Now Reading
Utavatava: Selibuswa yizinkantolo ngoba ipolitiki yehlulekile
Dark Light

Utavatava: Selibuswa yizinkantolo ngoba ipolitiki yehlulekile

Osekwahlula osopolitiki kufezwa yizinkantolo. Amandla evoti ngeke asasho lutho ukuya phambili


Ukubizwa kwegama elithi Jacob Gedleyihlekisa Zuma lisho izinto ezehlukene kubantu abehlukene. Kukhona elisho ubuqhawe nomnikelo emzabalazweni waboHlanga. Igama elixoxa umlando womuntu okwathi engafundile, edabuka emakhaya kepha wagcina esengomunye wabaholi abahlonishwayo eNingizimu Afrika nase-Afrika. Abanye balilumbanisa nonompunyumpunyu umuntu ohlale eboshelwa amanqina enyathi ngaphakathi nangaphandle eqenjini lakhe.  

Ngakolunye uhlangothi leli gama lisho inkohlakalo, ubugovu kanye nomuntu ofake elakuleli otakwini ngakwezomnotho nothengise ngefa lesizwe emndenini wakwaGupta. Lokhu kwehluka kwemibono ngoZuma kugqame bha kungaqali ngesikhathi iNkantolo YoMthethosisekelo ikhipha isigwebo sayo ecaleni ebelithinta uZuma neKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Lapha uZuma limlahlile icala.

Ekhipha isigwebo oyiBamba leSekela Mengameli uMehluleli uSisi Khampepe uthe ibingekho enye indlela, uZuma kumele aye ezikhindini. “Okuyisona sodwa isijezo esifanele umyalelo wokubopha okungenasilengiso. Ngaphandle kwalokho kobe kugwetshwa ukulandela umthetho kwabehluleli ukuze uwohloke.”

Elinye igama elenza abantu behlukane ngemibono ngelikaMengameli wezwe, uMnu uCyril Matamela Ramaphosa. Kwabanye lo mholi ngumalamulela ofike ukuzobangula elakuleli iva lenkohlakalo. Eqenjini elibusayo kukhona abathi ukufika kwakhe uzoshanela amadede ashiwe ngabaholi abafana noZuma nokwenza kwabo okuhlaze inhlangano.  Kanti abanye bamile ekutheni ulidungamuzi nodibi lomacaphunakusale babelungu. Bathi ukhonela “ukuqeda ngoZuma noKhongolose”.

Kulaba baholi bobabili ikhona into engqamayo nefanayo. Okokuqala bobabili balunjaniswa neqembu elibusayo, omunye uke waba nguMengameli weqembu kanti omunye ukuso lesi sihlalo. Bobabili balunjaniswa nesobumengameli bezwe, omunye ubengumengameli kanti omunye nguye onguMengameli. Bobabili bayasolwa ngamalungu enhlangano yabo ngokwenza okuthile okwehlisa isithunzi nobuqeda ubunye enhlanganweni kuye ngokuthi umuntu weseka nokuthi usola bani. Lo mlando ubabeka emandleni okwelusa iqembu nesizwe.

Idemokhrasi eseyeluswa ngabanye

Umlando wepolitiki wakuleli eminyakeni ezayo uyoqopha ukuthi laba baholi bobabili baphathe ngezikhathi lapho ipolitiki (amaqembu) isiphelelwe ngamandla nokwethenjwa ngabantu ukuthi ingaphuma nezinqumo eziphusile. 

