Umqeqeshi ugcwele ithemba ngeqembu elizoba yingxenye yeTokyo Olympics



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli leWater Polo uDelaine Mentoor, uthi ukhuvethe lubaphazamise kakhulu ekutheni babe namalungiselo anele. Elakuleli lizoba yingxenye okokuqala emlandweni emqhudelwanweni we-Olympics azokuba seTokyo.
Lo mqeqeshi obeyesihlabane seMadibaz Sport, uthe yize ukhuvethe luphazamisile kodwa abadlali bakhe uyabethemba ukuthi bazokwenza kahle. Njengoba kuzomenyezelwa iqembu lokugcina elizolibhekisa eToyko, uDelaine uveze ukuthi iqembu lesizwe lingena ekhempini yalo yesithupha ukugcina abadlali bakhe besesimweni esincomekayo nokulungela ukuncintisana namanye amazwe.
“Iqembu lezintokazi likwazi ukuzilungiselela cishe isikhathi esiwunyaka nohhafu, kuqhamuke ukhuvethe kwabanzima ukuthi siqhubeke nokuzilungiselela kahle. Kodwa besenza uhlelo lweZoom Training Session, lapho ekade abadlali beziqeqesha ngabodwana ukubenza behlezi besesimeni esikulungele ukudlala. Unyaka wezi-2020 ube nzima size sakwazi ukuba nekhempu ngoZibadlela nyakenye, okumele sikwenze ukuthi kumenyezelwe iqembu bese siba nekhempu yokugcina” usho kanje uDelaine.


Eqhuba uthe: “Bonke abadlali bajime ngabodwana ekufundeni zabo bonke bakhombisa ukuthi bakulungele ukubhekana namanye amazwe. Emva kwalokho siyabakhulula ukuthi beqhubeke nemisebenzi yabo yangaphandle, abanye beqhubeke nokufunda emaNyuvesi. Abasubathi bethu babukeka beqinile futhi sibone ukuthuthuka okukhulu kumdlali ngamunye kusuka ekuqaleni kwalokhu esibe nakho ngiwumqeqeshi” usho kanje.
ISouth African Sports Confederation and Olympic Committee (SASCOC) bathe kumele ngaphambi kokubizwa kweqembu kumele kuqoqwe imali ethize ukuseka iqembu leWater Polo.
“Iqembu lokugcina alakamenyezelwa okwamanje, futhi ngicabanga ukuthi uma selimenyezelwe sizokwazi kabanzi ngezindleko nokuthi yini ezoxhaswa nengeke ixhaswe. Okwamanje kunekomidi eliqoqa imali, elisungule izinhlelo eziningi zokusiza ekuqoqeni izimali zokweseka lo mdlalo. Ngikhuluma nje kumakhempu abebanjwa abadlali bebekhokhelwa kwazise ebebanjwa ezindaweni ezahlukahlukene,” kusho lo mqeqeshi.
“Amaqembu esizobhekana nawo kungenzeka abe nemidlalo yokuhlungela ama-Olympic noma eyomhlaba wonke yobungani, noma iFINA Women’s Water Polo World League eyenzeka eGreece njengamanje. Umdlalo omkhulu womhlaba uzokuba kuma-Olympics. Izwe lethu lagcina ukudlala umdlalo wamazwe ngonyaka wezi-2019” Kuqhuba lo mqeqeshi.
Ebuzwa lo mqeqeshi ukuthi njengomqeqeshi, ulindele ukufeza ini kule midlalo, uthe: “Ngikubheke ngabovu ukubona umsebenzi onzima ozokwenziwa abadlali bethu. Ukusebenza kwabo kanzima kuzoletha izithelo ezinhle. Ngikubheke ngabovu ukubona iqembu lethu likhula futhi liba ngcono ngomdlalo ngamunye. Ngingathanda ukubona izinga elithile lokuzethemba emdlalweni wabo ngamunye njengoba ngazi ukuthi umsebenzi onzima ngamunye wabo bawufakile. Ngithemba ukuthi umhlaba wonke uzobona futhi-ke esikubheke kunalokho konke ukwenza kahle siphinde siye naku-Olympics azokuba seParis ngonyaka wezi-2024. Njengoba siqala nje ukuba kulo mqhudelwano eToyko asiyile ukuyokwandisa isibalo kodwa siyozakhela igama lethu,” usho kanje.