Now Reading
Umthetho wokhuvethe usugxilile emthethweni wezobudlelwano bezokuqashwa
Dark Light

Umthetho wokhuvethe usugxilile emthethweni wezobudlelwano bezokuqashwa

Kufanele siqale ngokuxolisa kubafundi bale ngosi ngokunyamalala kwemibhalo izinyanga eziningi ezedlule. Sithi yobe, nina boHlanga. Kwesinye isikhathi izithiyo zempilo ziyamukhipha umuntu ezinhlelweni zakhe.

Siyethembisa ukuthi ngokuvumelana noMhleli sizoqikelela ukuthi le mibhalo ishicilelwa inyanga nenyanga okungenani. “Amaphuzu aleli cala edlulele. Akhombisa ukuthi kusekuningi okufanele makwenziwe emisebenzini nasemiphakathini ukuqikelela ukuthi abaqashi nabaqashwa kunye nomphathi wonkana bayaqashiswa ngobukhona bobhubhane ukuze kugxiliswe izibopho zokuphepha kumqashi nabaqashwa kulesi simo sokhuvethe.”

Wendulele ngala mazwi uMehluleli weNkantolo Yezabasebenzi ecaleni le-Eskort Ltd Stuurman Mogotsi Case No: JR1644/20 esinqunywe mhla wama-28 kuNdasa kowezi-2021. Kuzokhumbuleka ukuthi embhalweni wangoNtulikazi kophelile sabhala ngaphansi kwesihloko esithi “Kuningi ukuxakaziseka kobudlelwano bokuqashwa okwenziwa yudungunyane lokhuvethe”. Sasihlaziya izinqumo zeNkantolo Yezabasebenzi zamacala amabili aphathelene nobhubhane.

Udaba oluphelele kulesisinqumo seNkantolo lumayelana nobudedengu obendlulele emsebenzini, ukungahloniphi ezokuphepha mayelana nokhuvethe. Le nkampani eyaziwayo ezweni ikhiqiza idayise ukudla okuyinyama. Umqashwa wayeyisekela lemenenja yasesitolo semikhiqizo yenyama. Wayeyilunga futhi lekomidi elibhekelele ukuphepha kubhubhane emsebenzini elibizwea ngeleCoronavirus Site Committee’.

Umqashwa waxoshwa emsebenzini ebekwe amacala okwehluleka ukwazisa umqashi ukuthi wayehlolelwe ukhuvethe mhla zi-5 kuNcwaba wezi-2020 futhi wayesalindele imiphumela; nelobudedengu obendlulele ngokuthi esetholakele ukuthi uhaqiwe wehluleka ukuzivalela yedwa waqhubeka nokusebenza mhla ziyisi-7, ziyisi-9 namhla zili-10 kuNcwaba wezi-2020. Ngenkathi eqhubeka nokusebebnza wehluleka ukuhambisana nemigomo nemibandela yokuphepha kubhubhane okuxuba ukugqagqana ngoba wayebonakale kukhamera exhawulala ekotelana nomunye uzakwabo onesifo senhliziyo, ehamba futhi engasifakile isifonyo echanasa exhumana nezinye izisebenzi engakhathazwe lutho.

Njalo uma eya emsebenzini, wayehamba nomunye uzakwabo ngemoto yakhe umqashwa. Uzakwabo lona ayemxhawulile wahlaselwa wukhuvethe wangena esibhedlela. Nalona futhi ayevame ukuhamba naye ngemoto kwaba yiso leso wabangwa nezibi. Ezinye izisebenzi asebenza nazo zahlolwa kwatholakala ukuthi zihaqekile kwaphoqa ukuthi ziyozivalela emakhaya zingahlangani nabanye abantu.

Kwavela ebufakazini ukuthi umqashwa lona wayekade agula enezimpawu zokhuvethe ekuqaleni kukaNtulikazi kodwa walashwa yinyanga eyambhalela isitifiketi sokuthi uyagula. Le nyanga kwakungumfazi wakhe umqashwa. Esezivikela ecaleni wathi umqashi wakhe kazemukelanga izincwadi zokuthi uyagula futhi wamkhipha inyumbazane emvaeni kwalokho. Wayesho nokuthi yena kanikwanga isiyalelo sokuthi makenze njani yize uzakwabo ayevame ukuhamba naye wayehaqiwe. Ngakho-ke weza emsebenzini.