La mandla aqale ukulahleka ngesikhathi izwe selibuswa zinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni nobekunede kuthi nje nkente bese zifaka amaphepha enkantolo. Lapha uHulumeni ubeseluswa yizo, amandla ziwathola ngezinqumo zezinkantolo.  Ngesikhathi sikaZuma lokhu kwandile futhi kwasobala ukuthi uHulumeni zimkakile, lokhu ubeshishibezwa ngelimabhaxa nsukuzaphuma. Izinhlangano ezifana ne-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), i-AfriForum, iHellen Suzman Foundation, iSave South Africa, iRight to Know Campaign kanye  neCouncil for the Advancement of South African Constitution nezinye. Yize abanye lokhu bekusola kepha bukhona ubufakazi bokuthi le ndlela iqinisekisile ukuthi uHulumeni uyagwenywa kokunye. Isibonelo nje odabeni oluthinta imithetho yezwe neye African Union kanye nesimomazwe odabeni lowayengumengameli waseSudan u-Al Bashir, uHulumeni wahlazwa ezinkantolo ngesinqumo sakhe.  Khona lapho ngaphansi kokweluswa kukaHulumeni abanye abaphakamileyo izinhlangano zabezindaba eziphenyayo njengamaBhungane Center for Investigative Journalism enze ‘umonakalo’ omkhulu kuHulumeni ngokude ephikelela ezinkantolo afike amginqe.

Kwenzeka konke nje lokhu amandla ezinkantolo aya evela njengoba kuyinamuhla sekuyizo ezingumalamulela kubantu ngisho kuwo amaqembu epolitiki. Ngezikhathi zikaZuma noRamaphosa kwande ukucebana ezinkantolo kwamalungu kaKhongolose abesola ubuholi kanjalo neqembu ngokwephula uMthethosisekelo weqembu. Lokhu kuqale ezifundazwe ezifana neKwaZulu-Natal neFree State lapho amalungu kaKhongolose enakazane khona kwathula umoya. Lokhu kube sekukapakela kuzo zonke izinhlaka njengoba sebebaningi abayisa iqembu enkantolo.

ElaboHlanga likhulume ngokukhethekile nongoti wezepolitiki uMnu u-Aubrey Matshiqi nothe akuseyona imfihlo ukuthi iqembu elibusayo seliyiphunyukile. “Kucacela noma ngubani ukuthi abantu bakithi kabasenabo ubuholi. Nokuyishwa ngoba i-African National Congress ihlale izibiza ngomholi womphakathi kepha ibukeka yehluleka ukwenza lokho, ukuhola izwe”, kusho uMatshiqi.

Uqhubeke wathi: “UKhongolose nabaholi bawo sebafana nezipoki zempukane. Babusa into engekho. Okunye okumele bakuqaphele ukuthi kungenzeka sebehamba bodwa, abaholi asebalala kabasekho ngakubo. Lokhu kokunye kungadalwa yiqiniso lokuthi abanye abaholi abakhona manje bathola izikhundla ngezindlela ezingalungile, ezinomunywama. Le nhlangano idinga inhlambuluko kanjalo nesizwe ngoba uma kungenjalo lokhu esikubonayo kokubheduka kwezinkinga kubo bonke ubuholi baboHlanga kusazoqhubeka”, kusho yena nokuyinto okubonakala ukuthi iseyabaphunyuka. Okwenzeka kubo kuyisibuko salokho okwenzeka ezweni ngobuholi nokuphunyukwa kwabo wukubusa nokwelusa abantu” kusho uMatshiqi. 

See Also

Izinkantolo nepolitiki

Ukwehluleka kosopolitiki namaqembu abo ukuzilawula sekwenze izinkantolo zaba ngumalamulela nasezindabeni ezithinta ukwakhiwa kwemithetho. Lokhu sekudale inkulumompikiswano ekutheni kufanele noma lokhu akufanele. Esethulweni esithi: Fighting for their Place: Constitutional Courts and Political Actors. A Reply to Heinz Klung, uConrado Hübner Mendes uthi ngalolu daba oluthinta izinkantolo zoMthethosisekelo: “Ukukhuluma kwezomthetho okujwayelekile nokwezokufunda bayehlukanisa phakathi komthetho nepolitiki ngezindlela ezahlukene. Uma sekuyiwa ekubuyekezweni ngokomthethosisekelo kwemithetho, ukugubana phakathi kwale miqondomsuka kubukeka kugqama kakhulu. Okokuqala, izinkantolo zomthethosisekelo zibonakala njengezepolitiki ngenxa yokusebenza ezikutholayo ngale kwezingxabano zomthetho, ekulungiseni imingcele yezepolitiki, okuwumsebenzi wazo ukuchaza zisebenzisana neminye iminxa ngendlela okufanele kuqondwe ngayo uMthethosisekelo.

