Now Reading
Sekukhala isicathulo sembokodo kwezemidlalo
Dark Light

Sekukhala isicathulo sembokodo kwezemidlalo

Ingenisile imbokodo ezikhundleni ezimqoka kwezemidlalo ezahlukene eNingizimu Afrika.

Eminyakeni eyedlule abesilisa yibona abebezenzela uma kukhulunywa ngobuholi kwezemidlalo.

Nokho itshe seligaya ngomunye umhlathi njengoba imbokodo ifike kwezwakala. Iyona esikhonya.

Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela abesifazane abasezikhundleni eziphezulu kwezemidlalo eNingizimu Afrika nase-Afrika. 

ULydia Monyepao:

Kuleli sonto iSouth African Football Assocation (Safa) iqophe umlando imemezela uMonyepao njengesikhulu esiphezulu kule nhlangano eyangamele ibhola eNingizimu Afrika. Le ntokazi eke yayibamba kuBanyana Banyana eminyakeni eyedlule ingeyokuqala wesifazane ukubamba isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kuSafa. Izovala indawo kaTebogo Motlanthe oshiye isigubhukane. UMonyepao ufunde wagogoda njengoba eshaya ngeMasters kuSports Management. Iziqu zakhe uzithole eNyuvesi iLoughborough e-UK. Ushaya nangeHonours kuBcom ayithole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. ENyuvesi iWits ugogode ngeqhuzu leBcom.

UMato Madlala:

Njengamanje iPSL ithathwa njengeligi ehamba phambili noma nahamba phambili e-Afrika. Leligi iphinde ibalwa nayishumi ahamba phambili emhlabeni. UMadlala nguyena oyibamba lesikhulu esiphezulu kuPSL okuyisikhundla esimqoka. Ufana nomgogodla weligi. Le nkosazana iphinde iphathe iqembu laseThekwini, iLamontville Golden Arrows egijima kuDSTV Premiership.

UCecilia Molokwane:

AmaProteas adlondlobale kakhulu ngaphansi kobuholi bukaMolokwane. Lesi sipawupete yisona esiphethe isikhundla sokuba nguMengameli weNetball eNingizimu Afrika. Ubuholi bakhe bulethe iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano lapha eMzansi. Izodlalelwa eKapa ngenyanga ezayo. UMolokwane akagcinanga nje ngokuletha iNdebe yoMhlaba kodwa uphinde waheha nabaxhasi abafana noTelkom, Vatality abakwaPuma ebholeni lomnqakiswano. AbakwaSpar nabo baphinde bengeza uxhaso lwabo ngokufaka izindodla zemali ngesikhathi bevuselela inkontileka yabo neNetball South Africa.

UDesiree Ellis:

Ugila izimanga kuBanyana Banyana. Usanda kuyifaka eNdebeni yoMhlaba okwesibili kulandelana. Ngonyaka odlule uqophe umlando enqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) yabesifazane. Useqokwe kathathu njengomqeqeshi ovelele e-Afrika. IBanyana ishintshe kakhulu selokhu u-Ellis ethathe izintambo zokuqeqesha.  Emasontweni amabili edlule uhlonishwe ngomklomelo weNational Order of Ikhamanga lapho uMengameli waseNingizimu Afrika, uMn uCyril Ramaphosa emchome uphaphe legwalagwala ngamagalelo akhe ekuthuthukiseni ibhola labesifazane.

UJesicca Motaung:

ENingizimu Afrika alikho iqembu elifika ezingeni leKaizer Chiefs uma kuziwa ngakwezokukhangisa. Amakhosi ahamba wodwa. Yingakho eheha abaxhasi abanonhlonze okubalwa kubona uVodacom, noToyota. Leli qembu liphinde libe nobudlelwano nomasipala abahlukene ezweni okungezinye izindlela zokwakha inzuzo. UJessica nguyena ohola uphiko lwezokukhangisa kuMakhosi. Amagalelo akhe aholele ekutheni alandwe yiCaf okuyinhlangano ephethe ibhola e-Afrika. Muva nje usanda kuqokelwa ekomidini leCaf elibhekelele ukukhula kwebhola labesifazane e-Afrika.

UKarabo Mathang:

See Also

Le ntokazi ineziqu zobumeli ezithole eWits. Ingowokuqala wesifazane ukuthola isitifiketi sokuphatha abadlali esinikwa yinhlangano ephethe ibhola emhlabeni iCaf.

UMathang ubalwa nama-agent ahamba phambili eMzansi. Kuyimanje nguyena ophethe izindaba zabadlali ababili abavutha bhe eNingizimu Afrika, uMonnapule Saleng noCassius Mailula.

Bobabili kubhekwe ukuthi babange umklomelo womdlali ovelele kuPSL uma sekusongwa isizini.

UThandi Merafe:

Ku-Orlando Pirates nguyena ophethe uphiko lwezokuxhumana. IPirates izihambela yodwa ezinkundleni zokuxhumana. UMerafe wenza isiqiniseko sokuthi eZimnyama zibukeka kangcono emphakathini. Le ntokazi yenza umsebenzi oncomekayo esikhundleni sayo. Ngonyaka odlule ize yaqokwa kuCaf ukuthi izosebenza ophikweni lwabezindaba ngesikhathi kunomqhudelwano i-Africa Cup of Nations eCameroon.

USinenjabulo Zungu:

Ufike kwezwakala esikhundleni esiphethe kuMaZulu Football Club. Isandla sakhe  sesiyabonakala oSuthwini. USinenjabulo uzalwa nguSandile Zungu ophethe iqembu. KuMaZulu nguyena oyisikhulu esiphezulu. Ngaphansi kobuholi bakhe iqembu livule isitolo sikanokusho eMoses Mabhida Stadium. Lesi sitolo sidayisa izimpahla zeqembu. Kuyimanje iqembu selishaya nge-app enayo yonke imininingwane ngeqembu. Ngaphezu kwalokho  uqhamuke nohlelo lokuvula amakilasi okufundisa abadlali ngezindlela zokonga imali.

Scroll To Top