Now Reading
UMsunduzi ugubhe usuku lwentsha ngokuthuthukisa intsha kwezamabhizinisi
Dark Light

UMsunduzi ugubhe usuku lwentsha ngokuthuthukisa intsha kwezamabhizinisi

Izibalo zakamuva ezikhishwe ngabakwaStatistics South Africa (Stats SA) zithi intsha eneminyaka eli-15 kuya kwengama-24 ingama-63,3% engasebenzi. Bese abaneminyaka engama-25 kuya kwengama-34 ingama-41,3% engasebenzi. Cishe ivangeli elishumayelwa iNingizimu Afrika yonke kulesi sikhathi samanje ukuba intsha ifike namaqhingasu bese ingena kwezamabhizinisi. Kubukeka engathi noMsunduzi uhamba kulelo vangeli.

NgoLwesibili uMsunduzi ugubhe usuku lwentsha ngokumema intsha ehholo lenhlokodolobha enamabhizinisi bazo cobelelelana ngolwazi nokuthi uMasipala ungabathuthukisa kanjani. UMsunduzi ugubhe lolu suku ngoLwesibili ngoba ngoLwesithathu bekuzoba noMengameli uCyril Ramaphosa edolobheni nokuyilapho eligubhele khona lolu suku.

Echaza ngenhloso yalolu hlelo uNkk uSibongile Mchunu waseHhovisi likaMeya uthe babone kumqoka ukuthi intsha izokhangisa iphinde ibe nengxoxompikiswano ngamabhizinisi. “Simeme intsha yaseMsunduzi ekwezamabhizinisi, nalabo esikwazile ukuthi sibalekelele sibambisene noNYDA ngokubaqeqesha ukuthi baqale amabhizinisi emvakwalokho iNYDA wabalekelela ngokuthi ibaxhase ngokwezezimali, esiphinda sikwenze ukukhangisa amabhizinisi abantu abasha ukuthi azeke, ngoba sikwazile ukuthi sibaqalise kodwa okumqoka ukuthi baqhubekele phambili,” usho kanje.

Uqhube wathi okumchazayo ukuthi intsha inamabhizinisi anhlobonhlobo cishe angafani wonke. Amanye amabhizinisi abekhangisa ilabo abapotapotanayo, abanye abanakekela izilwane, abanye abashuthayo, abanye abakhanda amakhompuyutha kanye namaLaptops.
Uqhube wathi lokhu bakwenza ngokuhambisana nesiqubulo sangowezi-2021 esithi akuthuthukiswe imsebenzi eyenzeka emphakathini, nokuyingxenye yalo msebenzi abawenzayo. “Ngenxa yemigomo yokhuvethe sinqume ukungamemi abantu abaningi kepha simeme labo abasha esabalekelela bese siphinde sithole ukuthi iziphi izinkinga abahlangabezana nazo khona sizokwazi ukuthi eliphi igxathu ekumele silithathe kusuka la. Ingakho sibe sesimema noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho Wendawo wakhona eMsunduzi khona sizobambisana ukuba siyidudule intsha yethu ibe namabhizinisi amakhulu,” usho kanje.

Uthe inhloso yokugqugquzela intsha ukuthi ingene kwezamabhizinisi eMsunduzi iyona ndlela abalwa ngayo ukulwa nokwantuleka kwamathuba omsebenzi ezweni. “Sifuna intsha ikwazi ukuzimela, ingaqashwa kepha ibe ngabaqashi, esikuthokozelayo ukubona ukuthi enye intsha yethu isinabo abantu ebaqashile. Okusichazayo ukuthi umuntu wafika enomqondo nje webhizinisi kepha manje usekwazi nokondla eminye imndeni. Isifiso sethu ukuthi emphakathini yethu kube nemisebenzi bangezi bonke bayogcwala edolobheni kepha umnotho uphenduke nasemphakathini,” usho kanje.

USomlomo wamakhansela eMsunduzi uNkk u-Eunice KaMajola Zondi obe yingxenye yalolu hlelo ezobona ukuthi intsha ikhangisani exoxisana neBAYEDE engxoxweni ekhethekile uthe; “Ngifisa ukubona intsha yaseMsunduzi izibandakanya nazo zonke izinhlelo eziba khona ikakhulukazi ezidalwa uHulumeni ukuze bezoba ingxenye yokuthuthukiswa komnotho wendawo noma wedolobha. Okumnandi ngokuba intsha ukuthi unendima ekumele uyilime okungukuzithuthukisa yona uqobo lwayo.”

See Also

Uqhube wathi ukwantuleka kwamathuba omsebenzi kuyahambisana nokuthi intsha ayinawo amakhono, wathi kungumthwalo wabo ukuthi bahlinzeke intsha ngolwazi noma namakhono ukuze ikwazi ukuvula amathuba emsebenzi. “Ngesikhathi sokhuvethe izakhamuzi eziningi zilahlekelwe imsebenzi njengoMasipala sinomsebenzi wokulekelelana nentsha ukuze izakhamuzi ziphinde zithole imisebenzi. Lokhu sizokuzuza ngokuthi sibaphe amakhono. NjengoMasipala kumele sisebenze ngokuzikhandla ukuze intsha yethu izoziqhenya ngoMasipala wayo,” usho kanje.

Uthi uhlezi enogqozi ngentsha ingakho noma wayesenguSihlalo weKomiti Lezokuthuthukiswa Komphakathi wayelokhu enesifiso sokuthi kwakhiwe indawo intsha ezokwazi ukuhweba khona. Wathi kuyamthokozisa ukuthi uMasipala wakhe iYouth Enterprise Park eMbali.
ISikhulu Esiphezulu eHhovisi leMeya uMnu uSiwelile Zimu uthe; “Kuyasithokozisa ukuthi eMsunduzi sekunekomiti lentsha eliholwa uKhansela uNtuthuko Ntshangase elidingida izindaba zentsha eMsunduzi, lokhu okuqalayo ukwenzeka njengoba laqokwa ngoMandulo nyakenye. Lelikomiti ilona elizosifaka uswazi uma singenzi kahle njengezisebenzi zika Masipala.”

Waqhuba wathi; “Okokuqala kusabelomali sikaMasipala kufakwa imali yentsha, njengoba yatshelwe izigidi ezi-R5. Sibone kumqoka ukuthi kuqale kuthuthukiswe labo abebesizakele ukuze bezodala namathuba emsebenzi ngoba vele amabhizinisi abo aseyasebenza. Ngonyaka ozayo kuyasithokozisa ukuthi uNYDA uzoba namahhovisi ezakhiweni zikaMasipala.”

Scroll To Top