo nguPrecious Mthembu.

Uzifake emlandweni eba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba iligi kahlanu kulandelana. Iligi enqotshwe nguPrecious oqeqesha iGilbert Stars, yiKwaZulu-Natal Netball Super League.
Le ligi ibamba iqhaza elikhulu kubadlali basesifundazweni iKwaZulu-Natal ekutheni benze kahle, bakwazi nokumela elesizwe imbala. Ngisho uMengameli weKZN Netball uGugu Ngema wayincoma kakhulu le ligi ethi iyabasiza abadlali.

IGilbert Stars iyinqobe le ligi kusukela ngonyaka wezi-2017 kwaze kwaba ilo nyaka esikuwo.
Le ntokazi eyazalelwa kwaNyuswa kodwa manje isihlala eWaterloo, ikhuluma nelaboHlanga iveze imfihlo okuyiyo enqobisa iGilbert Stars. “Imfihlo enkulu engikholwa ukuthi yenza iGilbert Stars yenze kahle ukuziphatha kahle nokuhloniphana. Abadlali ngibanika inhlonipho yami yonke, nabo benza okufanayo. Okunye ukuthi ngikholelwa ekutheni wonke umdlali eqenjini unendima ayihlakulayo ekutheni lenze kahle, ingakho nje engekho umdlali engimphakamisa ngaphezulu komunye sonke silapha siyalingana. Okukhulu kakhulu ukuthi umsebenzi wami ngiyawuhlela, uma wenza into ehlelekile uwumqeqeshi kuba lula kubadlali ukuthi benze owabo nabo umsebenzi” usho kanje uPrecious.

Kubadlali abakhona kwiGilbert Stars abambalwa uXolile “Small” Shange oke wavela ezigabeni ezincane eqenjini lesizwe, u-Alicia Puren, uJeante Strydom nabo abake babizwa eqenjini elikhulu kube uKalipha Gabisela ophinde adlalele iKingdom Stars edlala kuligi kazwelonke iTelkom Netball League (TNL).

UPrecious oneminyaka engama-36 uthe waqala ukuzibandakanya nomdlalo womnqakiswano eneminyaka eli-11 efunda eVirginia Pre

Ebuzwa ukuthi yini eyamenza akhethe ukuba ngumqeqeshi uthe: “Ukuqeqesha ngaqala ngesikhathi ngilimala e-Australia emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba. Ukulimala kwami, kwangenza ngazinikela ekutheni ngazi kabanzi ukuthi yini okumele uyazi ukuze ukwazi ukuba ngumqeqeshi. Ngisuka ezandleni zikaMarchelle Maroun, okunguye ongifundise okuningi ekuqeqesheni. Nabadlali nabo badlale indima enkulu ekutheni ulwazi lwami lukhule kulo mdlalo” kusho uPrecious oneziqu zokuqeqesha zikaLevel 2.

Ungomunye wabadlali abadlale isikhathi eside kuSpar Proteas (Iqembu elikhulu lesizwe) njengoba adlala amahlandla angama-97. Udlale iNdebe YoMhlaba kabili waphinde wadlala umqhudelwano owaziwa ngokuthi amaCommonwealth Games.

Amaqembu aseke agijima kuwo iyona iGilbert Stars, i-Ocean Predators, iKwaZulu-Natal Kingdom Stars namanje awukaputeni kuyona. Wake wamela isifunda iTheku emqhudelwanweni waminyaka yonke owaziwa ngokuthi iSouth African Local Government Association (SALGA) Games.

See Also

Udlale nezintokazi nazo eziwaphakamisile amagama azo lapho ngibala uBongiwe Msomi osanda kuwelwa enkulu inhlanhla yokuthi izindaba zakhe ziphathwe inkampani yaseMelika iRoc Nation yomculi uJay-Z noJessica Khomo odlale isikhathi eside kuSpar Proteas.

UPrecious uphinde abe ngusekela mqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-21. Uthe isifiso sakhe ukukhiqiza abadlali abaningi esifundazweni iKwaZulu-Natal kusukela emazingeni aphansi kuya kwaphezulu.

Ebuzwa ngeNdebe YoMhlaba ezokuba kuleli eKapa ngonyaka wezi-2023, ukuthi ngabe ubone iSpar Proteas izokwenza kahle yini uthe: “Iqembu lesizwe likhombise ukudlondlobala muva nje. Siwabonile amantombazane ethu enza kahle kweYoMhlaba eyabe ingowezi-2019. Ngibona lizoqhubeka lapho elagcina khona. Njengoba iNdebe YoMhlaba izobe isingethwe okokuqala lapha emhlabathini wase-Africa ithuba elihle senze kahle kakhulu ngokuthi siyinqobe. Iqembu lombhoxo amaBhokobhoko akwenzile lokho enqoba lo mqhudelwano, isikhathi sokuthi iNetball kube yiyo ephakamisa ifulegi lalapha eNingizimu Afrika” kusho intokazi yakwaMthembu.

Scroll To Top