Umnotho wethu awuntengi uguqile



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kunokuvumelana ukuthi ukhuvethe luzoba yinto esazohlala kanjalo nezinkinga zomnotho
Kunezinto okungamele ziphandaphindwe ikakhulukazi uma ukwenza njalo zingeke zenze mehluko. Okumqoka ukukhuluma ngazo yilapho sekunoguquko. Lapha sikhuluma ngomnotho wakuleli okukhulunywa njalo ngawo njalo futhi kukhulunywa into eyodwa. Sekuyisikhathi manje ukuthi abaholi bethu basihloniphe ngokwanele ngokuthi basho inkinga, isikhathi esizosihlala kule nkinga nalokho okuyimizamo yokusikhipha kule nkinga.
Iqiniso lithi umnotho wethu awukho esimnweni esikahle, awuntengantengi kepha uguqile. Yize abanye bezothanda sikholwe wukuthi lokhu kudalwe wukhuvethe, iqiniso lithi lesi simo besinjena singakezwa nangokhuvethe lolo.
Khuvethe ndini selwenze isimo saba sibi kakhulu. Izindleko esingene kuzo njengezwe ngalezi zinyanga zokuphakama kokhuvethe zizoba yinto yeminyaka. Okusabisayo futhi yikuthi noma ngabe senza mizamo mini kule minyaka emihlanu kuya kwelishumi sengathi sizobe sisebenzela amanye amadoda.
Isikweletu se-International Monitory Fund (IMF) sosiqeda sizwile. Nakhona sivelelwe ngoba uhlobo lwabantu esibakweletayo luyinqaba, luthi lungasiphekisa bese lufuna ukungena shi ezindabeni zethu.
Sibakweleta nje ngeke sithuke uma usuzwa sebenemibandela ethinta ngqo inqubomgomo yezwe lethu. Uma ungakholwa phenqa umlando wokudaleka kwenqubomgomo okuthiwa yiGEAR kuleli neyasidalela lonke utwayi lwezomnotho lolu esihlale sizinwaya ngenxa yalo.
Ukulahleka kwemisebenzi Ngenxa yalo mlando kungakuhle ukuthi uma sibabaza njengoba kwenziwa nje ngesimo semisebenzi kuleli kulandela umbiko wabakwa StatsSA othi imisebenzi eyizigidi ezi-2.2 ilahlekile kuzwelonke.
Ibabaza lomuga iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ngomlomo kaMnu uSizwe Pamla ithe: “Lezi yizibalo ezidumazyo nokho akusethusi. Ngesikhathi uNgqongqoshe Wezezimali ethula isabelomali sakubona ukuthi kuzokwenzeka lokhu kokuthi umnotho ngeke usimame kodwa uzoklinyeka. Ukulahleka kwemisebenzi kuwubungozi esabukhetha njengezwe kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule,” kusho uPamla.
Uqhubeke wathi: “Izibalo lezo zisho abantu ompilo yabo iyantwenguleka. Sidinga ukuba sibenokuphuthuma, siding ukuba sigcike izintuba ezimbi kodwa futhi siding uHulumeni ozibambela mathupha ozofaka imali emnothweni basebenzisane nabantu ukuthola izindlela ezizoqinisekisa zonke izinqumo zeNedlac ziyafezwa.”
Okwenzeka kuleli kuyenzeka nakwamanye amazwe njengoba ngesikhathi esifanayo kuvele ukuthi e-United State of America (USA) abakwa Desney bazodiliza abantu abayizi-28, 000, abakwaShell bona abayizi-9 000, abakwa Dow bona amaphesnti ayisi-6. Lapha embonini yezindiza kuhlawunjiselwa ukuthi imisebenzi eyi-100,000.
Lesi yisimo okusobala ukuthi sisazoqhuebeka ngoba ezinye izinkampani sizazozwa ukujula kwenxeba lokhuvethe ngekota yokuqala onyakeni ozayo nayilapho kuyomele zithathe isiqumo sokuthi ziyadiliza yini.
Konke lokhu kuphoqa ukuthi ngaphandle kokwamukela ukuthi ukhuvethe luzoma yimpilo yethu yansuku zonke nokumele siyamukele, kanjalo nesimo somnotho kuyomele samukele ukuthi siyoba sibi kule minyaka ezayo, baningi abasazoba sohlwini lwabangasebenzi.