Now Reading
Yagxamalaza inkunzi: Imidlalo yeBlue Bulls ingasukulunye
Dark Light

Yagxamalaza inkunzi: Imidlalo yeBlue Bulls ingasukulunye

Usuku lwakusasa ngoMgqibelo luzoba ngolunzima kakhulu eqenjini lombhoxo lasePretoria iVodacom Blue Bulls. Leli qembu eliqeqeshwa uJake White, lizokwenza into engakaze yenzeke emlandweni wombhoxo ukuthi iqembu lidlale ngosuku olulodwa emazweni amabili ahlukene.
Ngeledlule iVodacom Blue Bulls ihlule iqembu laKwaZulu-Natal iSharks emdlalweni obufana nowamanqamu weRainbow Cup, lo mdlalo obubanjelwe eJonsson Kings Park, Stadium uphele ngamaphuzu angama-34 kwangama-22.

Manje iVodacom Blue Bulls isizotholana kowamanqamu neBenetton Treviso okuyiqembu lase-Italy. Lo mdlalo uzobanjelwa eStadio Comunale di Moningo ngele-18:30. Leli qembu lidlala lo mdlalo nje nalapha eNingizimu Afrika lizobe linomdlalo weCarling Currie Cup eqala khona kusasa.

Emdlalweni weCarling Currie Cup ezikaWhite zizotholana phezulu nezimbangi zalo iDHL Stormers kozoqala ngelesine ntambama, lo mdlalo uzobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePretoria. UWhite uyena ozohamba neqembu aye e-Italy kuthi lapha ekhaya kusale uPine Pienaar alekelelana naye.
“Kuzoba usuku olunzima kakhulu kithina, kodwa okuhle ukuthi asinabo abadlali abaningi abalimele. Futhi-ke kuzofanele sibheke ukuthi ngubani esingamkhetha emaqenjini ethu ayibamba kuligi iCarlton League, lapho esinezinkulisa zethu. Lesi simo sisaze kudala ukuthi sizobhekana naso njengoba besilokhu sihlezi esicongweni kuligi yeRainbow Cup kuleli. Besazi ukuthi sizoshoda ngabadlali futhi silahlekelwe ngabadlali abayisikhombisa noma abayisishiyagalombili abasekhempini yeqembu lesizwe labaneminyaka engama-20. Akukhona nje kuphela ukuthi ilabo badlali abancane, siphinde salahlekelwa abambalwa abaseqenjini lesizwe elikhulu iSpringboks” kusho uWhite.

UWhite uthe uyamthemba uPienaar ukuthi uzokwenza kahle uma emshiya ekutheni aqeqeshe iqembu koweCarling Currie Cup, umchaze njengomuntu oqeqeshekile kakhulu futhi uyile wabuka imidlalo embalwa yeCarlton League.
“Isimo esibhekene naso sisinikeza ithuba lokubona abadlali abasha kanti abaqhamuka kuCarlton League, iqiniso le ligi inabadlali abenza kahle kakhulu. Uma sithola abadlali ababili noma abathathu, ngiyathemba sizokwazi ukubasebenzisa eminyakeni emibili emithathu ezayo. Okumele sikwenze kuwona womabili amaqembu ukuthi sizitshele ukuthi awukho umdlalo omncane noma omkhulu, kodwa iningi labadlali abanamava bazodlala koweRainbow Cup kuthi laba abancane bayibambe koweCarling Currie Cup” kusho uWhite.

Ukaputeni waleli qembu uCoetzee uthe uyazithemba ezakhe ukuthi zingabuya nayo indondo e-Italy. “Indlela esidlale ngayo emasontweni edlule ibikhombisa ukuthi sizogcina sifikile kowamanqamu alo mqhudelwano, ngiyazithemba ezami ekutheni zingawudla umhlanganiso. Kuyamangalisa impela ukuba neqembu labadlali abalambele ukunqoba kanje” kusho uCoetzee. Yize ezithemba ezakhe kodwa uthe ukungabibikho kwabadlali okubalwa uDuane Vermeulen kuzobagqilaza, kwazise phela uma uya empini udinga zonke izikhali zakho.

Imidlalo yeCarling Currie Cup kule mpelasonto ihlelwe kanje:

See Also

Namuhla

  • iPumas neGolden Lions eMbombela Stadium, ngele-19:00

Kusasa

  • iGriquas neNatal Sharks eTafel Lager Park, ngele-13:30
  • iVodacom Blue Bulls neWestern Province eLoftus Versfeld Stadium, ngele-16:00
Scroll To Top