Now Reading
Isiqephu esilandelayo: Ngabe enye indodana yaKwaZulu-Natal izosala othulini?
Dark Light

Isiqephu esilandelayo: Ngabe enye indodana yaKwaZulu-Natal izosala othulini?

Emalungwini kaKhongolise KwaZulu-Natal inxeba lisemanzi. Zolo lokhu iqhawe labo uMnu uZuma uphoswe ezikhindini yisigwebo seNkantolo YoMthethosisekelo. Ngokusobala lokhu akwehlanga kahle kubantu abaningi nabeliphimisa elokuthi ‘udliwa yizimpisi’ nje uMsholozi yingoba kubhuqwabhuqwa abaholi abamsinsi wabo ukweleNdlovukazi uMthaniya. Okuqaphelekayo wukuthi ngalokho umunwe bawukhomba kuHulumeni kanye noMengameli uRamaphosa nakulo iqembu labo.

Ngeshwa labo bonke abathintekayo kulezi zinsuku ezizayo kuzomele kwethulelwe izwe umbiko wophenyo nothinte esinye isilomo sendodana yakwaZulu-Natal, uDkt uZwelini Mkhize. Isimemezelo singaba nomphumela omuhle noma omubi. Omuhle ngomkhipha phambili uMkhize kepha omubi yilowo ozombeka kabi uphinde umlahlekisele nangephalishi njengoba enguNgqongqoshe Wezempilo kuleli.

Ulapha nje uMkhize kungenxa yomsanka othinta inkampani, izimpukane eziluhlaza ezabe zithi yacosha umsebenzi emnyangweni lapho ayenguNgqongqoshe khona ngakho belu ngoba yena nomndeni wakhe babuye bacoshe amavenge kuyo. Inkampani lena enukwayo yiDigital Vibes, ethole imisebenzi eminingi enani layo lingaphezu kwezigidi ezingama-R82 kwenziwa okuphathelene nobhubhane. Yona le nkampani ibuye yathola umsebenzi eMnyangweni Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (Cogta) ngowezi-2018, ngesikhathi uMkhize ehola lo Mnyango. Ndawo zombili, uTahera Mather, ongumkhulumeli kaMkhize osesebenze isikhathi eside kuyena futhi okusolakala ukuthi ungumngani womndeni kaMkhize, uthole imisebenzi eminingi kuDigital Vibes emveni kokuba isithole izivumelwano kuHulumeni.

Yize eqale wakuchitha uMkhize ukuthi umbobo kule nkampani intatheli ebilandela udaba imembule ibheshu ngesikhathi iveza ukuthi le nkampani noma izikhulu zayo zike zathi phohlo isigcobhi zilungisa izindleko ezithile emzini kaKhabazela eGoli. Ayagcina lapho ngoba ibuye yathi phohlo nakundondana yakhe yona emgixabeze ngehhashi lensimbi (imoto esaloli) .
Konke lokhu kwenze kwajutshwa uphenyo nolwenziwa ngabeSpecial Investigation Unit (SIU) nasekuqinisekisile ukuthi sebemnikile uMengameli uRamaphosa umbiko ohambisana nezincomo.

Ngalokhu banike uRamaphosa abanye abangakubiza ngesikhali noma umjovo odabeni lukaMkhize . Lungaba yisikhali ngoba lingenza kube lula ukuthi aqede ngoMkhize nobekukhona abathi angahle abe yinkinga nxa esefuna ihlandla lesibili noma libe ngumjovo ongelapha uMkhize noMnyango wakhe ngoba ngokwabathile ngesikhathi sokhuvethe uRamaphosa uyamdinga onjengoMkhize.

Amaqembu aphikisayo asemi ngomumo ukwenza okuthile kakhulu uma umbiko umlahla uMkhize. AbeDemocratic Alliance sebevele bashilo ukuthi kabasakwazi ukulinda. Ngomlomo womkhulumeli wayo ePhalamende uMhlonishwa uSiviwe Gwarube ithe: “IDA inxusa uMengameli ukuba ethulele umphakathi umbiko ogcwele ngokushesha ukuze udaba ludluliselwe kuNational Prosecuting Authority njengoluphuthumayo.

See Also

IDA iveli isithathe isinyathelo, mhla zi-3 kuNhlangulana, sokuthi ifake icala lobugebengu libhekane noNgqongqoshe Wezempilo. “Umbiko weSIU awungavalelwa ukhiyelwe. Okutholwe yiSIU kufanele kucutshungulwe wumphakathi vele imali yomphakathi okuthiwa yasetshenziswa,” kusho uGwarube.

Kanti nokucophelela kukaRamaphosa kulolu daba kusobala njengoba kuthe lapho kulindeleke ukuthi aphawule ngalo kuleli sonto kwaqhamuka okunye eKomitini lePhalamende nokubikwe nguSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (Scopa) uMhlonishwa uMkhuleko Hlengwa: “ISIU ithumele incwadi ethi inikeze ihhovisi likaMengameli umbiko mhla zingama-30 kuNhlangulana, futhi yacela olunye ulwazi mhla zi-2 kuNtulikazi. Abakalungeli ukubhekana nodaba [ekomitini] kuze kube luyaphothulwa,” kusho uSihlalo weScopa uMnu uMkhuleko Hlengwa.

Isimo sithi uRamaphosa odabeni lukaZuma noMkhize nguye okumele akhulume. KuZuma nguye ongamnika ushwele kanti odabeni lukaMkhize nguye ozothatha noma enqabe izincomo zabe-SIU. Umbuzo uthi ngabe abalandeli bakaKhongolose KwaZulu-Natal bazokwazi yini ukwamukela umvimbo wesibili, lapho kulesi siqephu sekunguMkhize othelwa yizimo othulini? Lokho kuyosho ukuthini kupolitiki yakwaZulu-Natal neyaseNingizimu Afrika?

Scroll To Top