Esexoshiwe umqashwa, wamangala futhi waphumelela enkundleni yakwaCCMA ngoba isinqumo sikaKhomishini sambuyisela emsebenzini, kodwa wangaholelwa isikhathi ayesesihlalile engasebenzi. Futhi wanikwa nesexwayiso sokugcina ngobudedengu ayebenzile emsebenzini. Umqashi waledlulisela eNkantolo Yezabasebenzi udaba, waphumelela. INkantolo yasiguqula isinqumo sikaKhomishin yavuna umqashi ukuthi isijeziso sokumxosha simfanele umqashwa. INkantolo yamgxeka kakhulu uKhomishini, umqashwa naye umqashi. Siqopha okubalulekile okuyizifundo eziqhamuka kulesi sinqumo seNkantolo ngoba sekungumthetho ophuma ezinqumweni zeziNkantolo mayelana nezokuphepha nokuziphatha okuqondene nokhuvethe.

UKhomishana ugxekwa ngokwehluleka ukucubungula ngeso elibanzi bonke ubufakazi obethulwa phambi kwakhe njengokulawulwa ngumthetho. Phela, uma uKhomishini esetholile ukuthi isenzo somqashwa siwubudedengu obedlulele okuqeda ukwethembana nobudlelwano phakathi komqashwa nomqashi, lokho sekusho ukuthi ukuxoshwa yisona sijezio esifanele. Kodwa kuleli cala uKhomishini wamxegisela umqashwa ngezizathu ezingaqondakali ngoba wayesetholile, wanquma ukuthi izenzo zakhe zazingubudedengu obendlulele.

Kulesi sinqumo sayo, ikhwele yadilika iNkantolo igxeka umqashwa. Izenzo zakhe zibeka bonke axhumane nabo emsebenzini, ekhaya, nasemphakathini ebucayini. Okudida kakhulu ngokweNkantolo ukuziphatha kwakhe esetholile ngokuhaqwa kukazakwabo lona ayevame ukuhamba naye ngemoto eyodwa.

Wayechanasa exhawula omunye uzakwabo, engafaki isifonyo engagqagqani uma exhumana nabanye kodwa enolwazi lokuziphatha okufanele. Lokhu kwakhubaza umqashi nabo bonke ayexhumana nabo umqashwa kunye nemindeni yabo. Phela ngenxa yalesisenzo, umqashi waphoqeka ukudedela eziningi izisebenzi ukuze zizivalele, zelashwe, zize zelulame ekuhaqweni; okuyinto ekhinyabeze umnotho womqashi nowabaqashwa abathinteka. Lezi zenzo zomqashwa zidalela ukungabekezeleleki kobudlelwano bomqashi nomqashwa, ikakhulu ngoba abanye ababeziphathe kanjena phambilini babexoshwa. Futhi, umqashwa wangatshengisi nokuzisola ngezenzo zakhe ezadala ubuhlungu, ixhala nokuhlupheka kwezinye izisebenzi nakumqashi.

Umqashi yena uthole induku yokuqxekwa yiNkantolo kulesisinqumo ngokuthi lesi senzo kasitshengisi ukuthi imithetho yokuvikela ukhuvethe uyayisebenzisa ayeluse ngokufanele yize enayo lemithetho yokuphepha obhubhaneni. Kungani avunyelwa ukuchanasa umqashwa yize ebonakala kukhamera, yiziphi izinyathelo ezathathwa futhi kwenzeka kanjani ukutho lozakwabo evume ukuxhawulwa nokukotelana nomqashwa bebe bazi ukuthi kakuvumelekile lokho. NgokweNkantolo lokhu kwembula izinqe umqahi nezisebenzi ukuthi kabazimisele ukulandela indlela okuyiyo yokugwema ukubhebhetheka kokhuvethe. Ukuebenza okwejwayelekile kwaqhubeka yize sekutholakele isisebenzi esahaqwa kuqala lesi esasihamba ngemoto eyodwa nomqashwa kulelicala okuyinto engavumelekile.

