Now Reading
Nakulokhu iNkandla iyinjolozela yomlando
Dark Light

Nakulokhu iNkandla iyinjolozela yomlando

Ezinsukwini ezingengaki izwe nomhlaba bazothola impendulo engaguqula umbusazwe nokubukwa kweNingizimu Afrika


Kubantu abaningi indawo iNkandla idume kakhulu uma isithinta lowo owayenguMengameli, uMnu uZuma nomuzi wakwabo kwaDakw’udunuse. Le ndawo esemakhaya esifundazweni iKwaZulu-Natal inomlando nezigigaba eziningi ezaguqula umlando. Owokugcina nje kwaba ngothinta iNkosi uSigananda kaZokufa Shezi owayelibutho uMkhulushana. 

Ngesikhathi seMpi Yentela Yamakhanda yangowe-1906, iNkosi uSigananda yabe ilwa nabelungu namambuka. Waboshwa wagqunywa ejele laseNkandla ngokuzimbandakanya kwakhe eMpini Yamakhanda. Mhla zingama-22 kuNtulikazi we-1906 wakhothamela khona ejele eneminyaka elinganiselwa kweli-103. Wayekade engomunye wabaholi babashokobezi kwazise kwakuthe uma iNkosi uBhambatha nabashokobezi ababesuka eMpanza bengena ehlathini laseNkandla uSigananda wazimbandakanya nalabo bashokobezi bempi ngokugcwele. Wabe enabanye abaholi abafana noMangathi kaGodide kaNdlela Ntuli, uChakijana kaGezindaka Sithole, uMehlokazulu Ngobese nabanye abaningi.

Lokhu okwenzeka namuhla nokuthinta enye yamadodana akule ndawo, uZuma,  kungahle kuvuse emidala imilando lapho iNkanlda yabe iyisizinda sabashokobezi kulokhu abeseka usopolitiki abakholwa wukuthi uyahlaselwa. Ngokwemibiko izinkumbi zabantu zizothutheleka eNkandla njengoba kwenzeka ngesikhathi seNkosi uSigananda. Kulindeleke ukuthi kungabi ngabalandeli bakaZuma kuphela abazobe belapha kepha nabezokuphepha njengoba kusobala ukuthi abathutheleka lapha sebezidelile ukuthi uma kufika emandleni iyobe ingangabo. Nabezindaba bomhlaba bazobe bekanise eNkandla kwazise wonke umuntu ulangazelele ukuthi engabe uZuma uyoziyela ezikhindini noma uzobe esethathwa ngenkani.

Impethu yobuhlanga 

Ubungozi bakho konke lokhu kusekutheni iphutha nje elincane lingahle lishise izwe. Yize abaningi bengafisi ukukuphimisa iqiniso lithi ubungozi obukhulu abukho ekuxabaneni kwezinhlaka zeqembu elibusayo zisolana odabeni lukaZuma. Akukho ezinkantolo ngoba zona seziqedile kepha ubungozi busekutheni uma umsindo lo usugqokiswa ubuhlanga. Sebekhona abalibeka ngembaba elokuthi  “kabawona uKhongolose kepha beseka uZuma njengoMzulu”. Lokhu kukhuluma kufakazela ukuthi sekukhona asebethathe okwenzeka kuZuma njengento ebhekiswe kuZulu. Uma isilapha indaba kusho ukuthi abazobe beseNkandla akuwona amalungu kaKhongolose kepha kuzobe kukhona nabavela kwamanye amaqembu abathi; “akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kucwebe isiziba”.  Impethu yobuhlanga ngeke iphethule amalungu kaKhongolose kuphela kepha iyokwenza okufanayo nasesizweni esivele sinezinkinga uma kufika ebudlelwaneni bezinhlanga nabokufika.

See Also

Ukulangazelela kusekutheni ngabe uHulumeni weqembu likaZuma nake aba nguMengameli wawo uzolusingatha kanjani loludaba. Uma uZuma ephetha ngokungazinikeli emaphoyiseni umlayelo weNkantolo umile, uthi kuyomele kungenelele amaphoyisa. Umbuzo uthi uZuma oyobe eseyisiboshwa esibalekayo amaphoyisa aseNkandla azoba namandla yini okumbopha? Bona ozakwabo okunguMphathiswa uPeggy Nkonyeni noNgqongqoshe uBheki Cele bazomthinta yini uMsholozi ngalolu daba. UNdosi  odume ngokuzibambela uzobe esemfuthweni yini wokwenza ahlale ekwenza noma uzokhumbula ukuthi umsebenzi wokubopha akuwona okaNgqongqoshe kepha ngokaKhomishana uSithole? 

Abanye abalindeleke ukuba amehlo athi njo kubo wubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nabaholwa nguNdunankulu uSihle Zikalala. Kuke kwanezinsolo kwamanye amalungu ukuthi lobu buholi abumeseki uZuma nokho lokho kwachithwa nguNobhala wesifundazwe uNtuli. Abanye amehlo azobe ethe njo kubo ngubuholi be-ANC kuzwelonke nobuholwa nguRamaphosa ongemuhle kubalandeli bakaZuma kulezi zinsuku. Umbuzo uthi bazobe bekhona yini eNkandla, bazomphelezela yini umholi nomlingani wabo uma ezinikela noma bazobe bephunga labo abazocaphuna uZuma kwaDakw’udunuse.

Ezinsukwini ezingaphansi kweshumi umhlaba uzothola izimpendulo ngokwenzeka eNkandla. Lezi zimpedulo ziyosho ukuthi leli lizwe, ipolitiki, ezomthetho nobudlelwano babantu buphelelaphi. Nakulokhu iNkandla iyinjolozela yomzabalzo thizeni.

Scroll To Top