Now Reading
Abantu abasha nokwakhiwa kwemigomo yezwe
Dark Light

Abantu abasha nokwakhiwa kwemigomo yezwe

Isimo sabantu abasha kuleli lizwe asisihle neze. Izinombolo ezisanda kuphuma ziveza ukuthi kubantu abasha abayishumi abayisikhombisa abasebenzi. Kanti izigidi ezintantu nezinkulungwane ezingamakhulu amathathu zabantu abasha abaneminyaka ephakathi kweshumi nanhlanu nabaneminyaka engamashumi amabili nane (15-24) abafundi, abasebenzi kanti abekho nasohlelweni oluthize lokuqeqeshelwa amakhono.

Lokhu kuyathusa ezweni elinabantu abasha abalinganiselwa kumaphesenti ayi-35.7. Abantu abasha bayikusasa lezwe ngakho kumele imigomo yezwe ibhekelele bona. Umbuzo ungathi, abantu abasha babamba liphi iqhaza okwakhiwe nasekwalusweni kwemigomo yezwe? Iqiniso lithi abantu abasha lincane kakhulu iqhaza abalibambayo kulokhu.

Intsha yeqembu iEFF

Isibonelo nje, sekuphele unyaka ibhodi lohlaka lokuthuthukiswa kwabantu abasha (NYDA) lingekho. Lokhu kwenza isimo sibenzima ukuqhuba umsebenzi wokuthuthukiswa kwabantu abasha kuleli lizwe. Uma ubheka iPhalemende laleli lizwe nakhona isimo asisihle ngoba uma ubheka inani labantu abasha noma selikhulile selokhu kwaqala umbuso wedemokhrasi kodwa aligculisi neze.

Abantu abasha abayikusasa lezwe babamba iqhaza elincane kakhulu ekuphathweni nasekubekweni kwemigomo yezwe. Uma ubheke ubuholi bamaqembu epolitiki bancane abantu abasha abangabaholi ezikhundleni zamandla. Emlandweni waleli lizwe abantu abasha babambe iqhaza elikhulu ekuguqulweni kwesimo sezwe. Akukwazi ukuthi uma izwe seliphethwe ngentando yeningi abantu abasha bangabambi iqhaza ekwakhiweni kwemigomo yezwe. Ngeke kuphikwe ukuthi leli lizwe liyakudinga kakhulu ukuthi abantu abasha babambe iqhaza. Lokhu kodwa kusenzima ngoba izikhundla zamandla kuleli lizwe zisaqhoqhobelwe abantu abadala.

Kubanzima kakhulu uma sizama ukubheka abantu abasha besifazane ngoba nalezo zikhundla ezikhona ezinikwa abantu abasha zinikwa abesilisa. Lokhu kwenze kube nzima ukuzwakala kwezikhalo zabantu besifazane abasha. Kanti nasezinhlanganweni noma ezinhlakeni zabesifazane inkinga iphinde kube ukuthi abantu besifazane asebekhulile yibo abaqhoqhobele amandla. Ukwenza nje isibonelo ohlakeni lwabantu besifazane lukaKhongolose (ANCWL) ubuholi buphethwe abesifazane asebekhulile. Noma imizamo yokwakha uhlaka lwabesifazane abancane iYoung Women’s Desk yenziwe kodwa lolu hlaka alukabi namandla abonakalayo.

Isimo sibi kakhulu kuKhongolose ngoba ngisho uhlaka lwabantu abasha (ANCYL) seluneminyaka lungenabuholi obukhethiwe. Lokhu kwenza kube nzima ukuthi abantu abasha bakwazi ukubamba iqhaza ekushayweni komgomo. Ubuholi benhlangano kuwo wonke amazinga buphethwe abantu asebekhulile. Kanti lesi sihlava asihlasele uKhongolose kuphela ngisho amaqembu ezepolitiki afana neDemocratic Alliance nawo noma abantu abasha bekhona kodwa ezikhundleni zamandla abekho. Kubi kakhulu kuDA ngoba sibona ukuqhathululwa kwalaba boHlanga abaholi.

Amaqembu anjengo-Economic Freedom Fighters nawo noma ubuholi bubukeka busebusha kodwa lesi sihlava sihlasele nakhona ngoba izwi labantu abasha alizwakali kahle. Sibone kule minyaka edlulile izidubedube zangaphakathi imiphumela yazo okube ngukuxoshashwa kwabasha abathile abebebukeka bengavumelani nobuholi.

Inkinga ke ilapho, uma abantu abasha bekhombisa ukungavumelani nabaholi abasemandleni iningi labo okungabantu asebekhulile, ibhantshi ligcwala umoya. Lokhu okuveza ukuthi emaqenjini amaningi akumele ube nombono ohlukile kulowo wobuholi obusemandleni. Kunzima ukuba umuntu omusha osendimeni yezepolitiki ngoba kumele uvume ukuphathwa abathize ukuze izwi lakho lizwakale.

Sibheka nje kula maqembu amathathu ngoba yiwo azihola eqhulwini ngezinombolo kulawo asePhalamende. Noma iso siliphosa ezinhlanganweni ezizimele ezisebenza ukunxenxa uHulumeni ngemigomo ethize nakho abantu abasha abatholakala ziphethwe amaxhegu nezalukwazi iningi lazo okungezabondlebezikhanyilanga.

See Also

AboHlanga abatholakali nangalukhalo, uma bekhona inani namandla abanawo mancane kakhulu. Leli lizwe likulambele ukuzwa izwi labasha boHlanga bebamba iqhaza ekuphathweni kwezwe, ekushaweni kwemithetho kanye nasekwakhiweni nokweluswa kwemigomo yezwe. Uma lokhu kuqhubeka, kusho ukuthini ngekusasa lezwe lakithi?

Ezinyangeni ezingengaki luyeza ukhetho loHulumeni Basekhaya,yini ezokwenziwa abantu okwenza isiqiniseko ukuthi lesi simo siyalungiseka. Abantu abasha bathatha indawo yabo,njengabaholi bezwe.Singasho ukuthi bangabaholi bakusasa kodwa bengabaholi bezwe manje.

Isimo saleli lizwe ikakhulukazi abantu abasha sibi kakhulu ukuthi abantu abasha bengaqhubeki bavune ukungabambi iqhaza ekuphathweni kwezwe. Abantu abasha ngoba sike sasho ngaphambilini sikhuluma ngaboHlanga, abakwazi ukuqhubeka ukuba izibukeli emdlalweni okungabe bayawudlala.

Isebandla indaba ngakho ke abantu abasha abayicubungule.Isimo sibi, sidinga abazophakamisa izandla zabo ukusilungisa.

Scroll To Top