Now Reading
Ichilo: Bahlanu vo abasubathi besifazane abazomela leli eTokyo
Dark Light

Ichilo: Bahlanu vo abasubathi besifazane abazomela leli eTokyo

Kusele izinsuku ezili-13 ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano omkhulu we-Olympics ozokuba seTokyo eJapan. Lo mqhudelwano uzoqala mhla zingama-23 kuNtulikazi kuya mhla ziyisi-8 kuNcwaba.

Ngokwami lo mqhudelwano ngiwubona umkhulu udlula oweNdebe YoMhlaba okwenza ngisho njalo ingoba ubandakanya izinhlobo eziningi zezemidlalo, lapho ngibala unobhutshuzwayo, iHockey, abagijimi neminye iminxa yemidlalo eminingi.

Ngeledlule iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) yengeze isikwati esizomela elakuleli ngabadlali abangama-34. Selilonke iqembu linabadlali abali-167 bemidlalo eyehlukahlukene. Eqenjini labagijimi linabadlali abangama-26.

Ngiphatheke kabuhlungu ngibona eqenjini labagijimi elinabasubathi abangama-26 kunamagama abantu besifazane abahlanu nje vo. Labo besifazane uDominique Scott ozogijima ku-5000m ne-10 000m, uWenda Nel 400m Hurdles, uGerda Steyn no-Irvette van Zyl abazogijima kwi-Marathon no-Jone van Dyk weJavelin.

Ngibona kuyihlazo impela ukuthi siyizwe elikhulu kangaka sinabesifazane abayisi-5 abazosimela, lesi sibalo sishayisa ngamahloni. Kodwa ngeke kwasolwa muntu ngoba phela abasubathi bekumele benze kahle uma sekuhlungwa.

Ku-Olympics eyayingonyaka wezi-2016, eRio de Janeiro, eBrazil kwabangcono njengoba sabe sinabantu besifazane abali-10. Kwakungu-Alyssa Conley. uTsholofelo Thioe, uJustin Palframan, uCaster Semenya, uWenda Nel. uCarina Horn, uDominique Scott, uLynique Prinsloo, uSunette Viljoen no-Anel Oosthuizen.

Ukuncipha kwabasubathi besifazane ngibona kuzokwehlisa isibalo sezindondo kuleli ngoba kusho ukuthi khona lapho kuzobe kungekho khona owesifazane wakuleli kwamanye amabanga omjaho.

Ngokwami ukubona laba besifazane abahlanu ngibona kunzima ukuthi basibuyele nezindondo, kodwa nakuba iboshelwe izacile ngiyabafisela inhlanhla laba basubathi besifazane abahlanu.

Ngikholwa ukuthi isithenjwa esinguCaster Semenya besingeke sihluleke ukushaya isikhathi ebesimhlalele ukuthi asibeke ukube akaphazamisekanga. USemenya uhlukele wancama ukuzibekela indawo yakhe kuwo lo mqhudelwano, njengoba ubedinga isikhathi esingu-15:10 noma ngaphansi kodwa wehluleka. NgoNhlaba nonyaka ushaye isikhathi esiwu-15:32.15 ekuqaleni kukaNtulikazi eGermany washaya isikhathi esingu-15:57.12.

Lo msubathi nakanjani kukhona ebesizokuthola okuyindondo ngaye ngoba amagalelo akhe ayaziwa impela. Uma ukhuluma ngoCaster ukhuluma ngomuntu owasibuyela nendondo yegolide ngowezi-2012 eLondon kuwona ama-Olympics ebangeni lama-800m, wakuphinda lokho eRio ngonyaka wezi-2016.

See Also

Kwabesilisa nginalo ithemba lokuthi kungenzeka kube khona izindondo esibuya nazo, njengoba sibophele u-Akani Simbine noGift Leotlela (100m), uClarence Munyai no-Anaso Jobodwana (200m), uShaun Maswanganyi (100m/200/m), uWayde van Niekerk, uThapelo Phora noZakithi Nene (400m), uPrecious Mashele (5000m), u-Antonio Alkana noSokwakhana Zazini (400 hurdles), uCheswill Johnson, uRuswahl Samaai (Long Jump), uKyle Blignaut noJason van Rooyen (Shot Up), uRocco va Rooyen (Javelin), uStephen Makoka, uDesmond Mokgobu no-Elroy Gelant (Marathon), uWayne Snyman (20km race walk), uMarc Mundel (50km Race Walk).

Ngiphinde ngithande ukuncoma umqeqeshi weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo nalo elizosimela khona eTokyo, uDavid Notoane indlela aqoke ngayo iqembu lakhe elinabadlali abangama-20.

Okwenza ngincome uNotoane ngiphinde ngibe nethemba ukuthi iqembu lakhe lizokwenza kakhle, ingoba iningi labadlali ngibabonile benza kahle emaqenjini abo, laba abadlala phesheya bengibalandelela ukuthi badlala kanjani. Babili abadlali abangabanga nemidlalo eminingi uMondli Mpoto noLyle Foster, kodwa bonke laba abanye badlale kahle kakhulu emaqenjini abo.

Ngiyathemba ukuthi uRonwen Williams uzobakhuthaza abadlali njengoba kunguyena omdlala, kanye no-Abbubaker Mobara owayekhona eRio de Janierio. USipho Mbule, uThabo Cele, u-Evidence Makgopa, uTeboho Mokoena, uSibusiso Malibiso, uGoodman Mosele noLuther Singh ngibona bezoliphakamisa ifulegi lakuleli.

Abanye abadlali ababizwe uNotoane uSifiso Mlungwane, uTercious Malepe, uKatleho Mohamme, uLuke Fleurs, uThabiso Monyane, uKamohelo Mahlatsi, uFagrie Lakay noKobamelo Kodisang.

Scroll To Top