INkantolo iphethe ngokuthi leli cala lifundisa bonke abaqashi nezisebenzi ukuthi kuhle ukuba nemithetho nemibandela yokuphepha obhubhaneni. Kodwa konke lokho akusho lutho uma kungasetshenziswa kweluswe ukuziphatha emsebenzini ukuze kuhambisane nalemithetho nemibandela yokugwema ukhuvethe. Kumele kubhekisiswe kabusha ukuziphatha emebenzini ngalesisikhathi sobhubhane.

Ukubaluleka komthetho wezokuphepha emsebenzini unemibandela ecacile mayelana nezibopho zomqashi nomqashwa kwezokuphepha emsebenzini. Lokhu sekwendlulele ngaleisikhathi sobhubhane. Masikhumbuzane ukuthi mabili amanye amacala aphuthinyiswa eNkantolo Yezabasebenzi ngalesi simo sokhuvethe. Elokuqala ngelafakwa yinyunyana iNEHAWU ilwela ukuqikelela ukuvikelwa kwezisebenzi ezenza imisebenzi ebalulekile ebucayi ephathelene nezempilo ngalesisikhathi sobhubhane ukhuvethe.

Elesibili yicala le-AMCU eyayilwela ukuthi izisebenzi zasezimayini nemiphakathi ezisuka kuyo kuvikeleke ngokwendlule futhi okuqondene nemboni yezimayini. Ecaleni leNEHAWU elingunombolo: J 423/20 elahlulelwa mhla zili-11 kuMbasa 2020, inyunyana yabimangalele umqashi okuwuMnyango Wezempilo kuzwelonke nakuzona zonke izifundazwe. Kafuphi, inyunyana yabe ikhala ngokuthi umqashi uyehluleka ukuqikelela ukuphepha kwabasebenzi bezempilo ngokubanikeza izevatho ezanele zokuvika icovid19 ngenkathi besemisebenzini yabo. Kodwa esephendula umqashi, wayigculisa iNkantolo ukuthi yena ukwenze konke okusemandleni ukuqikelela ukuphepha kwabasebenzi abenza umsebenzi wezempilo obalulekile nobucayi kuzwelonke nakuzona zonke izifundazwe.

Okunye, inyunyana eyayikufuna ukubandakanywa ngumqashi ezinhlelweni zokuqikelela ukuphepha kwezisebenzi. Nakulokho futhi iNkantolo yemukela incazelo yomqashi ukuthi empeleni kwakungamampunge okwakushiwo yinyunyana. Okokugcina, inyunyana yayifuna ukuthi umqashi anqindwe amandla okujezisa abasebenzi abenqabayo ukusebenza ngoba besabela impilo yabo. Yakubeka kwacaca iNkantolo ukuthi kayikwazi ukuthatha leso sinqumo ngoba kwakungenabufakazi bokuthi kukhona osebhekene nokuqondiswa ubugwegwe ngenxa yokwenqaba ukusebenza ngoba esabela impilo yakhe. Kuleli cala, kwakubonakala ukuthi inyonyana yabe icabangela ilungelo labasebenzi ngaphansi koMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini uNombolo 85 we-1993 eyayicabanga ukuthi akalibhekelelanga umqashi. Yize kwakubonakala ukuthi yayibenehaba nokuxhamazela inyonyana ekufakeni lelicala, ekugcineni latshengisa ukucabangela ilungelo nezifiso zabasebenzi okuyilungelo layo ukukwenza.

See Also

Kwele-AMCU yayimangalele uMnyango Wezimayini nomhloli wezokuphepha ezimayini. Leli cala uNombolo J427/20 lalinqunywe yiNkantolo Yezabasebenzi mhla lulu-1 kuNhlaba kowezi-2020. Inyunyana yayibikhala ngokuthi imibandela yezokuphepha emsebenzini eyayishaywe nguHulumeni ngaphansi koMthetho Wezinhlekele okuqondene nobhubhane ukhuvethe; yayingenele ukubhekelela ngokukhethekileyo izisebenzi zasemayini njengokulawula koMthetho Wezokuphepha Ezimayini.