“Ngokukhulumela futhi ukhuluma kuwo wonke amalungu omphakathi wezepolitiki, izinkantolo zomthethosisekelo ziyasiza ukuchaza ubunjalo bomphakathi wepolitiki lowo. Ngokulandela lo mgudu, ngamanye amazwi inkantolo yomthethosisekelo inobupolitiki ngoba ibandakanyeka enkimbinkimbini enqubeni yokwakhiwa kwemithetho okuvela ekuhlukaneni kokusebenza okuguquka njalo kancane kule minxa ehlukanisa amandla,” echaza kusethulo. 

Uyaqhubeka athi:  “Okwesibili, asibonge ubunjalo obuncane obuthembakalayo beziqondiso zomthethosisekelo, ukubuyekeza ngokomthethosisekelo kungathathwa njengokwepolitiki ngenxa yokukwazi ukuzithathela izinqumo. Umbhalo ngokomthethosisekelo udinga izingxabano ngokukanembeza nangokokucabanga ekusebenziseni imiqondongqangi nezindawo inkantolo ezithola isesijwini salokho okungemukeleki. Ngokwalo mbono, iziqondiso zomthethosisekelo isikhathi esiningi azidingi izixazululo ezicacile emacaleni eza kuyona inkatolo; abehluleli abakwazi ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi banqume ngokweyama kupolitiki. Yilokho kweyama, kunokuthi kubukwe ngqo umthetho, okwenza bafinyelele ezinqumweni.”  

Uphetha ngokuthi: Okwesithathu, inkantolo ingabukwa njengenobupolitiki ngoba kufanele iphendule ezintweni ezifaka ipolitiki ezisibekela isinqumo, ibheke ukuthi ungakanani umthelela wezinqumo, icabange nokuthi yini engenzeka kwabanye basebenza ngepolitiki, okungathunaza ukusebenza kwayo. Uma inkantolo ibukwa kanjalo, iveza lokho okufanele ingakwenza kuhambisane nezidingo zezilinganiso zokuqagula nezemizwa. Ngaleyo ndlela isesimweni sokuba yiqhingasu. Le miqondo yomithathu; inkantolo njengebumbahlaka lwepolitiki, njengecabangayo nanjengeqhingasu lezepolitiki kufanele kuhlale kusemqondweni. Ngaphandle kwale miqondo emithathu eyisisekelo, izinkantolo zomthethosisekelo zingathathwa njengezipolitikayo uma zikhombisa ukuhambisana neqembu elithile; uma ziba wuphiko lwenqubomgomo kunokuba zibe qotho ngokwenqubo. Okokugcina uma abehluleli bakha amaqoqwana kunokuthi babe yingxenye yomzimba wamalungu ephelele futhi eziphatha ngokobuqhingasu kunokuthi asebenzisane njengozakwabo izinkantolo zobukeka njengezipolitikayo,” kuphetha uMendes.

Okwenzeka kuleli phakathi kwezinkantolo, izinqumo zepolitiki noma ngabe uyavumelana nazo noma qha kukhomba khona ukuthi amandla evoti nawokuthi nibaningi sekungenzeka ahlwithwe yizinkantolo. Akukho nje ukungabaza ukuthi odabeni olufana nomhlaba kuyothi uma sebebhuquzisene abepolitiki bese isinqumo sigcina sishiwo yizinkantolo kungakhathaleki ukuthi iningi litheni. Lokhu kusho ukuthi njengoba kuhlale kushiwo idemokhrasi iyakwazi ukuzixova izifake otavataveni iphinde izikhiphe.

Scroll To Top