Ukuxosha ithimba lezisebenzi eziningi kunezinselelo kumqashi nakuzo izisebenzi



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Sihlaziya umthetho ngaphansi kwalesisihloko, sibheka isinqumo seNkantolo eNkulu Yokwedlulisa Amacala Ezabasebenzi. Ngokomthetho zine izigigaba zokujezisa ithimba lezisebenzi eziningi ngecala elilodwa. Ukubopha ngabhande linye zonke izisebenzi kunezinselelo ezinhlangothi zombili.
Lokhu kucaciswe yileNkantolo ecaleni le SACCAWU ne Cashbuild okuyisinqumo esikhishwe zili 14 kuNdasa walonyaka. Leli yicala lapho izisebenzi zaxoshwa zonke ziyithimba zisolwa ngokunyamalala kwempahla edayiswayo esitolo izinyanga zilandelana. Futhi kuqhubeka lokhukunyamalala nenani lemali yempahla elahlekayo nalo selenyuke kakhulu.
Esokuqala isigigaba esiqagulwe yiNkantolo ngesenhloso eyodwa lapho izisebenzi zephula umthetho wokuqashwa ziyithimba.Yilapho ubufakazi bukhomba ukuthi isisebenzi ngasinye besikhona, sibona, siyingxenye yesenzo futhi sinomqondo owondwa nabagili besenzo leso esijeziswayo.
Esesibili yisigigaba lapho ithimba lezisebenzi lijeziswa lonke ngesizathu sokuthi iqhaza lomuntu ngamunye esenzweni esijeziswayo lingeke lacaciseka. Kodwa ibe kunobufakazi bokuthi yisenzo sethimba lonke. Kungeke kwabonakala ukuthi ngobani obhongoza, nokuthi ngubani ongene kancane, nakakhulu kulolubishi lokwephula umthetho wokuqashwa. Yisigameko lapho khona izisebenzi zingakhiphi bufakazi obucacisa lokho kodwa kube kunobufakazi besenzo futhi nobukhomba ukuthi yizona kuphela izisebenzi ezenze isenzo esijeziswayo.
Isigameko sesithathu ngesokujeziselwa isenzo esithathelwanayo ngokuthi izisebenzi zinesibopho sokwethembeka zivikela impahla nomsebenzi womqashi. Lapho kunokwephulwa komthetho wokuqashwa (isibonelo ukweba), isisebenzi silindeleke ukwazisa umqashi ngalesosenzo.
Kubanzima uma umqashi esesicelile isisebenzi ukuba siqagule umgili wesenzo, kodwa senqabe isisebenzi. Kuyemukeleka ukujeziswa noma ukuxoshwa kwezisebenzi ngesizathu zokwenqaba ukukhipha ulwazi ngesenzo esijeziswayo.
Esesine yisigigaba lapho izisebenzi zijeziswa zonke ngesenzo okungacaci ukuthi ngubani owonile. Bese kuba nezizathu zokudilizwa kwezisebenzi zonke. Phela kuzokhumbuleka ukuthi ukudilizwa kuwukuxoshwa okungabangelwa yisenzo sezisebenzi noma somqashi, kodwa okudalwa yisimo somnotho nezidingo zebhizinisi lomqashi. Kuyinselelo enkulu kumqashi uma kulesisimo sokona kwezisebenzi, abese eqoka ukubaxosha ngokudiliza. Kubayinkinga ukuthi uzosebenzisa yiphi indlela yokuqoka abazodilizwa ngoba kufanele ibenobulungiswa futhi ingachemi, kungabi ngeyokubajezisa ngenxa yesenzo sokona okuthile.
Kulelicala le SACCAWU neCashbuild iNkantolo yathola ukuthi umqashi uxshe izisebenzi ngesizathu sokuthi bezinenhloso eyodwa lapho izisebenzi zephule umthetho wokuqashwa ziyithimba.Yilapho umthetho ufuna khona ubufakazi obukhomba ukuthi isisebenzi ngasinye siyingxenye yethimba besikhona, sibona, siyingxenye yesenzo futhi sinomqondo owondwa nabagili besenzo sokwehluleka ukuvimba nokuqeda uchungechunge lokulahleka kwempahla esitolo.
