Now Reading
Amaphaphu ehlile ngovalo lokhuvethe ku-Erasmus
Dark Light

Amaphaphu ehlile ngovalo lokhuvethe ku-Erasmus

Iphendulekile imthandazo yomqondisi eqenjini lesizwe aMabhokobhoko uRassie Erasmus, mayelana nomdlalo ozokuba namuhla phakathi kwelakuleli neGeorgia.

Lo mdlalo weTest yokuqala uzobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium ePitoli. Obekwenza u-Erasmus abe nokungabaza ngalo mdlalo wukutholakala kwabanye babadlali bamaBhokobhoko ukuthi banegciwane ukhuvethe, ngemuva kokuhlolwa. Lokhu kuvele ekuqaleni kwesonto, ngesikhathi iqembu lihlangana eGoli lizilungiselela lo mdlalo.

Abadlali okuyibo abatholakale naleli gciwane eseliqede inqwaba yabantu kuleli njengoba izwe lisesigabeni sesi-4 nje, uHerschel Jantjies, uSbu Nkosi noVincent Koch batholakale naleli gciwane ngemuva kwekhefu elibe khona kulandela ikhempu yamasonto amathathu ebiseBloemfontein.

U-Erasmus uthe isikwati sabadlali abangama-45 bahloliwe ngemuva kokuhlangana. Kube sekuthiwa abadlali mabahlale ngabodwana kuze kube bathola iseluleko ethimbeni lodokotela elilawula iLions Series.

Iqembu lakuleli lizodlala okokuqala kusukela lanqoba iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2019, lizotholana neGeorgia emdlalweni yeTest emibili. Inhloso yale midlalo ukuzilungiselela ukudlala imidlalo yochungechunge yeBritish & Irish Lions.

AmaBhokobhoko neGeorgia bazotholana okwesibili emlandweni, okokuqala kwakuwumqhudelwano weNdebe YoMhlaba eyabe ise-Australia ngonyaka wezi-2003. Lowo mdlalo wanqotshwa ezikaNienaber ngamaphuzu angama-46 kwali-19.

UJacques Nienaber ongumqeqeshi wamaBhokobhoko, kuzoba yiTest yakhe yokuqala le kusukela amenyezelwa njengomqeqeshi.

Ephawula ngalo mdlalo uthe: “Sikhethe iqembu elihamba phambili, engithemba ukuthi lizokwazi ukuthi lifeze lokhu esifuna ukukuzuza kule Test. Okuhle kuleli qembu sinabadlali abanamava kanye nabancane abasafuna ukuzenzela igama, futhi abathumele isitatimende esiqinile ukuthi bayakufuna ngempela ukungena kwelesizwe” kusho uNienaber.

See Also

Bathathu kuphela abadlali abazobe beqala ukugqoka ijezi lesizwe, labo badlali uRosko Specman owathola indondo yethusi ngonyaka wezi-2016 ku-Olympics eBrazil ehambe neSpringbok Sevens, u-Aphelele Fassi noJasper Wiese. “Iningi labadlali abakulesi sikwati bangabanqobi beNdebe YoMhlaba, kanti abanye babe yingxenye yeqembu lesizwe amasizini ambalwa. Laba badlali abancane badlale kahle kakhulu bekungabe asibenzi ubulungiswa uma singababizi. Umdlali ngamunye wabo ukhombisile ukuthi bafanelwe yithuba kuleli zinga, futhi ukuzibophezela nentshisekelo abayikhombise ekuziqeqesheni bekumangalisa. Silindele ukuthi iGeorgia ize kuthina ingagayelwe mphako, kuzoba imizuzu engama-80 ezoba mnandi kakhulu abantu bazobona umdlalo wombhoxo omnandi. Okumele sikwenze ukukhombisa ukuthi singompetha boMhlaba” kusho uNienaber.

Abanye abadlali abangeke bebonakale kulo mdlalo uCheslin Kolbe noRynhardt Elstadt, isizathu salokho ingoba bebedlala umdlalo wamanqamu eqenjini labo laseFrance iTolouse.

Iqembu elizoqala umdlalo lithakwe kanje

  • uNombolo 15: uWillie le Roux weToyota Verblitz
  • uNombolo 14: uRosko Specman weToyota Cheetahs
  • uNombolo 13: uJesse Kriel weCanon Eagles
  • uNombolo 12: uFrans Steyn weToyota Cheetahs
  • uNombolo 11: u-Aphelele Fassi weCell C Sharks
  • uNombolo 10: uHandré Pollard weMontpellier
  • uNombolo 9: uCobus Reinach weMontpellier
  • uNombolo 8: uKwagga Smith weYamaha Júbilo
  • uNombolo 7: uPieter-Steph du Toit weDHL Stormers
  • uNombolo 6: uSiya Kolisi ongukaputeni weCell C Sharks
  • uNombolo 5: uFranco Mostert weHonda Heat
  • uNombolo 4: u-Eben Etzebeth weToulon
  • uNombolo 3: uTrevor Nyakane weVodacom Bulls
  • uNombolo 2: uBongi Mbonambi weDHL Stormers)
  • uNombolo 1: u-Ox Nché weCell C Sharks)

Abazoqala ebhentshini

  • UNombolo 16: uMalcolm Marx weKubota Spears
  • uNombolo 17: uSteven Kitshoff weDHL Stormers
  • uNombolo 18: uFrans Malherbe weDHL Stormers
  • uNombolo 19: uMarvin Orie weDHL Stormers
  • uNombolo 20: uJasper Wiese weLeicester Tigers
  • uNombolo 21: uHerschel Jantjies weDHL Stormers
  • uNombolo 22: u-Elton Jantjies wePau
  • uNombolo 23: uDamian Willemse weDHL Stormers
Scroll To Top