Ngokubona kwenyunyana ukuphepha ezimayini kwehluke kakhulu kokwenjwayelekile, futhi kusebucayini obendlulele ngenxa ye covid19; okudinga ukuba kusetshenziswe uMthetho Wezokuphepha Ezimayini ngoba wona unezibophezelo ezaluswa futhi kujeziswe ukwephulwa kwazo, nguMhloli omkhulu wezokuphepha ezimayini ngaphansi kwesigaba sesi 9 salo mthetho.

Kanti imibandela yokuphepha ngaphansi koMthetho Wezinhlekele yona ingeyomphakathi wonke futhi ukwephulwa kwayo akujeziswa kanzima njengalokhu kwenzeka uma kwephulwe imibandela yoMthetho Wezokuphepha Ezimayini.

Ngalesi simangalo inyonyana yabibifuna ukuthi iNkantolo ilawule uMhloli omkhulu wezokuphepha ezimayini ukuthi ekhiphe imibandela yezokuphepha eqondene nezimayini njengoba sichazile ngenhla, ukuvikela izisebenzi emkhuhlaneni ukhuvethe. UMnyango wona wawukuphikisa lokho ngesizathu sokuthi izinhlelo zezokuphepha ezikhishwe ngaphansi koMthetho Wezinhlekelele zanele. UMnyango wawusho nokuthi futhi ubhubhane ukhuvethe aluqondene nje nezisebenzi kuphela kodwa lungolwesizwe sonke, ngakho angeke kwasetshenziswa umthetho oqondene nezimayini kuphela.

Kodwa iNkantolo yavune inyunyana kuleli cala. Kafuphi izizathu zeNkantolo ngezokuthi ubhubhane lolu lubopha ngabhandelinye umphakathi nezisebenzi emsebenzini kalukhethi muntu. Ukuphepha komphakathi wonkana, kuxube nokwezisebenzi, emsebenzini. Ukuvikela izisebenzi ngokwasemsebenzini eziwenzayo kakushayisani nokuvikela umphakathi wonkana. Esesibili isizathu seNkantolo ngesokuthi izinhloso zoMthetho Wezokuphepha Ezimayini ziyamphoqa uMhloli ukuthi ethathe izinyathelo ezazibalwe yinyonyana esimweni sokhuvethe ngoba zona zinamazinyo okujezisa lowo ozephulayo. Ngakho-ke ukwenqaba koMhloli wezokuphepha ezimayini ukukhipha izilawulo ngaphansi komthetho wezokuphepha ezimayini kuyisinqumo esingaphusile okumele sibuyekwezwe, sichithwe yiNkantolo.

Inyunyana yethula ubufakazi bochwepheshe bezempilo nabezokuphepha emsebenzini ukutshengisa ukuthi basengozini engakanani abasebenza emigodini ezimayini. Izibonelo ukuthi basebenzela endaweni eminyene, kabakwazi ukushiya isikhala phakathi kwezisebenzi ukugwema ukhuvethe. Kunobufakazi bodokotela ukuthi izifo eziphathelene nofuba lubahaqa kakhulu nakalula abasebenzi basezimayini.

Lokhu kubenza behluke abasebenza ezimayini, okudinga futhi ukuvikeleka okuqondene nabo. Obunye ubufakazi ngobethulwa yinhlangano emele umphakathi lapho zisuka khona izisebenzi zasezimayini okutshengise ngokusobala ukuthi kufanele mazivikeleke ngokwehlukile esizweni sonkana.

Izinqumo zeziNkantolo zibangumthetho olandelwayo kukhona konke okwenzeka emva kokuba seziphumile. Lo mbhalo uyatshengisa ukuthi nembala umtheththo wobhubhane ukhuvethe.

Scroll To Top