Izwekazi i-Afrika kumele likhiqize okusezingeni lomhlaba ukulwa nokhuvethe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseRwanda uPaul Kagame uthe i-Afrika kufanele ibe sezingeni elilodwa futhi elilinganayo nomhlaba wonke uma kukhulunywa ngokukhiqiza imishanguzo yokhuvethe. Ubekhuluma ngemuva nje kokumenyezelwa kweRwanda, iSenegal neNingizimu Afrika njengamazwe angaqokelwa ukusingatha izikhungo zokukhiqiza imigomo yokhuvethe e-Afrika. UKagame uthi ukuzilungiselela okukhonjiswe yilawa mazwe amathathu ezwekazini kusebenze njengesisekelo sokwenza ukuthi akhethwe ukuthi asingathe lezi zikhungo.
“Kuzoba, kuze kube manje, izikhungo ezintathu ezwenikazi lethu lonke, futhi la mazwe athuthukile kulokho. Leyo yiNingizimu Afrika, iSenegal neRwanda. Sizoba yilezi zikhungo ezwenikazi lapho ukwenziwa kwemithi yokugoma kuzokwenzeka khona. Ngokuqondene neRwanda, sibambisene nezinye izimboni ezisebenza ubuchwepheshe be-mRNA. Ngakho-ke, sesikhulumile ngalobo buchwepheshe nabantu abazosiza ngezimali futhi ngicabanga ukuthi ezinyangeni ezimbalwa kufanele sizwe olunye udaba. ”
Khonamanjalo, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukuqokwa kweNingizimu Afrika yiWorld Health Organisation (WHO) ukusungula isikhungo sokuqala sokudluliswa kobuchwepheshe be-mRNA kuzosiza ekushintsheni isithombe sezwekazi futhi kukhuthaze ukuzimela kwalo. Lesi sikhungo sizothuthukisa amakhono wokukhiqiza imishanguzo esifundeni, njengoba izwekazi i-Afrika liqhubeka nokuthwala kanzima ekutholeni imithi yokugoma.
Izosungulwa ngokubambisana okubandakanya iBiovac Institute yaseNingizimu Afrika, i-Afrigen, i-Africa Centers for Disease Control and Prevention (Africa CDC) kanye namanyuvesi.
Inhlangano iWHO ithi kungabonakala iNingizimu Afrika ikhiqiza imigomo ezinyangeni eziyisishiyagalolunye kuya kwezili-12 ezizayo. Ekhuluma esithangamini nabezindaba noMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ngoMsombuluko ebusuku, uRamaphosa uthe lesikhungo sizobeka isisekelo sokuphepha kwezempilo emazweni ase-Afrika. “Namuhla kuthathwe isinyathelo esibalulekile sokuzuza enye yezinjongo ezibucayi ze-Agenda 2063 yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika, ye-Afrika esiyifunayo. Ikhono lokukhiqiza imijovo yokugoma, imithi kanye nezinye izinto ezihlobene nezempilo kuzosiza ukubeka i-Afrika endleleni yokuzimela ngqo . Ngalesi sinyathelo nangezinye, sizoguqula umlando we-Afrika oyisikhungo sezifo nentuthuko engeyinhle. Sizokwakha umlando ohalalisela impumelelo yethu ekunciphiseni umthwalo wezifo nasekuqhubekeni nokuzimela, siphinde siqhubekisele phambili nentuthuko esimeme, ” kwengeza uMengameli waseNingizimu Afrika.
Izwekazi lisabhekene nenkinga namanje ngokuthola imigomo
I-Afrika ayiyinqobi impi yayo yokulwa nobhubhane lokhuvethe njengoba igagasi lesithathu laleli gciwane likhukhula izwekazi kanye namazwe elwela ukuthola imigomo eyenele yabantu bawo, kusho umqondisi we-Africa CDC uJohn Nkengasong ngoLwesine.
Uhlelo lweCOVAX oluholwa ngokubambisana yiWorld Health Organisation lokusatshalaliswa kahle kwemithi yokugoma manje seluhlela unyakazisa okuthile njengoba luye lwavinjelwa amazwe acebile futhi lwahluleka ukuhlangabezana nezidingo zamazwe ampofu.
Umqondisi we-Africa Centers for Disease Control and Prevention (Africa CDC) uNkengasong uthe ukhathazeke kakhulu ngokuthola imishanguzo ngesikhathi kungakhathalekile ukuthi imithamo ivelaphi.
“Igagasi lesithathu lifike ngobunzima amazwe amaningi abengazilungiselele. Ngakho igagasi lesithathu linesihluku esikhulu,” kusho uNkengasong ngesikhathi kunesithangami samasonto onke esiku-inthanethi.
“Mangikubeke ngamagama nje, asiyinqobi e-Afrika le mpi yokulwa naleli gciwane ngakho-ke akusho lutho kimi ukuthi imijovo yokugoma ivela ku-COVAX noma ikuphi. Esikudingayo ukufinyelela ngokushesha emithini yokugoma,” kusho yena.