Ukuze aphumelele kulelicala umqashi, kufanele alethe ubufakazi obutshengisa mbaba (nqo) noma obuveza ukuthi yikho kuphela ukuhlawumbisela okuchaza ukuthi nembala ithimba lezisebenzi zinecala lokwehluleka ukuvimba nokuqeda uchungechunge lokulahleka kwempahla esitolo.
Kulelicala kwakungekho mpikiswano mayelana nokulahleka kwempahla esitolo nokuthi bekuqhubeka yize sezixwayisiwe izisebenzi zatshelwa ukuthi lokhu akwemukelekile kumqashi.
INkantolo yathola ukuthi akunabufakazi bezinhlelo zokuvimba nokuqeda ukulahleka kwempahla kulesisitolo. Umqashi wehluleka ukwethula ubufakazi ngophenyo olwenziwa okutshengisa ukuthi kulesisitolo esikhulukazi ilahleka kanjani impahla, yiliphi igumbi elivuzayo.
Akunabufakazi bezithombe zama khamera noma obubhaliwe obutshengisa ukuthi kukuphi lakulahleka khona impahla. Nokukhombisa nje ukuthi njengoba sibanzi kangaka isitolo, izisebenzi ezikelinye igumbi ziyazi ukuthi ngezisebenzi kuluphi uphiko ezivuzisa zilahlekise impahla. Ngakho-ke abukho ubufakazi obutshengisa ukuganga kwabasebenzi beyithimba benanhlosonye. Noma obutshengisa ukuthi ukuganga kwezisebenzi ziyithimba angeke kwahlukaniseka kwaziwe ukuthi ubani wenze ukuthi ngesikhathi nangosuku thizeni.
NgokweNkantolo ubufakazi bukhomba ukuthi izisebenzi zisebenza imisebenzi eyahlukene zisemagumbini aqhelelene okusho ukuthi akulula ukuhlangana noma okwelinye igumbi azi okwenzeka kwelinye.
Izisebenzi zazikade zibambisene nomqashi emihlanganweni nangokubhala zimnxusa ukuba alungise okuningi lapho zibona khona ukuthi kuyavuza okungaholela ekulahlekeni kwempahla yesitolo. Kodwa umphathi omkhulu wakushaya indiva zonke izethulo zezisebenzi. Noma esebuzwa ebufakazi abethula eNkantolo, ukuthi engazibeka yini icala izisebenzi ngokulahlekisa impahla nom aukwehluleka ukunqanda lokho, lomphathi waphendula wathi qha, akunasona angasibeka ezisebenzini.
Kulelicala, izisebenzi azizange zithule ngenkathi zibuzwa ukuthi ukuthi kwenzeka kanjani ukulahleka kwempahla. Kodwa ngasinye, zabeka imibono eminingi edala lenkinga. Zizibandkanya emihlanganweni yokubonisana futhi zibhala ziphendule yonke imibuzo emayelana nalenkiyankiya yokulahleka noma ukwebiwa kwempahla esitolo. Omunye wofakazi bezisebenzi abayisithupha, wayesesebenze amashumi amathathu emonyaka enganasici.
Ngalezizizathu iNkantolo yamlahla umqashi futhi yazichitha yaziguqula izinqumo zikaKhomishana neNkantolo Yezabasebenzi ezase zivune umqashi ekuxosheni izisebenzi. Isinqumo saleNkantolo enkulu kube ukuthi mazibuyiselwe zonke emsebenzini izisebenzi futhi zikhokhelwe imiholo yazo yeminyaka yonke yisaxoshiwe. INkantolo yakhumbuza yagcizelela ukuthi u Umthetho Wezobudlelwano Kwezokuqhashwa uNombolo 66 we-1995, unika ilungelo isisebenzi lokungaxoshwa noma lokungaphathwa ngokungenabulungiswa.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.